zulu.2107.yourworld_entertain
UKUNGCEBELEKA KWABANSUNDU
Ukungcebeleka kwami
I-Bahama Pub neRestaurant (noma iZiba Park) KwaThema eSprings yindawo enoShisa nyama, i-car wash, isaluni yezinwele nepaki.
AMAQINISO
■ Kuvulwa ngo-8 ekuseni kuvalwe ngo-8 ebusuku phakathi nesonto - ngezimpelasonto kuvulwa ngo-8 ekuseni kuvalwe ngo-2 ekuseni.
■ NgemiGqibelo nangamaSonto yizinsuku ezinhle zokuvakasha lapha: ungashiya imoto yakho e-car wash uzi-odele inyama bakubhrayele yona lapho uhleli ulalele umculo weR&B ne-house (ngemiGqibelo) noma i-jazz ne-Afro jazz (ngamaSonto).
■ Kugqokwa ngendlela ezothile, amateku awavunyelwe ngokongumnini wale ndawo uBra Ziba.
■ I-Bahama Pub and Restaurant iku-10632 Kgaswane Street, KwaThema eSprings.
■ Shayela ku-0ll 083-952-9102 ukuze ubhuke noma nangolunye ulwazi.
UMCULO
KULE NYANGA: Umculo wamaphathi woDJ bakuleli ngesikhathi samaholidi
Electro Candi 2 (ihlanganiswe ngoDJ Chynaman, Euphonik, Franky noRicardo Da Costa)
Kulandela impumelelo ye-Electro Candi Vol.1 eyathengisa yafinyelela ezingeni le-platinum, lezi zihlabani zomculo we-house yeSoul Candi sezikhiphe i-albhamu yamaCD amane. Ngisho nalabo abazi kancane ngalolu hlobo lwesigqi (electro grooves) nendlela esithakwe ngayo bazokwazi kungani le-albhamu kufanele ube nayo noma kanjani. Ezizokuhlaba umxhwele ngezifana nezithi She Walks Alone nethi Circles ecwecweni likaChynaman nezithi Flying High nethi Your Friend kweka-Euphonik.
Es’khaleni 6 (DJ Cleo)
Imicu evutha uphondo ye-house eboshelwe kule-albhamu kaDJ Cleo entsha. Ephambili ngethi Ndizayitsha Lemali, edlalwa kakhulu emisakazweni eyenza abaningi bakhulume, icasule nabesimame bakwaXhosa. Mzimba Shaker ibophele umethuli wezemidlalo uBaba Mthethwa.
The Second Tick (DJ Clock)
Lo DJ oqokelwe kumaSAMA uphuma kude njengoba kwathi eneminyaka engu-22 wabe esenama-albhamu amabili. I-albhamu yakhe yakamumva ethi The Second Tick ikhombisa ubuciko bokuthakwa ngobuchule baphesheya kanjalo nabaculi bakuleli. Le ngoma kaShugasmax ethi Monate So okuboshelwe kuyo uJR iphuma phambili kanjalo naleyo kaClock ayishaya ngokubambisana noBrickz Umanyonyoba.
SIBUKEZA AMA-DVD
KULE NYANGA: Sikulethela amaDVD abaculi
Obsessed
Abadlala phambili: Beyonće Knowles, Idris Alba
Ubude: 1 ihora 48 imizuzu
UBeyonće udlala indawo kankosikazi onesikhwele wemenenja enempumelelo uDerek Charles (Idris Alba) ekhushulelwa esikhundleni esiphezulu emsebenzini. Lo mdlalo uqala ngesikhathi ongumsebenzi wetoho enkampanini yakhe eqala emesabisa ngokudicilela phansi impilo yakhe ayakhe kanzima.
This Christmas
Abadlala phambili: Chris Brown, Columbus Short, Regina King
Ubude: 2 amahora
Umfana olungileyo waphenduka waba nguChris Brown wathatha umzila omuhle ngomdlalo wakhe kaKhisimusi. Lena yindaba yomndeni wakwaWhitfield ngeholidi lawo lokuqala ndawonye eminyakeni emine. Uma umndeni omkhulu uhlangana, kuhlale kunolukhulu uhleko nokuxabana nokuyenza kube yifilimu emnandi.
Smokin’ Aces
Abadlala phambili: Alicia Keys, Common, Taraji P Henson
Ubude: 1 ihora 49 imizuzu
Umculi weR&B u-Alicia Keys waqala ukudlala emafilimini edlala indawo kaGeorgia Sykes umbulali ongenanembeza. Kwathi lapho usomahlaya ehlela ukufakaza kwelokugebengu obuhleliwe bathembisa ukuklomelisa ozomvimba. UGeorgia naye usejoyina ababulali abaqashiwe ukuba bamfune bamthole. Kukhona nom ‘rapper uCommon odlala okokuqala.[z]
FUNDA, UBUKE, UPHUMULE
ISonto lami
Umculi womculo wokholo nongumfundisi uJabu Hlongwane ukhuluma ngokukhetha isonto eliyilo
Isonto: Crosspower Ministries, Sandton eGoli
Umfundisi: Jabu Hlongwane
Inkonzo yangesonto: 1pm
Uliqale nini ibandla lakho?
Ngo-August kulo nyaka ngangiseGrace Bible Church isikhathi eside, kodwa kwaba wubizo lukaNKULUNKULU ukuba ngisungule leli bandla, nami ngakwenza lokho.
Ngabe kungukungethembeki ukushintsha amabandla?
Akukubi uma unezizathu ezizwakalayo, ukwenza isibonelo - uma usuka kuleyo ndawo noma ungasagculisekile kungasekho okuzuzayo kulona.
Kodwa uma ungumuntu oshintsha amasonto ngoba enqena ukuba nesibopho, lokho akulungile.
Yini umuntu okufanele ayibheke esontweni?
Ukuxhumana noNKULUNKULU. Isonto futhi kufanele libe yisisekelo seBhayibheli hhayi imali. Inhloso yamasonto wukukukhulisa ngokoMoya, ngakhoke bhekani amasonto amanga anganizuzisi ngokomphefumulo.
Umbona kanjani umfundisi okahle?
Kufanele uqale ukhokhelwe nguMoya oyiNgcwele, ngakhoke kufanele ukuthandazele ukuthola umfundisi okahle. Makube ngumuntu ozisingatha njengomholi woqobo. Akufanele kube ngumuntu olungabazayo ulwazi lwakhe lweBhayibheli.
AbeCrosspower Ministries batholakala ku-135 North Road, Sandown, Sandton eGoli. Ngeminye imininingwane shayela: 011-793-2128.
Nihlanganiselwe nguNtokozo Maseko
