zulu.2111.lettermay
Yisikhathi senhlonipho
Imingcwabo kuqala yayithathwa njengesikhathi sokuzila nesosizi. Umngcwabo kwakuyisikhathi sokukhombisa inhlonipho nokuqala ukubhekana nosizi lobuhlungu bethu ngesikhulu isizotha. Namuhla, imingcwabo isithathwa njengesikhathi sokuzidumisa emaphathini.
Make sibuyise usiko lesithunzi nesizotha emingcwabeni.
MM, Lesotho
Izincwadi
Ewine R100
Sonke sinecala
OMUNYE wodokotela bengqondo wathi: "Uma umuntu eqala ehlangana nobugebengu, uyabuzonda, kodwa uma kunokuxhumana nabo, uyabenza agcine ngokubuthanda."
Izinga lobugebengu ezweni lethu liphezulu ngokumangalisayo - okubuhlungu wukuthi ubugebengu , yilobo obuhambisana nodlame.
Mina ngokwami ngibona ukuthi: "Sonke sinecala - uma ngithi 'sonke' ngisho uhulumeni, amaphoyisa nomphakathi wonke wezwe lethu.
Uhulumeni unecala ngoba kubukeka ungazimisele nakancane ukwenza okuthile ukuqeda ubugebengu.
Iningi lezikhulu zamaphoyisa ezweni lethu liyazinikela ekutheni libambisane nabombutho weSAPS. Benza konke okusemandleni abo phezu kwezingqinamba ababhekene nazo.
Kodwa futhi kukhona labo abasebenzisana nezigebengu ngokuba bantshontshe amadokodo, badayise ngezibhamu nokunye okuningi okubhebhethekisa isimo sobugebengu emphakathini wethu.
Amalungu omphakathi akhuthaza ubugebengu ngokuthenga izimpahla ezintshontshiwe, angazibiki izenzo zobugebengu ezikhulwini zamaphoyisa.
Masilweni nobugebengu ngokudalula izigebengu emphakathini wethu.
Mphikeleni Mahlangu, Phase 5
Masikhulume ngocansi
Abazali bethu benza konke okusemandleni abo ukusifundisa ukwehlukanisa okuhle nokubi. Kodwa futhi basenamahloni okuxoxisana nathi ngezocansi.
Uma uke wakhuluma ngegama "ucansi", kubona usuke ususho enkulu inhlamba.
Kodwa noma kuphi sihlale sizwa abanye abazali bekhuthaza ukukhuluma ngokukhululeka ngezocansi. Kungani bona besaba"
Bazibandakanya nalokhu lapho sesisezinkingeni..
M Moya, Port Elizabeth
Kubo bonke abantu bakuleli
Masiyeke ukulokhu sikhala, sisola uhulumeni - masizinikele ekusunguleni amathuba emisebenzi.
Nganginesifiso sokuqhuba izifundo zami, kodwa ngeshwa umndeni wami wawungenayo imali. Angizange ngililahle ithemba, ngasebenza kanzima. Namuhla sengingusomabhizinisi wesimame onenkulu impumelelo.
Ngisho nangesikhathi abangani bami bengigcona bezama ukungidukisa, ngaqhubeka. Ibhizinisi lami ladlondlobala lisuka ekwenzeni amabhengela obuhlalu kuya ekwenzeni amakhethenisi, izindwangu zetafula nezikhwama.
Manje senginenkampani yami yokwakha.
Yekani ukulokhu nikhala bantu bakithi - vukani!
AZ, Dibeng
Ngabe uNkulunkulu usilahlile e-Africa"
Izimpi zomkhaya, ukubulalana nokukhwabanisa - ngezinye zezinto ezikhomba amandla kasathane ezweni lase-Africa.
Maningi amazwe angenakho ukuzinza ngokwesimo sokuthula. Abesimame nezingane bayahlukunyezwa.
Umbuzo omkhulu esidinga ukuzibuza wona ngothi: "Ngabe uNkulunkulu usesiphendukele e-Africa""
Izingqalasizinda zethu zemvelo ziya ngokushabalala, nezwekazi lethu seliphumile emzileni wobuntu. Ngabe ubuphofu nezimpi kuzophela"
Ngaphandle kokungenelela koMoya oyiNgcwele, kuyacaca alikho ithemba ezwenikazi lethu.
