zulu.2115.lettersjul
OWINE R100
BONA ZULU July 2008
Abesilisa abalwe nokuhlukumeza
Kubuhlungu ngoba njalo emaphepheni sihlale sifunda ngokudlwengulwa, ukubulawa nokuhlukunyezwa kwabesimame nezingane - nokuyinto eyenziwa abantu besilisa.
Mina njengowesilisa angikuthandi neze lokhu. Ngithanda ukunxusa bonke abesilisa bakuleli ukuba sonke sihlanganeni silweni naleli chilo.
Yithina okufanele sivikele abesimame nezingane zethu ngoba yibo abasinakekelayo. Asibaphatheni ngenhlonipho sibanike uthando olubafanele.
Awuyona indoda uma ushaya unkosikazi wakho uhlukumeza nezingane zakho. Indoda enjani esatshwa wumkayo nezingane zayo. Uma sinezinkinga masihlaleni phansi sibonisane ngazo.
Ukuthula kwabesilisa abangahambisani nakancane nalokhu, kufanele kuphele. Masisukume sisho ngazwi linye sithi: “Ngeke kwenzeke egameni labesilisa. Thina singabesilisa abanothando!”
Goitsimodimo Molusi, Rustenburg
I-BEE mayisebenzele nabampofu
Njengoba ngonyaka ozayo sizobona uhulumeni omusha, ngicabanga ukuthi kungakuhle ukuba sibukeze inqubo-mgomo yeBlack Economic Empowerment esinayo manje.
Uma izinhloso zeBEE kungukuxosha indlala - kufanele siqiniseke ukuthi lezi zinhlelo ziyiswa kulabo bantu abangenamathuba ezindaweni zasemaphandleni nasemalokishini.
Okubuhlungu wukuthi kuzuza labo bantu abangafanele ngoba bexhumene nabezombusazwe.
Phineas Matjeding, Witbank
Okunye ngeBlack Empowerment
Mina njengomuntu waseSA oziqhenyayo, ngicabanga ukuthi ngeke i-black empowerment ibe yimpumelelo uma nathi singashintshi indlela esicabanga ngayo.
I-BEE ngumqondo omuhle ngasohlangothini lukahulumeni kodwa kukuthina ukuba siyenze isebenze. Lokho siyokwenza ngokufunda ukuba sizenzele izinto ngokwethu, kunokuba sihlale sisonge izandla silindele ukuba senzelwe.
Usizo lukhona, kodwa futhi kufanele kube yithina esiphuma siyolufuna. Lolo sizo luzozuzisa labo abazimisele ngokusebenza kanzima.
Asingabi nawo umona ngabantu esibabona bephumelela ngosizo lweBEE bese siyabagxeka sibabeke amabala - esikhundleni salokho asikhuthazeke ngokuphumelela kwabo bese nathi sizisungulela awethu amabhizinisi.
Umona wabantu abangamavila ukhubaza izwe lethu. Masiyekeni umona sibhukule sizisize ukuze siphumelele.
Busisiwe Siyothula, Umlazi
Sonke sikhubazekile
Emva kokufunda udaba ngomdlali wethenisi ohamba nge-wheelchair oshicilelweni lwenu lukaJanuary, ngavuleka amehlo.
Ngingasho ukuthi sonke sikhubazeke ngezindlela ezingalingani - kuphela wukuthi okunye ukukhubazeka kucace bha kanti okunye ngeke ukubone!
Ngithanda ukuthi emphakathini wakithi: “Bafowethu nodadewethu masibamukeleni abantu abakhubazekile. Ngothando lwethu bangakwazi ukuba baphile impilo enhle.
MS, Elandsdoorn
Indlela yokuqeda udlame
Singaluqeda udlame ezweni lethu ngokufunda ukuhloniphana. Uma uzihlonipha, uyokwazi ukuhlonipha abanye abantu - nabo bakuhloniphe futhi.
Uma uzihlonipha uyokwazi ukuyeka ukuziphatha kabi wena nabanye ngobugebengu nangezidakamizwa.
