zulu.2092.monkeybiz
Enye indaba ekhombisa impumelelo yabakuleli
Laba besimame abangaqashiwe baziphilisa ngomsebenzi wezobuciko
indaba nguBRENDA NKUNA
izithombe nguNEIL BAYNES/ICON IMAGE
NGAPHAMBI kuka-2003, impilo kaNamudi Dabula yayinzima engaqashiwe engakwazi ukondla izingane zakhe ezine. Emva kweminyaka emine, lo mama oneminyaka engu-42 onegciwane le-AIDS unokuziqhenya okukhulu kanti futhi uzimisele ukuba izingane zakhe zibe nendawo yokuhlala zithole nemfundo.
Impilo kaDabula yashintsha hhayi nje ngokuba athole umsebenzi kwenye yezinkampani ezinkulu, kodwa ngokuba ahlangane nabeMonkeybiz okuyinhlangano engasebenzeli inzuzo ezinze eCape Town nokuyiyo efakela abesimame ubuhlalu abenza ngabo umsebenzi wezandla ohlukahlukene.
Kule minyaka iMonkeybiz isiqashe abantu cishe abangu-450 abafana noDabula - iningi labo okungabesimame abangaqashiwe.
Benza izinto ezifana nomata, onodoli, imigexo, izikhwama nama-key holder. Eziningi zalezi zinto zidayisa ezitolo eziphambili noma zihanjiswe ziyodayiswa phesheya.
IMonkeybiz ayenzi nje kuphela umsebenzi wobuhlalu owenziwe ngezandla, kodwa futhi inezinhlelo zokuthuthukisa amalungu ayo.
Cishe abesimame abangu-60, ukwenza isibonelo, masonto wonke bavakashela umtholampilo weHIV ophethwe ngabeMonkeybiz eCape Town.
Bazuza lukhulu
UDabula ohlala eSite C eKhayelitsha, uthi lo mtholampilo ulusizo olukhulu ngoba abesimame bakhuluma bakhululeke, nakuba iningi labo lisenamahloni okudalula isimo sabo seHIV - ekubeni nalabo abadlwengulwa bakhulelwa bakuthola kunzima ukutshela imindeni yabo ngokwenzeka.
Abesimame bathola ukwelulekwa ngochwepheshe, bafundele umsebenzi wobuhlalu, benze i-yoga nezifundo zomculo.
"Ukuphila neHIV akusona isiphetho. Kufanele ube nokuzethemba uphile impilo ejwayelekile," kusho uDabula.
Omunye wabanegalelo empumelelweni yesikhungo seMonkeybiz okwathi ngo-2005 sahlonishwa ngomklomelo we-DoUKCare Award noHloniphekileyo uNelson Mandela okaMadiba, nguMathapelo Ngaka owasungula le nhlangano noBarbara Jackson noShirley Fintz.
UMathapelo waphothula u-matric eFezeka High School eGugulethu ngo-1996 kodwa ngokwesweleka kwezimali wangakwazi ukuqhuba izifundo zakhe.
Ngenxa yokungaphumeleli ukuthola umsebenzi, wagcina ngokudayisa uswidi esiteshini saseWoodstock.
Ngo-1998, waphumelela ukwenza izifundo zekhomphyutha nokwathi futhi ngawo lowo nyaka wathola ikhono lokusebenza nge-ceramic nokuyinto eyamhlahlela indlela yokukhuthalela kwakhe umdanso wesintu, ezobuciko nomsebenzi wezandla.
Ngo-1999 wethulwa kuJackson onguchwepheshe wokusebenza nge-ceramic owawuthanda kakhulu umsebenzi wakhe wamcela (uNgaka) ukuba ajoyine istudyo sakhe.
Ikhono lokuzisungulela izinto
I-Monkeybiz yethulwa ngo-2000 kanti ikhono likaNgaka lokuzisungulela izinto ladlulela ekwenzeni izinto ngobuhlalu. Lokhu wakuthatha njengokuvuselela umsebenzi owawunganakiwe ngezikhathi zobandlululo nokuba enze isiqiniseko sokuthi "usuka esizukulwaneni sethu uya kwesilandelayo."
UNgaka uvame ukuhambela phesheya kwezilwandle emazweni afana noSouth America, North America, nakwelase-Europe ukuyothuthukisa imikhiqizo yabeMonkeybiz.
Ebambisene nabanye bochwepheshe bezobuciko abangu-20 baseMonkeybiz, bahambela umbukiso wezinsuku ezimbili e-International Folk Arts Market eMelika ngonyaka odlule nokuyilapho bathengisa khona izimpahla zenani elingaphezu kuka-R100 000.
UNgaka iMonkeybiz uyithatha njengento esiza abesimame ukuba bazimele bangabheki ukondliwa abayeni babo ababahlukumezayo, bese becabanga ukuthi "abanamsebenzi walutho."
Uthe abesimame bayakuthokozela ukusebenza eMonkeybiz ngoba kubenza bakwazi ukondla izingane zabo.
