zulu.1135.heaven
USIZO LOMPHEFUMULO
UMfundisi uGeorge ukunikeza izimpendulo zokomoya ezinkingeni zakho
Ngithandana nendoda eshadile
Ngithandana nomyeni womuntu naye futhi uyangithanda. Sesake sazama ukuqeda lolu thando kodwa silokhu sibuyelana. Ngingaphuma kanjani kulolu thando?
JK, Qwaqwa
Dear JK: Kuhle ngoba ufuna ukwenza into efanele. Yeka ngokushesha ukukhuluma naye. Lokho kusho ukungaxhumani ngocingo, ama-e-mails nokunye.
Kuzokuba nzima kodwa lokho kuzokusiza ebuhlungwini benhliziyo kusasa.
Ubani owaziyo naye mhlawumbe uzobona ukuthi kukhona cishe onaye.
Ngisize ngithole isonto elingenakho ukuhleba
Sengilahle ithemba esontweni ngoba konke engikubonayo wubugebengu nokonakala. Isonto lokugcina engangiyilunga lalo laliziphatha budedengu izimali, umfundisi wakhona ethandana nabantu besimame kukhona nokuningi ukuhlebana phakathi kwamalungu ebandla.
Kodwa sengibonile ukuthi sengikhumbule ukukhonza UNKULUNKULU nabanye abazalwane. Ngizolithola kanjani isonto elikahle?
Joe Sebatie, Polokwane
Dear Joe: Kunganzima ngendlela osubone ngayo. Akusibo bonke abantu ababiza igama leNkosi ngokweqiniso. Kodwake uma kukhona abaqambi bamanga nabantu abangamaqola - bakhona futhi nalabo abakhonza ngokweqiniso.
Kungeke kube lula ukuthola umfundisi oqotho ngokuphelele kodwa uzomthola omnene. Endaweni yangakini uzolithola isonto. Kungenzeka lingabikho eduze kwakwakho, kodwa lizokusiza uMazi kangcono UNKULUNKULU. Bekezela, iNkosi Izokusiza ukuba ulithole elikufanele.
Ngiyabazonda abamhlophe
Abazali bami babulawa ngezikhathi zobandlululo. Kusukela lapho angiphindanga ngakwazi ukubhekana nabamhlophe. Ngisho nanamuhla kuningi okungahambisani nobulungiswa nokucwasana okungikhumbuza indlela abazali bami abafa ngayo.
Ngingalwa kanjani nalolu laka olungaphakathi kimina.
Mary Ngema, Soweto
Dear Mary: Ngisho nabazali bakho, nawe uqobo naningakufanele lokho. Abantu ababulala abazali bakho bayidicilela phansi impilo yakho - ungabavumeli bacekele phansi inamuhla lakho nekusasa lakho. Abadingi ukuxolelwa, kodwa wena kufanele ukhululeke. Ukungaxoleli kungubuthi. Okuyiyona ndlela yokubuyisela impilo yakho, wukuba uxolele. Njalo lapho uxolela, NGUWE ozikhululayo.
Cela UNKULUNKULU Akusize, thandaza ukuba Abusise nalabo abakona. Njalo uma uzwa ulaka lwenyuka, bakhulekele. Lokhu ngokwakho ungabona kungeke kukusize, kodwa ngoNKULUNKULU uzosizakala.
Kufanele ngithandaze kanjani
Ngithanda ukufunda ukuthandaza. Kufanele ngiqale kuphi futhi ngithini?
Judith, Sebokeng.
Dear Judith: Ukukhuleka yinto elula ongazihlanganisa nayo. UNKULUNKULU useduze nawe. NguJesu owasifundisa ukuba siMbize ngoBaba. Kufanele ukhulume Naye njengoba usuke ukhuluma nomngani. Qala ngokuMbonga ngakho konke okuhle empilweni (ungabheki izinto ezimbi). Khululeka UNKULUNKULU Uyakuthanda.[z]
Akayi ocansini ngenxa yokuKholwa
Umkami wangenza ngajoyina ibandla okwase kuphele izinyanga eziyisithupha elihamba. Nami ngavuma. Sasiya esontweni sibambene ngezandla. Kodwa manje leli bandla selifaka umkami umqondo wokuthi kubi ukuya ocansini.
Ngabe kunjalo, ngabe umkami unalo ilungelo lokunqaba ukuba siye ocansini?
PK, Durban
Dear PK: Ukuya ocansini yinto eyadalwa. Njengayo yonke into, kungenzeka kungenzeki ngendlela noma kusetshenziswe budedengu. Indoda nenkosikazi kufanele baluthokozele ucansi ngaphandle kokuba namahloni (Genesis 2:25). Empeleni ngokweBhayibheli, isikhathi eningahoxa ngaso ngesokuzila nesokukhuleka
(1 Corinthians 7:1-5).
SONDLA UMPHEFUMULO
Njalo lapho ulaka lukhula ngapha-kathi kuwe, thanda-zela labo abako-nile
Write to
Pastor George:
Heavenly Help,
Box 473014,
Parklands, 2121