HM, Rustenburg
Bhukula uphumelele
Ngabe ufuna abanye abantu bakubuke bakweye ngenxa yokungaphumeleli? Bhukula kokwenzayo uphumelele.
Lokhu kuzokwenza ukuba abantu bakuhloniphe. Khumbula - impumelelo ihambisana nobunzima - incika kakhulu ekuzimiseleni nasekuzikhandleni.
Nakuba indlela ebheke esicongweni sempumelelo ihlale iwumqansa inzima, kodwa kuhle lapho usufinyelele esicongweni usubuka phansi lapho uphuma khona.
Mzuvukile Maya, St Albans
Ziqhenye!
Awukhu-bazekile noma ukhubazekile - amukela indlela oyiyo. Zethembe.
Uma wehlelwa yinto embi, ungalokhu uthi: “Kungani mina?” Kuvumele okwenzekile uthi - “Bese kufike isikhathi.” Izinkinga ohlangabezana nazo empilweni, zithathise okwezinselelo ezizokwenza uqine.”
Uma wehlelwa yinto enhle, yithi: “Ngiyabonga” kulowo okholelwa kuye.
Zethembe ukuze uphumelele kokufisayo.
MM, Mokopane
Ukungazi kuyasibulala
Kubuhlungu ukubona abantu abasha bebulawa wukungabi nalwazi. VUKANI! Yekani ukuzikhohlisa, niphika nibe nazi - nibeka impilo yenu neyabanye engcupheni. Masingazikhohlisi sibe silazi kahle iqiniso.
Siyabulela Mpikwa, Polar Park
NGITHANDA ukukhuthaza abantu abadala ukuba bathuthukise imfundo yabo ngokuba babhalise ezikhungweni zemfundo yabadala eziseduze kwabo.
Ngiphase uGrade 12 ngineminyaka engu-53 nokuyinto engijabulise kakhulu.
Ake nikuzame lokhu, nizobona ukuthi bazokhuthazeka kanjani abantu abasha lapho bebona abazali babo (omkhulu nogogo) befunda ngokuzinikela - nabo sebelindele ukuphuma kwemiphumela njengabo.
Khumbulani ukuthi imfundo ayikhulelwa.
MM, Duduza
Nawe ungakwenza
Izeluleko ezinhle…
IziNcwadi
ZWAKALISA UVO LWAKHO
Bhalela kuleli kheli: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni, 4060
• fax: 031-912-2720 • e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
UvoLwakho
Q Ngabe kukhona okwenziwa uhulumeni kuleli lizwe?
YEBO. “Ziningi izinguquko esezenziwe. Manje nginebhizinisi lami, ngidayisa uswidi ezitaladini.
Pascoal Manyise, Pimville
CHA “Izinto ziyabiza. Kufanele ukuba ngabe siphila impilo engcono kakhulu kunalokhu.”
Noliwa Mafa, Orlando East
CHA. “Inkohlakalo idlangile, imisebenzi ayikho. Lo hulumeni uzama ukulungisa umonakalo manje kodwa lokho ngeke kusasiza ngalutho.”
Siyabonga Matiase, Pimville
CHA. “Bebenza kahle kodwa manje izwe sebelibuyisela kwelaliyikona ngaphambi kokhetho. Ugesi, amanzi nokudla kuyabiza.”
James Banda, Pimville
CHA. “Akwanele lokhu uhulumeni osukwenzile ngoba awuzibhekeli izidingo zabantu baleli lizwe.”
Karabo Mohlahlo, Pimville
BONA ZULU July 2008
CHA. “Bazicabangela bona. Abantu ababelwela inkululeko abatholi lutho.”
Maria Khumalo, Soweto
CHA. “Umongameli uThabo Mbeki akezwa. Imigomo yakhe yezomnotho iyalibulala izwe lethu.”
Lindiwe Khumalo, Protea Glen
CHA. “Akukho abakwenzayo. Leli lizwe linothe kabi, kuningi abangasenzela kona. Kodwa abenzi lutho.”