Laba besimame bakhokhelwa ngalowo nalowo msebenzi abawenzile waphela kanti bayakwazi nokusebenzela emakhaya abo nokubenza babheke imindeni yabo.
Irabha
Ngaphandle kweHIV Wellness Clinic, iMonkeybiz iphinde ibe nohlelo lokuvuselelwa kabusha kwerabha.
Le rabha evuselelwayo itholakala emathayini amadala ezimoto kuma-scrapyard ezindaweni ezakhele iCape Town noma inikelelwe kulolu hlelo lomsebenzi.
Emva kwalokho isetshenziselwa ukwenza izikhwama, ama-key-holders nonodoli.
Abesimame baphinde bafunde amakhono okuhlobisa nokuthi kusetshenzwa kanjani ngensimbi - njenge-copper evuselelwe ne-aluminium esetshenziswa ekwakheni imigexo namabhengela.
IMonkeybiz isiphinde yethula uhlelo lukamasingcwabisane lwabangamalungu ayo lapho nayo ifaka ingxenye yemali ngenyanga. Lokhu kusiza emalungiselelweni omngcwabo, izindleko zokuhamba kanye nezinye.
NgoMay 2006 le nhlangano yasungula ikhishi layo lokuqala lesobho. Leli khishi likhiqiza ukudla, ama-fruit, itiye nekhofi lenzela labo bomtholampilo iHIV Wellness Clinic kanye ngesonto.
UNgaka okholelwa kakhulu ekusizeni umphakathi, uneqembu lakhe lomdanso aliqeqeshela ekhaya. Into akholelwa kuyo wukuthi: "Abesimame kufanele bafunde ukuthi ikhona indlela yokuziphilisa uma ufuna ukuziphilisa."[z]
West Cape News.
BONA ZULU - December 2007
UMathapelo Ngaka ezungezwe wumsebenzi wezandla owenziwe ngobuhlalu esitolo iMonkeybiz eCape Town.
Lezi zintokazi ziziphilisa ngobuhlalu
ngenhla: Omunye womsebenzi wobuhlalu othengwa ubuthaphuthaphu eNew York, Germany nase-Australia.
BONA ZULU - December 2007
u
uthini umthetho
Ukubhekana nokuqondiswa kwezigwegwe emsebenzini (1)
INKINGA: Ngenza umsebenzi wokuqondisa izigwegwe kwabanye abasebenzi. Abaqashi bami baye bafune ukuba ngithathe izinyathelo ezinqala ngiqinise isandla. Ngabe lo msebenzi kufanele ngiwenze kanjani" Ngizosithokozela iseluleko senu.
ISELULEKO SOFEZELA:
Izinto zokuqala okufanele uzikhumbule ezihambisana nesibopho segunya lomsebenzi wakho yilezi:
Qiniseka ukuthi umsebenzi wakho uwenza ngokwethembeka ukuze nomqashi wakho agculiseke;
Ngaso sonke isikhathi kufanele uhlale ungumvikeli wabo bonke abasebenzi enkampanini.
Lezi ngezinye zezinto ezingenza umsebenzi wakho ube nzima.
Manje ake sibheke ukungaziphathi kahle emsebenzini. Kulokhu inkampani kubili engakhetha kukhona - ukuba izame ukuxazulula inkinga noma iqhubeke nokuqondisa izigwegwe nokungaba nomphumela wokuxoshwa komsebenzi.
Imibuzo ebaluleke kakhulu okufanele uzibuze yona ngaphambi kokuthatha isinqumo, yilena:
t Ngabe udaba lubhekisiswe kabanzi nokuthi kukhona yini okubhalwe phansi kwabo bonke ofakazi ngokungaziphathi ngendlela evumelekile"
t Ngabe izitatimende ezibhaliwe zaqale zafundwa zaqhathaniswa ukuze kutholakale ubumsulwa beqiniso"
t Ngabe umsebenzi obekwe icala wasenza isitatimende lapho echaza ngokungaziphathi kwakhe kahle" Ngabe ifayeli yakhe yabhekwa ngenhloso yokucubungula amarekhodi akhe"
t Ngabe inhloso yomqashi wukuba aqhubeke nokubeka umsebenzi icala noma kudingeka ukuba kutholakale izindlela zokusombulula inkinga"
t Ngabe umqashi uke wazama ukukuphoqelela ukuba uthathe isinqumo"
t Ngabe umqashi uvumela ingcindezi yokucasuka ukuba kube yiyo emqhubela ekutheni athathe isinqumo"
Ungathathi isinqumo noma isinyathelo kuze kube le mibuzo uyicabangisisa kahle. Inkampani izokumelwa wummmeli noma umuntu oyi-labour consultant. Mshayele ucingo - uzokuthokozela ukuzwa umbono wakho.
Ngokuzayo siyodingida eyokubonisana nenze isivumelwano esithile kunokuqhubeka nokulalelwa kwecala.[z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
BONA ZULU - December 2007
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
t
Babheka imindeni yabo
