zulu.208.triviaoct
IKAIZER CHIEFS yasungulwa ngo-1970 emva kokubuyela kukaKaizer “Chincha Guluva” Motaung kuleli ephuma eMelika lapho ayedlala khona njengomgadli we-Atlanta Chiefs eyayidlala kwiNorth American Soccer League. Waqala ukudlala kwi-Orlando Pirates kanti la maqembu ayizimbangi zebhola ezinkulu eSoweto.
Amakhosi aba yiqembu lokuqala eladlala ngokugcwele esigabeni esikhokhelwayo kanti asewine izicoco ezingu-80. Isizini eyayiyinhle kakhulu kuleli qembu eka-2001/2002 ngoba lawina izindebe ezine ezinkulu ezinyangeni ezine. Lezo zindebe kwakungeyeVodacom Challenge, BP Top Eight, Coca-Cola Cup neCAF Winners Cup.
Leli qembu liqeqeshwa nguMuhsin Ertugral. Okwesibili manje eqeqesha leli qembu aqala ukuliqeqesha ngo-1999 kuya ku-2003.
I-Chiefs izoba yiqembu lokuqala kwiPSL ukuba namasheya enkundleni yalo yokudlala ibhola uma seyithuthela enkundleni entsha ethatha abantu abangu-55 000 ebizwa ngokuthi Amakhosi Stadium eKrugersdorp.
Ukwakhiwa kwayo kuzodla u-R695 million kanti izoba nezinkundla zokuzilolonga, amabhilidi okuphatha, isikhungo sokupheka abadlali, esesayensi yezemidlalo, indawo yokujima neyokufunda i-rugby ne-cricket.
UTHI UBUWAZI?
Iqembu laseBritain elidumile elicula i-rock libizwa ngeKaiser Chiefs. Leli qembu elaseLeeds laqanjwa ngaleli gama ngenhloso yokuhlonipha uLucas Radebe, owayedlala kwiChiefs nowayengukaputeni weLeeds United.
I-albhamu yaleli qembu yokuqala ethi, Employment, yakhishwa ngo-2005 yaba nesasasa ngoba yadayisa amakhophi ayizigidi ezintathu.
Bheka umfanekiso
Bheka isithombe uthole izinto eziqala ngohlamvu P ngesiNgisi. Zibhale ngezilimi ozaziyo.
BONA ZULU October 2008
IMPILO IMNANDI
Qhathanisa
Amakhosi abusiseke ngokudlalelwa yikhethelo labadlali. Nampa abanye babo – qhathanisa igama lomdlali nesidlaliso sakhe…
1
Neil Tovey
A
Ntofo-Ntofo
2
Pollen Ndlanya
B
Stiga
3
Collins Mbesuma
C
Trompies
4
Thabo Lechesa
D
Teenage
5
Stanton Fredericks
E
Lekgowa
6
Nelson Dladla
F
Codesa
7
Gary Bailey
G
Touch
8
Petrus Sekhonyela
H
Didiza
9
David Modise
I
Papi
10
Fani Madida
J
Rasta
[Sikunikeze impendulo eyodwa ebhalwe ngokumnyama.]
IZIMPENDULO: 1/F; 2/C; 3/A; 4/G; 5/B; 6/D; 7/E; 8/I; 9/J; 10/H.
Sikhumbula u…
LO mculi owayebuye abe ngumbhali wezingoma wazalelwa e-Ermelo ngo-August 3, 1964. Umama wakhe uSarah wamqamba ngelikaLucky ngoba ethatha ukuzalwa kwakhe njengesibusiso emva kwesikhathi engabatholi abantwana. UDube nezingane zakubo ezingoThandi noPatrick bakhuliswa ngugogo wabo. Ngo-1999 wachaza ugogo wakhe njengomuntu amthanda kakhulu.
Esemncane uDube wayesebenza ezingadini kodwa kwathi uma ebona ukuthi uthola imali encane, waqala ukufunda. Esikoleni wajoyina ikhwaya basungula iSkyway Band kanye nabangani bakhe. Wayeneminyaka engu-18 ngesikhathi ejoyina ibhendi yabazala bakhe eyayibizwa ngeLove Brothers becula umbaqanga. Ngaleso sikhathi waqaphela ukuthi abalandeli bakhe bayazithanda izingoma ze-reggae ayezicula emakhonsathini. Kwamkhanyela ukuthi imilayezo yezepolitiki eyayizwakala ezingomeni zoJimmy Cliff noPeter Tosh zazikhuluma ngento ababeyazi abantu baseSA.
Ngo-1984 uDube wakhipha i-albhamu ethi Rastas Never Die. Ayithengwanga kahle kanti yavalwa umbuso wobandlululo.
Lokho akumqedanga amandla ngoba waqhubeka wacula izingoma ze-reggae bukhoma, wabhala waphrojusa i-albhamu ye-reggae yesibili ngo-1985 ethi Think About The Children.
Ngayo wazakhela igama kuleli naphesheya. Angaphezulu kuka-20 ama-albhamu awarekhoda. Ngo-October 18, 2007, uLucky Dube wabulawa abaduni bezimoto.
Igama elithi October lisuselwe kwelesiLathini elithi octo, elichaza “okwesishiyagalombili” kanti ngezikhathi zamaRoma lena kwakuyinyanga yesishiyagalombili onyakeni. Ngesikhathi kwethulwa ikhalenda esinalo njengamanje, kwafakwa uJanuary noFebruary ezinyangeni zonyaka u-October waba yinyanga ka-10.
Umlando waseSA
■ 1951. October 14: Kwashona uHerman Charles Bosman, omunye wababhali baseSA abanohlonze eshonela e-Edenvale, eGauteng.
■ 1960. October 5: Abamhlophe bavotela ukuyeka ubudlelwane beSA neBritain iSA yaba yi-republic.
■ 1984. October 8: I-SA, Mozambique neRenamo babamba izingxoxo ePitoli ukuze kuqedwe impi yomkhaya eMozambique.
October 16: UMbhishobhi wama-Anglican uDesmond Tutu waklonyeliswa ngeNobel Peace Prize.
■ 1986. October 19: U-Samora Machel, owayenguMongameli waseMozambique, washona emva kokuphahlazeka kwendiza yakhe iTupolev Tu-134 eSA.
■ 1990. October 19: I-NP yajoyinisa ezinye izinhlanga eqenjni layo.
■ 2001. October 4: Kwasuswa izindlovu ezingu-40 kwezingu-1 000 okwakuhlelwe ukuba zisuswe eKruger National Park ziye eLimpopo National Park.
■ 2006. October 16: I-SA yaqokwa okokuqala njengelungu lesikhashana le-United Nations Security Council ngo-2007-2008.
October 31: Kwashona uPW Botha.
■ 2007. October 18: U-Lucky Dube wadutshulwa wabulawa eRosettenville eGoli.
October 20: I-South Africa yashaya iNgilandi ngo-15-6 yawina iRugby World Cup.[z]
BONA ZULU October 2008
Yakha igama
Thola amagama ngokufunda uya phambili, emumva, phezulu, phansi ubuye uvundle. Ungalokothi emgqeni weqe uhlamvu lwegama. Dweba ukekelezele igama ngalinye bese ulicisha ohlwini oluseceleni.
