zulu.2136.soccer
BONA ZULU – August 2006
Umqhudelwano onzima
ONGUSIHLALO we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza uye abhekane nenkinga yokuthi yini okufanele yenziwe lapho izinto zithanda ukuba nzima. Kodwa kukhona izinyathelo asezithathile ngaphambi kokuqala komqhudelwano we-Africa i-African Champions League njengoba eqashe umqeqeshi omusha onguMilutin Sredojevic waseSerbia ovale isikhala esivuleke ngokuhamba kukaPapic.
I-Pirates yiyo ezomela iSA kulo mqhudelwano wakulo nyaka obophele amaqembu angu-8, kanti kube ngokokuqala ngqa ukuba leli qembu lifinyelele kuleli zinga lamafayineli alo mqhudelwano kusukela eminyakeni elishumi eyedlule.
I-Pirates okuyilona kuphela iqembu laseSA ukuwina le ndebe yakwelase-Africa yomklomelo ophezulu, iqhathwe ne-Enyimba yaseNigeria, iHearts Of Oak yaseGhana ne-ASEC Abidjan yase-Ivory Coast esiwuwine kabili lo mqhudelwano.
Kusemqoka ukuthi iBucs iqhubeke nokuzimisela uma ifuna ukuba ngoshampeni base-Africa.
Lo mqhudelwano wase-Africa obophele amaqembu angu-8 - ayisikhombisa awo asake aba ngoshampeni. Umbuzo omkhulu ngothi ngubani oyophumelela ukubamba oshampeni balo mqhudelwano i-Al Ahli?
NJENGOBA elase-Egypt lisathokozela ukuwina i-African Nations Cup, elinye lamaqembu alo nalo likhombisa enkulu impumelelo njengoba kuyilo eliwine iligi yakuleliya lizwe lingazange lehlulwe ngisho nakowodwa umdlalo isizini yonke.
Leli qembu linabadlali abangu-9 ababedlala eqenjini lesizwe elisanda kuwina iNations Cup - i-Al Ahli yiqembu elinokuzethemba elisabambelele erekhodini lalo lokungehlulwa ngisho nakanye kusukela ngoJune 2004.
Kwi-group ye-Orlando Pirates iqembu elivuthayo yi-Enyimba njengoba lawina iChampions League ngo-2003 nango-2004. I-Pirates ngeke bahlangane ne-Enyimba kuze kube sekugcineni kwemidlalo yale-group phakathi noSeptember njengoba iPirates izoqala umkhankaso wayo lapha ekhaya.
Umdlalo wayo wokuvula ngaphansi kukaGroup B iyowudlala ne-ASEC Abidjan, nokuyiqembu abalehlula kwifayineli ye-Champions Cup ngo-1995.
I-ASEC ne-Hearts Of Oak amaqembu ashayekayo njengamanye nokuyinto enika iPirates ithuba elihle lokufinyelela kuma-semi-final uma bezilungiselele kahle.
I-champions League izovulela abadlali abafana noBenedict Vilakazi – uma eyobe eseluleme ekulimaleni, Lebohang Mokoena, Jabu Mahlangu noLelo Mbele ithuba lokuzibonakalisa ezwenikazi lase-Africa.
UKhoza uthi i-Orlando Pirates ingaba ngoshampeni base-Africa.
“Ngikholwa wukuthi ikilabhu isinalo ikhono elizokhomba ukuba ngomakhonya ebholeni lakuleli nokuyinto engahamba indima ende kuye kube ngale komqhudelwano weNdebe yoMhlaba ka-2010,” kusho yena.
“Lena iyona nselelo edinga ukuzilungiselela ngokomzimba kubadlali, nezindlela ezizosetshenziswa, kanjalo nokuzilungiselela ngokomqondo,” kusho uKhoza ekhuluma nabadlali bakhe.
“Ikhono eninalo lanisiza ukuba nehluke nibe yingxenye yabayingcosana abake bagqoka ijezi lePirates.
“Ukuzinikela kwenu negalelo lenu empumelelweni yekilabhu, yikho okuzonenza nibhekane nale nselelo ngempumelelo.
“Leli qembu linamandla ngaphezu kokwehluleka kwalo. Ngiyazike ukuthi akekho noyedwa ozimisele ngokwehluleka.”[z]
NGENHLA KWESOKUDLA: U-Irvin Khoza ongusihlalo we-Orlando Pirates.
KWESOKUDLA: Ngabe uBenedict Vilakazi uzobe eseluleme ngesikhathi sale midlalo?
KUDE KWESOKUDLA: Isikhwishikhwishi sePirates esinguJabu Mahlangu.
NGENHLA KUDE KWESOKUDLA: Kumnandi ukubukela uLebohang Mokoena edlala.
Ukhombisa ithalente elimangalisayo. ULelo Mbele wePirates edlula nebhola kuBongani Cashibe weTembisa Classic.
IPirates
yithemba
lethu
u
BONA ZULU – August 2006
Ngabe eziMnyama zizosenza siziqhenye eSA kwi-African Champions League?
indaba nguMARK GLEESON
izithombe ngabeTOUCHLINE PHOTO
t
UVilakazi ukudlala kwakhe kungenza iPirates oshampeni base-Africa.
“Leli qembu linamandla ngaphezu kokwehluleka kwalo”
IMIDLALO YE-PIRATES:
lJuly 18:
EGoli:
v ASEC Abidjan
lJuly 30:
E-Aba:
v Enyimba
l August 12:
EGoli:
v Hearts Of Oak
lAugust 26:
E-Obuasi:
v Hearts Of Oak
lSeptember 10:
E-Abidjan:
v ASEC Abidjan
lSeptember 17:
EGoli:
v Enyimba
Amaqembu amabili kwangenhla azofinyelela kuma-semi-final azobhekana namabili aphezulu ku-Group A ngo-October.
