zulu.2128. lesego
Wahehwa yingelosi
ULesego Motsepe we-Isidingo washiya intatheli inkemile, wayidlisa isobho le-butternut. Funda uzizwele ngokwakho...indaba nguPule wa Sekano
UMA usangene ungadla ngisho nesobho le-butternut. Angilithandi isobho le-butternut, angizwani nhlobo nalo kanti angikaze ngicabange ukuthi ngiyoke ngilizame leli sobho... kodwa ngazithola ngihleli nendishi yalo phambi kwami.
Ngezwa nokuthi kufanele libe nombala ophuzi ngokuzothile libe sakhilimu uma lenziwe kahle. Kumele lihlotshiswe nge-teaspoon likakhilimu ne-parsley eqotshisisiwe.
Ngangingazi nokuthi ngiyoke ngiwabhale phansi amagama athi "isobho le-butternut" empilweni yami - kodwa ngagcina sengithole neresiphi yokulenza.
Udinga ama-butternut amabili aphakathi nendawo, i-apula elilodwa, o-anyanisi ababili abaphakathi nendawo, u-50g webhotela, ikota ye-teaspoon ka-curry powder, u-40g we-cake flour, ibinzana le-ground nutmeg, amaqhuzu amabili e-chicken stock, u-500ml wobisi ne-teaspoon elilodwa nohhafu likasawoti...
Kodwa ngicabanga ukuthi bambalwa abangaba nesithako esimqoka kakhulu okuyisona esenza ukuba leli sobho libe mnandi ngendlela emangalisayo emhlabeni - isithako esinguLesego Motsepe.
Yangiheha yangishiya ngididekile
le ntokazi.
Uma ubheka kwisichazamazwi sakho sesiNgisi ukuthi leli gama lisho ukuthini, uzothola isithombe sikaLesego eduzane kwalo.
Ngabe yini okwakumele ngiyibuze kulesi sihlabani esibalwa kubadlali bokuqala abafika kwiSidingo ngesikhathi siqala eminyakeni engu-10 edlule nesidlale isiqephu saso sokugcina ngoSeptember 26" Okwakungihlanganise naso kwakungukuthola ukuthi empeleni lo Lesego esesijwayele ukumbiza ngoLettie Matabane ungubani - kwakungafanele ukuba ngimgqolozele (ngidle isobho le-butternut).
Ngabe kwakufanele ukuba sidingide udaba lwezilingo zokwenyama" Izinkinga kwezikaqedisizungu" Imibono yakhe nge-global warming, ukuvikelwa kokudla, ngoRobert Mugabe nangomdlavuza webele"
Ngadideka. Wayephambi kwami ebeke indishi yakhe yesobho le-butternut phambi kwakhe elinde mina ukuba ngivule umlomo.
Ake sizwe ukuthi wawuqala kanjani umsebenzi wakhe...
"Ngikhulele emndenini owawusikhuthaza ukuba siphumele obala ngesikufunayo ngokubhala izinkondlo nezingoma," kusho uLesego.
"Ngisakhula kwakungijabulisa ukuba yingxenye yomcimbi engangizocula noma ngidanse kuwona. Ngaqala kanjaloke. Ukuba yingxenye yemidlalo yeshashalazi neyeTV kungiphatha kahle."
Ngo-1990 wadlala okokuqala kwiTV. Wayedlala kwiHorizons.
Kwadalwa yini ukuthi avivinyelwe ukudlala kwiSidingo"
"Ngabona kuyithuba elihle lokuba yingxenye yomndeni onsundu onothando, okhuthaza ukwakheka kwezimilo, onganothile nokwazi ukuthatha izinqumo," kusho yena.
Okwamthatha kakhulu ngomlingiswa ayemlingisa wubumnene bakhe. Kodwa uLesego ungumuntu okwaziyo ukuzimela.
Usanda kukhethwa yinkampani yeziphaqulo ukuba yisihlabani sayo esizoyikhulumela ezinhlelweni zomphakathi. Ukuhlolwa komdlavuza webele ukuze utholakale isikhathi sisekhona kubalwa kulezo zinhlelo.
"Abamnyama babengakhulumi ngamabele noma ngomdlavuza wawo ngokukhululeka emphakathini," kuqhuba yena.
"Sesifikile isikhathi sokudingida lezo zihloko ukuze kusizakale abesimame."
Kuyacaca ukuthi uyahambisana neyokuqwashisa ngomdlavuza webele, ngabe uthini ngokuphinga nokungathembeki othandweni" Sesikujwayele lokho emidlalweni yothando, ngabe le midlalo - nabadlala kuyona - "bayayikhuthaza" le mikhuba emphakathini" Waphendula ngokucophelela. "Nina zintatheli nivame ukusifunza amagama," kusho yena.
"Abantu abasothandweni kuyenzeka bahlangabezane nalezi zinkinga - bayazinqoba noma zibe ngaphezu kwamandla abo." Iphuzu lakhe liyezwakala. Imidlalo ayenzi ukuba abantu baphinge, ibeka isithombe sempilo ephilwa abantu.
Kodwa uMotsepe akathandanga ukungitshela ukuthi ngabe yena wake waphoxeka yini othandweni - noma kwakhona amphoxayo.
Kodwa ngafunda kwezami ukuthi ngeke akwenze lokho uLesego okhuthaze mina ukuba ngi-ode isobho le-butternut. Akabukeki engumuntu ongaphoxa.
Uma uxoxisana nomuntu oyisihlabani uyazibuza ukuthi ngabe ukutshela amanga yini noma ukutshela iqiniso ngempilo yakhe.
Kodwa sonke sizama ngawo wonke amandla ukwakha isithombe esihle ngathi uma sikhuluma nabantu.
Ngabe waphumelela kanjani kule mboni abaningi abangaphumeleli kuyona. "Ngeke ngibakhulumele abanye abantu ngoba angizazi izinselelo ababhekana nazo. Ngivame ukutshela abalingisi abasafufusa ukuthi mabahlome ngolwazi benze izifundo eziphathelene nokulingisa," kusho yena. "Kungenzeka kubukeke sengathi ngaphumelela kodwa izinjongo zami azikapheli."
Ngathola nokuthi uLesego wenza izifundo ze-drama eFederated Union Of Black Arts naseTshwane University Of Technology kanti maduze nje uzodlala emdlalweni kaZakes Mda.
Indishi yesobho lami le-butternut yasala ingenalutho nengelosi ehehayo yangishiya... [z]
ABANTU BAKITHI
ABENZI BOBUBI
Le ntokazi ikukhonzile ukufunda kanti ezinye izincwadi ekhonze ukuzifunda zingabamangaza abanye, kodwa inayo incazelo ngokuzifunda kwayo.
"Phakathi kwezincwadi engizifundayo, eziningi zikhuluma ngabantu abanjengoHitler, Idi Amin, Robert Mugabe nabanye abantu abanonya. Laba bayisifundo kwabanye,"
kusho yena.