SM, Pimville
CHA. “Ziningi izethembiso abazenza. Basithembisa imfundo yamahhala nezindlu. Kodwa abenzi lutho.”
Ntombifuthi Ngcobo, Soweto
YEBO. “Kukhona imigomo abazibekele yona kanti kukhona asebekwenzile njengokwakha izindlu – kodwa kusafanele basebenze.”
Kagiso Motsamai, Pimville


BONA ZULU July 2008
IziNcwadi
Funda ukonga imali
Eish, Anginayo imali. Lokhu sihlale sikuzwa. Abantu bakithi abakwazi ukonga imali nokubenza bahlale bengenayo njalo emva kancane kokuhola.
Uma singanciphisa ukusebenzisa kwethu imali sizifundise nokuyonga, ngeke silokhu sikhala ngokungabi nayo.
Thabo Thulo, Senekal
Akusho ukuphela komhlaba
Ngikholwa wukuthi ukufa akusho ukuphela komhlaba. Esikhundleni salokho, wukuqala kwesinye isigaba sempilo.
Uma umuntu esedlulile emhlabeni, into engcwatshwayo wumzimba wakhe kuphela hhayi umoya wakhe.
Ngithanda ukusho lokhu ngikubhekise ikakhulu kulabo okuthi uma izinto zingabahambeli kahle bese becabanga ukuzibulala. Ukufa kuyozifikela ngesikhathi sakho - ngakhoke ungakujahi. Ukuzibulala akusiyo indlela yokuxazulula izinkinga zakho.
Mphikeleli Mahlangu, Lotus Gardens
ITHIMBA LABABHALI
BONA WEBSITE
www.bona.co.za
IHHOVISI ELIKHULU
(DURBAN)
19-21 Joyner Road, Prospecton
Box 32083, Mobeni, 4060
Ucingo: 031-910-5745;
Fax: 031-912-2720
E-mail: bona@dbn.caxton.co.za
UMhleli OMkhulu: Chris Burgess
UMhleli Owengamele: Lorna King
Umsizi woMhleli: Patricia McCracken
UMhleli wesiZulu: Manqoba Dlamini;
Zanele Mbatha
UMhleli wesiSuthu: Lerato Zulu;
Moeketsi Letsohla
UMhleli wesiXhosa: Dumisani Ntshentshe;
Neliswa Mzimba
UMhleli Ohluzayo: Marie Gurr
Umqondisi wezobuciko: Jozia Lorek
Abahlela izithombe: Jenny Weideman;
Clive Thompson; Kyle Young
UNobhala: Barbara Zulu
JOHANNESBURG
Caxton House, 368 Jan Smuts Ave,
Craighall, Johannesburg, 2001
Ucingo: 011-889-0600
UMhleli: Force Khashane
INtatheli: Steven Makhanya
IZINKINGA EKUKHANGISENI
JOHANNESBURG
368 Jan Smuts Avenue, Craighall, 2196
Ucingo: 011-293-6000
Fax: 011-789-9656
DURBAN
19-21 Joyner Rd, Prospecton, 4110
Ucingo: 031-910-5700
Fax: 031-902-8829
CAPE TOWN
36 Old Mill Rd, Ndabeni, 7405
Ucingo: 021-530-8600
Fax: 021-531-3795
CLASSIFIEDS
Tel: 011-293-6076
E-mail: logang@caxton.co.za
IZINKINGA EKUTHOLENI IBHUKU
Paul Smith Ucingo: 011-248-3500
Fax: 086-627-8591
E-mail: mags@rnad.co.za
IZINKINGA ZOKUTHUNYELELWA IBHUKU NGEPOSI
Box 725, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-473-8700
Fax: 011-474-5479
NGEMINCINTISWANO NEMITITILIZO
Busisiwe Motlhasedi
Tel: 011-449-1033
E-mail: busisiwem@caxton.co.za
UKUTHUNYELWA
KWEZINDABA
Indaba ungasithumelela nge-e-mail ethi: bona@dbn.caxton.co.za noma uyithumele kuleli kheli: BONA Submissions, Box 32083, Mobeni, 4060
