zulu.2088.robberies
Ukusebenzisa umuthi ukuphumelela ebubini
Ngabe iningi lamasela likholelwa emasikweni? Ngabe akholwa wukuthi umuthi ungawavikela angabanjwa - noma ukwenza umsebenzi wawo ube lula? Ngabe umuthi ungasebenza ngale ndlela? Isangoma esinjani esisiza labo abahlukumeza abanye? Funda uzizwele...
UPHENYO LUKABONA
NJENGOBA iningi lithi ukwelapha ngamakhambi esintu nangendlela yendabuko yinto engasebenzi, kodwa futhi kukhona enye ingxenye yabantu abakholelwa ngezinhliziyo zabo zonke ekusebenzeni komuthi.
Labo bantu yizona zigebengu eziqhubekayo zihlukumeza intando yombuso weningi.
Akuvamile lokhu ukuzwakala emacaleni noma ukuzwakala emaphepheni, kodwa kwabaningi abayizigebengu umuthi kubona ubaluleke njengezibhamu nemimmese abayisebenzisayo ekwenzeni ubugebengu lapho behlukumeza abantu abawuhloniphayo umthetho.
Izikhulu eziningi zamaphoyisa zithi ezigebengwini eziningi ukuya enyangeni noma esangomeni kufana nohambo olujwayelekile lokuya ebhodlela sitolo.
Okokuqala kunokwesabela ukubanjwa nokuyinto lezi zigebengu eziyesabayo ngoba lokho kungazincisha ithuba lokudlwengula noma lokwenza ubugebengu.
Ngokujwayelekile, "ukwelashwa" kubandakanya "ukugezwa" nokuthengwa kwebhande elinomuthi elifakwa engalweni. Lokhu kubenza bangabonwa amaphoyisa.
Ngabe lezi zinto ziyasebenza?
Lokho kuncika ekutheni ubani oye kuyena ukuba akwelaphe. Amaphoyisa asanda kubopha iqembu lezigelekeqe ezingu-19 elalihlome liyizingovolo eWhite City eSoweto.
Emva kwezinsuku ezimbalwa, elinye futhi iqembu lezigebengu laqola ibhange eNorthcliff eGoli labaleka nezikhwama ezazigcwele imali.
Ubani owayesebenzise umuthi, ubani futhi owayengawusebenzisanga? Zithini izangoma uma amanye amakhasimende azo eboshwa?
"Kusuke mhlawumbe kuwukunganakekeli kwezigebengu okwenza amaphoyisa alunywe indlebe ngamalungu omphakathi," kusho esinye isangoma.
Ngabe umuthi akufanele uvikele izinto ezinjalo ukuba zenzeke?
Kwenzekani ngalabo ababeqola imoto ethwala imali e-East Rand? Baboshwa nezibhamu namabhande emithi...
... Bonke emva kwalesi sigameko base bengaphakathi ejele.
"Ngomuthi noma ngaphandle kwawo, kodwa sakwazi ukuba sizibophe," kwasho uSuperintendent Eugene Opperman ngaleso sikhathi.
Emva kwalokho kwaba khona ukubanjwa kwenkunzi ePick n Pay eHoneydew eGoli ngo-2006. Lapho umuthi wasebenza - ngokucabanga kwezigebengu, ngoba zasuka lapho zaqonda emzini wesangoma ziyosikhokhela imali.
Ngeshwa amaphoyisa ayesezithendeni zazo. Umbuso wazo waphela emva kokudubulana namaphoyisa.
"Umphakathi yiwo ongamehlo nezindlebe zethu," kusho omunye wezikhulu eziphezulu emaphoyiseni.
Izigebengu eziningi eziboshiwe zifake amabhande ezingalweni, kodwa futhi lokhu akuzikhathazi izangoma ezisuke zizisizile.
Zithi ukuboshwa kusuke kungenxa yokumpintshwa, hhayi ngoba umuthi ungasebenzi.