Umzabalazo uyaqhubeka!
MM, Soweto
BONA ZULU - May 2007
Zwakalisa uvo lwakho:
bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor,
Box 32083, Mobeni,
4060, South Africa
i-fax: 031-912-2720
i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
u
Izincwadi
t
Yekani ukuxhaphaza izimoto zikahulumeni
Njalo ngihlale ngibona bexhaphaza izimoto zikahulumeni. Kukhona okudingeka ukuba kwenziwe ngalokhu.
Kujwayelekile ukubona abasebenzi bakahulumeni besebenzisa izimoto zikahulumeni bezisebenzisela izidingo zabo. Lezi zimoto zenzelwe ukusiza umphakathi, kodwa amaphoyisa azisebenzisela izidingo zawo kuphela njengokuya emaphathini nokuyothenga izidingo zemindeni yawo.
Kudingeka kube khona indlela yokujezisa laba bantu. Nathi njengomphakathi, masikubike ukuxhashazwa kwezimoto zikahulumeni. Lena yimali yethu yentela abayixhaphazayo.
Papikie, Koringpunt
Iseluleko esihle
BONA ZULU - May 2007
(1) Engqondweni yakho zitshele ukuthi uzophumelela ukufeza amaphupho ozibekele wona. Zibekele imigomo yokuphila ngokwamaphupho akho.
Ngisho ngabe yimaphi amaphupho akho empilweni, kodwa kubalulekile ukuwafeza.
Umcabango uvala igebe phakathi kwalapho ukhona nalapho ufisa ukuba uye khona.
Ngokucabanga nje kuphela, uyakwazi ukubona ukuthi yonke into ilula ukufezeka.
Uma uzicabangela okuhle empilweni, noma kanjani uzokufeza uma uzinikele.
Lebogang Mpudi, KwaXuma
(2) Hlonipha abazali bakho. Ungaqambi amanga kubona noma untshontshe izinto zabo. Yibo abakunika impilo, manje banike inhlonipho abayidingayo.
AD, Ekangala
Isilwane esiyingozi kunazo zonke
Kuzo zonke izilwane ezikhona emhlabeni, abantu yibona abayingozi. Siyingozi hhayi ezilwaneni kuphela kodwa kwabanye abantu abafana nathi.
Yithina kuphela izilwane ezidlwengulayo ziphinde zibulale, zihlukumeze abantu besimame nezingane ezingakwazi ukuzivikela.
Sizikhohlisa ngokuthi siyathandana kodwa ngaphakathi sigcwele inzondo emangalisayo, nezinye izinto ezimbi.
Vukani South Africa! Ngabe iyona nkululeko esasiyilwela lena"
Makhosonke Mkhaliphi, Piet Retief
Khombisa ukuba nozwelo
UKUGXEKA abaqwayizi ngabe kungukukhohlwa ukuthi nabo bangabantu. Uma sikhohlwa yilokhu, nathi kukhomba ngokusobala ukuthi sifana nalabo ababathatha njengezigqila zocansi. Kufanele futhi sikhumbule ukuthi iningi labantu besifazane laphoqeleka ukuzifaka kulo msebenzi.
Iningi labo liyadlwengulwa, lishaywe noma lesatshiswe ukuze lenze lo msebenzi.
Abanye baphoqwa yisimo somnotho ukuze bakwazi ukuthola okuncane abazokwazi ukondla ngako imindeni yabo.
Masikhombise laba besimame uthando,
Andrew Noge, Alexandra North [z]
QAPHELANI
BAFUNDI bethu siyethemba ukuthi niqaphelile ukuthi imali yebhuku lethu isikhuphuke kancane yaba ngu-R7,45. Lokhu kuchaza ngokusobala ukuthi sizonilethela uBONA obukeka kabusha oqondile emgogodleni lapho kuhlangana khona amakhasi nowenziwe ngephepha elingcono.
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
