zulu.2121.free
Yomisa izingubo ngokukhulu ukushesha!
I-Tevo’s DriBuddi ixazulula izinkinga zakho ngezinsuku zokuwasha ngisho ngabe liyana izulu. I-DriBuddi ikwenza ukwazi ukomisa izinto ezingu-18 zokugqoka ngesikhathi esisodwa kanti isebenzisa amaphesenti angu-30 kagesi kwasetshenziswa yi-tumble dryer.
UBONA unamahampa amabili abiza R2 000 iyinye onikezela ngawo. Ihampa ngayinye inemikhiqizo yakwaTevo eneDriBuddi. Ungazithengela iDriBUDDI ebiza R499,95 kwaGame, Dion, Makro, Pick n Pay Hypermarket, Builder’s Warehouse nakwaBuilder’s Express noma kwabakwaTevo abatholakala kule nombolo: 0861-77-88-88.
Ukuze ungenele owokutonyulwa, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini, uyithumele kuleli kheli: BONA/DriBUDDI Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060 noma uSMSe DRIBUDDI ku-35919.
Izinwele ezinhle ezicwebezelayo
Ukuze ube nezinwele ezinhle ezicwebezelayo, sebenzisa iSulfur8 Shampoo ne-Conditioner. I-shampoo formula ye-Sulfur8 ihlanzisisa iswakamise ikhanda phansi, igcine izinwele zakho zihlanzekile futhi ziphilile, ekubeni i-Sulfur8 Original Formula Treatment Conditioner iyaziswakamisa izomise izinwele ezonakele. Manje kungcono ngoba usuyayazi imfihlo yezinwele ezithambile nezinhle!
Sinamahampa esinikezela ngawo angu-20 abiza R200 iyinye. Bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini - kwi-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Sulfur8 Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060 noma uSMSe SULFUR8 ku-35919.
imititilizo
BONA ZULU – July 2007
OKWAMAHHALA! Iphakethe leSunlight Washing Powder kuBONA olandelayo
Yilwa nezifo!
Ama-Linctagon-
C anambitheka
kamnandi kanti futhi aqukethe izithako ezivuselela ukusebenza kwamasosha omzimba ukwazi ukuvikeleka nasezifweni eziningi ngokushesha. Ama-Linctagon-C akuvikela ekuphathweni amathansela, i-sinusitis nokufa kwasemadlebeni, ilwe nanoma yini engezwani nomzimba wakho kanjalo nokushisa komzimba.
Sinamaphakethe amabili eLinctagon-C namaphakethe e-Linctagon Throat Lozenges esinikezela ngawo kubafundi abangu-40. Ukuze uzibeke ethubeni lokuziwinela iphakethe, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini, uyithumele kuleli kheli: BONA/Linctagon-C Giveaway, Private Bag X1030, Lyttelton, 0140 noma uSMSe LINCTAGON ku-35919.
Usuku lokuvala ngumhlaka: 31 July 2007
(I-SMS ngayinye ibiza R3.)
Lungiselela umzimba wakho ukulwa namakhaza asebusika
Ubusika busizela namakhaza asenza sihlale sihleli ndawonye sizifudumeza nabomndeni, abangani nabantu osebenza nabo - nokuyinto eyenza kube lula ukuthelelana ngezifo. Kubantu abaningi imikhuhlane ibenza bangaphatheki kahle abanye bagcine ngokulala esibhedlela. Ukuze amasosha akho omzimba ahlale ephilile, phila impilo ekahle usebenzise ama-supplements ukuze ulungiselele umzimba wakho isikhathi sobusika. Ama-supplements akwaFoodState enzelwe ukuba amunceke kalula ukuze akunike futhi impilo.
UBONA unamahampa angu-10 abiza R400 iyinye onikezela ngawo. Ukuze uziwinele eyodwa, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini, uyithumele kuleli kheli: BONA/FoodState Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060 noma uSMSe FOODSTATE ku-35919. [z]
Izipho zika-R16 000
BONA – August 2005
