zulu.2094.legendsjul
UKhufu - noma uCheops, njengoba ama-Greek akudala ayembiza - iyona ndoda eyathi makwakhiwe iGreat Pyramid yase-Egypt...
IZINKULUNGWANE ngezinkulungwane zeminyaka ngaphambi kokuba uJesu azalwe, isizwe sabantu abamnyama sasihlala eduze komfula iNile siziphilisa ngokulima. Sahlaselwa singalindele sihlaselwa esama-Arab siphuma empumalanga. Emva kwezimpi ezimbalwa - nokubulawa kwabantu - isizwe sabamnyama sasuka kule ndawo.
Iqhawe elalihola lolu fuduko yinkosi eyayaziwa ngokuthi uNguni kanjalo nesizwe sakhe saziwa ngokuthi esabaNguni. Sahamba saze safinyelela eSA lapho safike sazinza khona.
Isizwe sama-Arab esabasusa endaweni yabo sahlala eduze kwale ndawo saba ngabantu base-Egypt okungabanye babantu abaqhamuka nempucuko ngesikhathi saseMandulo.
Umbusi ononya
UKhufu akafani nomkhulu wakhe uDjoser Netjeriket, nobaba wakhe uSneferu bobabili abakhumbuleka njengababusi ababenozwelo. Yena wayenesihluku, amaGreek ayembiza ngoCheops kanti wabusa iminyaka engu-24.
Nakuba iGreat Pyramid eduze kwaseCairo kungenye yezindawo zodumo emhlabeni, kodwa kuncane kakhulu okwaziwayo ngomlisa okunguye owathi mayakhiwe.
Umbhali wezomlando wesizwe samaGreek weminyaka yo-450BC uHerodotus, emva kwamakhulukhulu eminyaka yokubusa kukaKhufu, wathi inkosi yafaka izwe lase-Egypt "kuzo zonke izinhlupheko."
Kwenye yezindaba ikhuluma ngokuhlangana kukaKhufu nosomlingo ogama lakhe nguDjedi owayethi ukwazi ukuvusa umuntu ofile.
UKhufu wathi makulethwe isiboshwa kuyena ukuze asibulale bese uDjedi ayasivusa.
Ngokwesabela ukuphepha kwakhe, wakwazi (uDjedi) ukuba enze uKhufu amvumele ukuba akhombise amandla akhe ngedada nokungumlingo owenziwa kakhulu ngedada noma ngenkukhu nokuyinto namuhla evame ukwenziwa abantu bemilingo esteji.
I-pyramid
I-Great Pyramid ingezinye zezinqolobane zomlando ezinkulu ezinendawo yokuhamba phakathi, amathempeli amabili, ama-pyramid amanye amancane, indawo yezikebhe (enezikebhe ezigqitshwe ngaphakathi) nezinye izakhiwo.
Kwakunedolobha labasebenzi futhi eduze kwalesi sakhiwo esikhulukazi, amathuna, amabhikawosi nefemu kabhiya. Maningi amanye amabhilidi agcina etholakele.
Ngesikhathi sokwakhiwa, iGreat Pyramid yayingamamitha angu-147 ukuphakama, kodwa ngenxa yokuguguleka okudalwa yimimoya yasogwadule cishe isingamamitha angu-139.
Phansi, uhlangothi ngalunye lungubude obungamamitha angu-230. I-Great Pyramid yaqale yaphothulwa ngamabhuloki aphambili enkwali emhlophe epholishwayo.
Lokhu kwakwenza lesi sakhiwo sibenyezele ngokukhanya kwelanga nangokukhanya kwenyanga kanti kwakuthiwa singabonakala ezintabeni eningizimu ye-Egypt endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-300.
Ngeminyaka yama-14th Century, ukuzamazama komhlaba okukhulu kwawisa amatshe amaningi kulesi sakhiwo, kwathi ngokuhamba kweminyaka amaningi (amatshe) akhishwa kwakhiwa ngawo izindawo zokukhonza nezinqaba endaweni eseduze yaseCairo.
Kunezigaba ezintathu ngaphakathi kwiGreat Pyramid. Isigaba esiphansi kunazo zonke sinqanyulwe yidwala nokuyilapho i-pyramid yakhelwa khona kanti yiso esikhulu kunazo zonke ezintathu, kodwa asiphelile.
Esiphakathi nendawo noma "IsiGodlo seNdlovukazi," yisona esincane esingamamitha ayisithupha aphindwe kahlanu.
Ngabe uKhufu wangcwatshwelwa kwi-pyramid? Umzimba wakhe awuzange utholakale kanti nakuba kukhona ibhokisi lokungcwaba elingenamzimba endaweni yeNkosi ngaphakathi kwi-pyramid, kodwa akucaci ukuthi lake mhlawumbe lasetshenziselwa ukungcwaba.
Yakhiwa kanjani
Ochwepheshe bezokuhlolwa kwamatshe nabo abakazi ukuthi i-pyramid yakhiwa kanjani. Kodwa uma ungenasiqiniseko sokuthi bangaki abasebenzi abasetshenziswa ekwakhiweni kwale ndawo, awucabange ngendlela yezibalo:
2 400 000 (amatshe asetshenziswa esewonke) ÷ 20 iminyaka (isikhathi esicatshangelwa ukuqeda lo msebenzi) ÷ 365 izinsuku zonyaka ÷ 10 amahora okusebenza ngosuku ÷ 60 imizuzu ehoreni = 0,55 amatshe/umzuzu.
Lokhu kusho ukuthi, ngisho bengaziwa abasebenzi abaphothula lo msebenzi ngesikhathi esasibekiwe, cishe kwakubekwa ibhuloki elilodwa esikhathini semizuzu emibili, amahora angu-10 ngosuku, izinsuku ezingu-365 ngonyaka, iminyaka engu-20.
Usosayensi uJoseph Davidovits waqhamuka nolwazi oluthokozisayo ngalokhu. Wathi amabhuloki e-pyramid akuwona amatshe omgede, kodwa aluhlobo oluthile lukakhonkolo wenkwali emhlophe.
Ukhonkolo omanzi wawuthathwa uyiswa lapho kwakwakhiwa khona, ufike ugxishwe ezintweni zokhuni ezazibaziweyo. Ezinsukwini ezimbalwa ezilandelayo, wawusuwomile.
Kwakungadingeki abantu abaningi ukuba bakhiphe amabhuloki, futhi kungadingeki ngisho amashizolo okuwenza akwazi ukungena ezikhaleni zawo ngokusho kukaDavidovits.
Okuthokozisayo okusanda kutholakala wukuthi, kukhomba ukuthi akuzange kusetshenziswe izigqila kulo msebenzi, njengoba abaningi becabanga kanjalo, kodwa kwakungabesilisa ababengabasebenzi.
Babebhaka izinkwa, bedla izinhlanzi, benza iminikelo kwabangasekho ababusisekile nakonkulunkulu babo, benakekela nemindeni yabo.
Kunanobufakazi bokuthi babekhokhelwa ngomsebenzi ababewenza.
INkosi uKhufu iyokhumbuleka kakhulu ngegalelo layo ekwakhiweni kweGreat Pyramid, kodwa ngeshwa "sinesithombe somcabango" ngayo esisisusela kuleso esibaziweyo esingama-centimetre ambalwa ukuphakama![z]
BONA ZULU - July 2006
indaba nguWALTON GOLIGHTLY
isithombe ngabeGREAT STOCK!
Inkosi uKhufu
Inkosi yama-pyramid
Ama-pyramids eduze kwedolobha laseCairo.
BONA ZULU - July 2006