Omunye ophatha amakhambi uthi u-95%" wamakhasimende akhe ayaphumelela ezenzweni zawo zobugebengu.
"Iningi lazo liyabuya ukuzongikhokhela enye imali ngokubonga amadlozi alo ngokwenza umsebenzi ngempumelelo," kusho isangoma esineminyaka engu-69.
Siphinde sathi sona nezinye izangoma ezimbalwa - eziyizigebengu njengoba zisiza abanye ukuba benze ubugebengu - basemkhankasweni wokuthola umuthi wokuqeda ukugxambukela kwabantu abayizimpimpi.
"Amakhasimende ami amaningi avame ukuthola ibheyili futhi ayabuya ezongitshela ngamaphutha nokuthi singawalungisa kanjani."
Ngabe kungani kusizwa laba bantu abangenandaba ngisho nokubulala?
"Izigebengu ziyeza kimina ngizisize. Zisuke zilambile zifuna ukondla imindeni yazo. Ngeke ngivele ngiziyeke ngingazisizi," kusho kuvuma esinye isangoma.
Ukube ubuphofu yisona sizathu esikhulu sobugebengu, ngabe sisenkingeni enkulu. Umuntu olambile angantshontsha ukudla. Labo abenza amacala esihluku bakwenza lokho ngoba bengamavila. Basuke befuna lokho abakufunayo ngaphandle kokubhekela imiphumela yalokho nokuthi ngubani ozolimala.
Kulezo zangoma ezisiza izigebengu, nazo ngokwazo njengoba sike sasho, ziyizigebengu - awudingi amadlozi ukwazi ukuthi lokhu ukwenzela imali.
Nithini ngesangoma okusanda kugasela amaphoyisa emzini waso ngesikhathi sisematasa sidokotela amadoda angu-18 ayezilungiselela ukuyobamba inkunzi ebhange...?
Lezi yizangoma ezidicilela phansi igama lomsebenzi wokwelapha. Okuhle wukuthi abelapha ngamakhambi esintu abaningi bayaziqhelanisa nalokhu kuziphatha.
Empeleni abaningi bathi ukusebenzisa amandla okwelapha ekwenzeni izinto embi, kwenza ukuba amandla alowo muntu amphelele.
Abantu okufanele babaqaphele, yizimpimpi - kodwa futhi nazo izigebengu yilobu buphukuphuku bazo bokuhambe zixoxa ... [z]
Indaba: Jasmine Adams
Izithombe: Sipho Mchunu
Izigebengu eziningi ziphinde zibuye zizongi-khokhela enye imali zibonga amadlozi azo ngomse-benzi omuhle eziwenze ngempu-melelo.
Ezinye zezinto abazise-benzisayo - umuthi, izibhamu nama-cell antsho-ntshiwe.
Ingalo yomthetho isebenzile... ukusebenzisa umuthi kwazisiza lezi zigebengu zaphunyukwa kwiSAPS, ekugcineni zabanjwa.
Nakhoke esikufunayo - elinye iqembu lezigebengu libanjwa...
Laba
nga-bantu abala-mbile okudi-ngeka bondle imindeni
AKE UCABANGE NGALOKHU
Isangoma esikhulume naso sithe, uma singazibali izigigaba lapho amaphoyisa ethola ulwazi emphakathini, u-95% wamakhasimende akhe ayaphumelela ngomuthi wakhe.
Cishe kwabangu-10, abayisikhombisa kungenzeka baboshwe ngosizo lokubikwa wumphakathi emaphoyiseni - wathi kufanele singakushayi mkhuba lokho ngoba kusuke kungesilo iphutha lomuthi wakhe. Lokho kusishiya namakhasimende amathathu.
Make sithi bonke bayaphumelela ukuqhuba ubugebengu babo - isangoma singazitusa ngokuphelele sithi siyawenza umsebenzi waso.
Kodwa eqinisweni abathathu kwabalishumi abangamakhasimende umuthi "uyabasebenzela."
Ezinye izindlela zokuzivikela - abanye abafuna umcebo baya ezangomeni.
