zulu.2109.yourstyle_beauty
Izindlela zokufaka izinkophe zokufakelwa
kalula
STEP 1: Qiniseka ukuthi iso lakho lihlanzekile alinayo i-make-up enowoyela ngoba uma kunjalo i-glue yezinkophe ngeke inamathele esweni.
STEP 2: Khetha umbala omesha izinkophe zakho ubude bezinkophe zokufakelwa bufanelane nobuso nosayizi wamehlo akho.
STEP 3: Faka i-glue yezinkophe kwezokufakelwa, ungayifaki kakhulu. Indlela ekahle yokuyifaka wukuputshuzela i-drop ye-glue kuphisi wephepha noma kwi-tin foil, faka isihloko se-toothpick kwi-glue ugcobe ezinkopheni.
STEP 4: Zibuke esibukweni uqale ufake izinkophe, qala ngaphakathi ekhoneni esweni. Zicindezele ngokucophelela zisondele eduze kwezinkophe zakho zemvelo.
STEP 5: Uma izinkophe zakho sezomile, sebenzisa i-eyelash curler uhlanganise izinkophe zokufakelwa nezemvelo.
STEP 6: Uma usuqedile, faka i-eyeliner – ungakhohlwa yi-mascara. Khetha ibhrashi elifanele, elingeke lone izinkophe zakho kodwa elizohlanganisa ezemvelo nezokufakelwa. [z]
▲Clarins Wonder Length (R215).
EZOBUHLE
Izinkophe zokufakelwa
Ubuhle bakho abupheleliswa yi-make-up kodwa bupheleliswa yizinkophe ezinde
◄Izinkophe eziqinile ezimnyama, ezigcwala zize zifike ekupheleni kweso: (R122).
IZINHLOBO ZEZINKOPHE ZOKUFAKELWA
■ Strip lashes: Lezi zithengwa sezilungele ukufakwa kanti zifakeka ngokushesha. Zivame ukufakwa kanye kusihlwa.
■ Separate flaring lashes: Lezi zifana nezemvelo. Zincane zimfishane kanti zengeza ubuhle ezinkopheni zakho.
■ Individual lashes: Lezi ezinde ezihamba ngazodwana zandisa izinkophe zemvelo. Khetha umbala omnyama no-dark brown.
IZELULEKO
■ Izinkophe zokufakelwa ungazisusa kalula ngokuzidonsa ngobunono. Kodwa kuhle usebenzise i-eye make-up remover.
■ Khetha i-mascara yakho ngobuhlakani, khetha engathakiwe nge-alcohol ngoba ethakwe ngayo yomisa izinkophe.
◄Revlon Cream To Powder Eyeshadow (R135)
◄Colours Auto-Eyeliner Pencil (R12,99), Foschini.
1. Izinkophe eziqoqene ezibhlu, green nezimnyama ezinamachopho ayi-zigzag (R55).
2. Izinkophe ezinezimpaphe ezimnyama ezincane ngaphezulu (R95).
3. Izinkophe ezihlakazekile ezi-dark brown (R55).
▲Izinkophe ezimnyama ezihlotshiswe ngembali enokubomvu nokusagolide: (R75).
▲Izinkophe eziyizimpaphe ezinombala obhlu nomnyama kanye no-green. Kuxutshwe ezimfishane nezinde: (R95).
Indaba: Lethu Nxumalo
Izithombe: Peter Whitfield
■ Lezi zinkophe sizithole kwaMakeover Central. I-Website yabo ithi makeovercentral.co.za. Ucingo: 011-326-1525.
