zulu.2110.world
Uza kabi
U-IN-Cha Hsu intombazane eneminyaka engu-11 yenza izimanga emculweni eSA.
Inhloso yale ntombazane eyazalelwa eThekwini wukushintsha indlela abantu abacabanga ngayo mayelana ne-violin.
I-albhamu yakhe yokuqala iViolin Superstar yaphrojuswa abaqokelwa ama-Grammy uCed Kays noWill Briggs kwelaseMelika kanti inezingoma le ntombazane edlala kuzo nabakuleli - uDanny K, HHP noDJ Tira nabanye.
BONA ZULU – May 2008
UMHLABAWETHU
Usefikile
I-albhamu yakhe yokuqala iThe First Prince izobeka uMalatji waseLimpopo eqophelweni eliphezulu emculweni.
UNelson Mandela no-Albertina Sisulu ngesikhathi kuvulwa umbukiso iParenting A Nation wokuhlonipha uWalter Sisulu ongasekho nomkakhe
u- Albertina Sisulu.
Ezalapha nalaphaya
Intokazi entsha
Sinethulela uBusisiwe Motlhasedi oyi-Marketing And Promotions Co-ordinator entsha yakwaBONA nokunguye ozonilethela imincintiswano nemititilizo.
Izinhliziyo ezimnene
Izicathulo zakuleli ezenziwe ngesandla ezinamaribhini e-AIDS kwi-sole seziyathengisa ezitolo ezingu-700 emhlabeni ukuqwashisa ngalesi sifo e-Africa. Imali eyotholakala iyosiza izintandane nasezinhlelweni zokudla.
Omunye wezingqalabutho zakuleli u-Archbishop Tutu wethula inkulumo yokuvula.
u
Ngenela manje
Ngabe ukuGrade 11 noma ukuGrade 12 unothando lokubhala? Ngenela i-Oxford Award yabe-Oxford University Press Southern Africa.
Ungaziwinela ama-laptop, PCs, izincwadi namahampa ezingubo ze-Levi’s.
Kufanele ube kuGrade 11 noma 12 wenze isifundo sesiNgisi.
Indaba ayibe namagama aphakathi kuka-350 no-400 ubude uma ukuGrade 11 nangu-400 kuya ku-450 kuGrade 12.
Nazi izihloko:
■ Climate change
■ Cash cars and cellphones
■ I will do it my way
■ Biting back – dealing with crime
■ My ideal dinner guest
■ President for a day
Shayela uNiki Anderson noma uDanielle Kansley: 021-596-2300.
BONA ZULU – May 2008
UMHLABAWETHU
‘Namanje ngisafunda!’
NAKUBA esesebenze isikhathi eside kwiMetro FM, kodwa namanje uWilson Bafana Nkosi uthi kuningi asakufunda kulo msebenzi wakhe awuthatha njengesikole esifundisa ngempilo. “Kuningi engisakufunda ngempilo nokusakaza,” kusho yena.
Waqala ukusebenzela lesi siteshi eminyakeni engu-22 eyedlule ngesikhathi siqala ukusakaza kanti kumanje usakaza uhlelo lwasekuseni ngeSonto iSounds And Stuff Like That.
UWilson uthi kwakuvele kuyiphupho lakhe ukuba ngumsakazi kanti wathola ugqozi kubantu abafana nongasekho uCyril Mchunu weRadio Zulu noDavid Gresham weSpringbok Radio.
Emva kokuqeda isikole, wabhalela abeSABC efuna umsebenzi.
“Bangiphendula bathi awukho kodwa kukhona isiteshi esizovulwa maduze,” kusho uWilson.
Leso siteshi kwakuyiMetro FM. “Ngesikhathi sisungulwa ngo1986, ngaphumelela kuma-auditions ngathola umsebenzi. Inhloso yami enkulu kwakungukuthola umsebenzi hhayi ukuba wusaziwayo,” kusho kuncokola uWilson.
■WARREN MABONA
◄Lo methuli wezinhlelo zomsakazo akakashadi kodwa futhi akekho ezinhlelweni zothando. “Yonke into yenzeka ngesizathu, ngiyoshada uma sekufike isikhathi,” kusho uWilson B.
Ubuhle eKyalami
KWAKUNGUBUHLE bezithuthuthu, umculo nabesimame eKyalami…
UNhlanhla Mthembu, Edna Molefe noYvette Katane.
UThabo Setsumi, Bongi Kubheka noSeboka Maphiri.
UYvonne Jeffreys, Hloni Loate noJessica Botes.
u
t
Zaziduma!
Umculi we-afro/jazz uLira kwethulwa iSunsilk eGoli.
Basebenzisane noBONA
Nakhu okunye okwakwenzeka ngesikhathi sithwebula ifeshini yabesilisa noGift Gwe eSochila eDiepkloof Ext…
Umthwebuli wethu wezithombe u-Ivan Naude yinkakha yomthwebuli esithwebule ezengqephu iFashion Week ngisho neSurvivor eMalaysia.
BONA ZULU – May 2008
UMHLABAWETHU
UBUYE NGEZINKANI
Nakuba ehlangabezane nobunzima empilweni kodwa uDiego Maradona usevuke wazithatha njengoba simbona edlala emdlalweni wokuqoqela abantu abakhahlanyezwe yizikhukhula eBolivia.
Uchwepheshe wokucwalwa kwezinwele uFaith Seuoe esiza uGift emlungisa izinwele ngaphambi kokushuthwa.
Ifeshini kadoti
Izikhwama zikapulasitiki azisasetshenziselwa udoti kuphela njengoba ochwepheshe bezefeshini besanda kukhombisa umhlaba embukisweni wefeshini eMelika ukuthi bangayenza ifeshini ngodoti.
Nanti ithimba elenza lo msebenzi wethu waphumelela - kusuka kwesobunxele ngemumva: UThulani Hlongwane waseSochila, Siphiwe Mokwebo, Sifiso Zwane, Vusi Zondi, Sphiwe Mhlongo noyi-marketing manager uMogomotsi Moitsiwa; ngaphambili: abangani baGift uLebo Molusi noNtokozo Mthembu, Gift, uMarina Walsh noFaith Seuoe.[z]
