zulu.2086.bucket
Bagcina isethembiso sikamongameli
Asephelile amabhakade!
Sekungukuphela kwesikhathi njengoba omasipala ezweni lonkana besebenza kanzima ukuqeda izindlu zangasese zamabhakede ekupheleni kwalo nyaka
indaba ngu-ISAAC KWELA
isithombe ngabe-INDEPENDENT NEWSPAPERS
ININGI labantu bakuleli liyazi ngezindlu zangasese zamabhakede. Yiwo abeyingxenye yempilo iminyaka eminingi, nogandaganda ababefika bezowathulula nokungumsebenzi owawunzima ungathandeki.
"Siphefumula leli phunga elibi, kanti ngezinye izikhathi sithola izinto ezimbi kakhulu ezifana nezingane ezincane ezilahlwe ngomama bazo," kusho oyedwa.
Nakuba ekhathazekile ngokulahlekelwa wumsebenzi wakhe, kodwa uthi: "Besithanda ukuba amabhakede ashintshwe kube izindlu zangasese ezishaywayo, ngokucabangela impilo yezingane zethu."
Lokhu yikona okwenzekayo njengoba umnyango wezamanzi namahlathi kanye nomasipala ezweni lonkana benza imizamo yokufezekisa isethembiso sikamongameli Mbeki sango-2006 sokuthi izindlu zangasese zamabhakede kube yinto esidlule ekupheleni kuka-2007.
Empeleni sekubekwe imali engu-
R1-billion ibekelwa lo msebenzi.
Ngo-1994 kwakucatshangelwa ukuthi bangu-21 million abantu bakuleli ababengenazo izidingo zokuthuthwa kwendle, iningi labo lithembele emabhakedeni angenayo impilo.
Njengamanje zingaphezu kuka-100 000 izindlu zangasese zamabhakede esezisele ezifundazweni eziyisikhombisa.
Angu-84 984 amabhakede eFree State, 17 072 eNorth West ekubeni angu-8 170 e-Eastern Cape.
EMpumalanga awekho - kanti yisona sifunda sokuqala sokuba siwaqede.
Lolu hlelo lomsebenzi olwaqalwa ngoJanuary 2005 selukhiphe amabhakede ezindlu zangasese angu-18 000 kumasipala wase-Dipaleseng, Albert Luthuli, Lekwa, Msukaligwa nowaseGovan Mbeki. Kulawa angu-10 000 ayesemijondolo.
Okhulumela umnyango wezamanzi namahlathi uThemba Khumalo uxwayise ngokuthi uhlelo lomnyango lugxile kuphela emabhakedeni asemijondolo nasemalokishini.
Umnyango usunxenxe onjiniyela kwezokuthuthwa kwendle ukuba banike usizo komasipala kanti uyethemba futhi ukuthi bazokwazi ukumelana nosuku olungumnqamlajuqu.
Izinkulungwane ngezinkulungwane zabantu bakuleli bazohlomula. Omunye wabo nguThandi Manyani othi amabhakede endaweni yangakubo ayengaqoqwa njalo njengoba kwakufanele kube njalo.
Ngesinye isikhathi amabhakede ayegcwele indle, umphalazo nomchamo ahlale kuze kuphele izinsuku ezinhlanu ngaphambi kokuba aqoqwe ngumasipala.
Njengomama wengane enezinyanga eziyisithupha, simkhathaza kakhulu lesi simo.
I-Diarrhoea ne-shigella - yigciwane elidala iziguli zibe negazi nenjimbilili esamafinyila endleni yazo nokungaba yinto eyingozi kakhulu ezinganeni - lena yinto ejwayelekile endaweni.[z]
BONA ZULU - June 2007
Indlu yangasese esebenzisa ibhakede endaweni yasemjondolo.
