zulu.2122.yourman_motoring
IHAMBA PHAMBILI
Iphilile, yakhiwe kahle, isifike qathatha! Sihlole emgwaqweni entsha iHyundai i20
YAKHIWA kwelaseNdiya, lolu hlobo lwemoto iHyundai i20 izothengisa njengayo iGetz okungeyenkampani eyodwa. I-i20 ibiza ngokuthe xaxa kodwa engu-1,6 litre inamandla athe xaxa ngo-20% kunaleyo yakamumva eyi-1,6 Getz.
I-i20 inobuntofontofo nezinto eziphephile ezimangalisayo ezazitholakala ko-Mercedes nako-BMW eminyakeni eyishumi eyedlule.
Ngaphandle kwamafasitela asebenza ngogesi, amabhuleki e-ABS ne-air-conditioning, kanjalo namabhuleki ngemumva nangaphambili, izipikha eziyisithupha zomsakazo one-Bluetooth, MP3 nezinto zokuyilawula imoto ezisesitelingini, i-remote yeminyango nebhuthi kanye nekhomphyutha ekhombisa isimo sezulu ngaphandle, ikhombise ukudleka kwamafutha ikutshele nokuthi azophela ebangeni elingakanani, izihlalo okwazi ukuzinyusa kufike lapho uthanda khona - nezibuko ezisebenza ngogesi ezikwazi ukufudumala zisuse isithwathwa nenkungu.
I-Hyundai i20 yakhiwe kahle inendawo eningi ngaphakathi.
Le moto encane eyi-1,4 ibiza R149 900 eyi-1,6 ibize R159 900.
Okunye okuhle ngayo, ihambisana nesiqiniseko seminyaka emihlanu ebangeni elingu-150 000km nesiqiniseko sohlelo lweminyaka emithathu ebangeni elingu-60 000km emva kwamakhilomitha angu-15 000.
Njengoba imboni yezimoto ibhekene nobunzima, kodwa abakwa-Hyundai babika ukuthi ukuthengiswa kwezimoto zabo kwenyuka ngo-2008.[z]
Indaba nesithombe: Gavin Foster
5 IZELULEKO ZOKUTHENGA IMOTO ENDALINI
Ukuthenga imoto endalini kungakongela imali eningi - cishe engu-30% enanini elijwayelekile, kodwa amathuba okuthenga imoto embi maningi kunokuba usebenzisane nomdayisi wezimoto osenegama.
1. Qiniseka ukuthi okuthengiselayo endalini ungaphansi kwenhlangano yochwepheshe njengabe-South African Institute Of Auctioneers abazokweseka uma kwenzeka imoto yakho yebiwa noma eyalimala yabuye yakhandwa.
2. Isimo sezimoto ezisendalini siyehlukahlukana, ngakhoke yihlole uyibheke kahle imoto uhlele nokuba uzihlolele yona emgwaqweni uma kwenzeka.
3. hamba nomngani onolwazi ozokusiza akweluleke ezinkingeni ezingaba khona.
4. Cela ukubona i-logbook ukuze ukwazi ukubona ukuthi imoto ayibhalisiwe njengo-Code 3 noma Code 4 nokusho ukuthi yalimala yaphela yase ivuselelwa.
5. Cabanga ukuthi iyiphi imoto ofuna ukuyithenga endalini, nokuthi uzimesele ukukhokha malini bese uyeka ukubhida uma imali yedlula leyo obuyihlelile.
EZEZIMOTO
