zulu.2075.letterdec
WINA
AMAHAMPA EZINTO ZOKUBHALA
Noma ngubani angaba wubaba oqotho ngokuzinika izibopho
Ewine ihampa ka-R2 500
Masihlenge izingane zethu!
NGEMPELA kuyadabukisa futhi kubuhlungu ukuthola ukuthi miningi kangakanani imindeni emiphakathini yethu ephethwe abazali abangabodwana. Hamba uye noma yikuyiphi inkantolo yezezondlo uzofike uthole ukuthi abantu besimame banenkinga yokuthola izondlo zezingane zabo kubayeni noma emasokeni abo.
Bantu besilisa, kungubulwane ukuyeka ingane yakho ihlupheke ngoba uthi kukhona izinto eningazwani ngazo nomama wayo - noma mhlawumbe uvilapha ukukhokha isondlo.
Nginezingane ezingamawele nomlisa osekuphele iminyaka emithathu engaziboni. Wayeka ukusiza ngezimali zezidingo zazo maqede wanyamalala. Manje usengazidlula endleleni ngaphandle kokuzibona ukuthi yizingane zakhe.
Ngihlale ngimangala ukuthi ngabe uthi lapho elala acabange ukuthi “izingane zakhe zidlani lapho zikhona? Zigqokani? Ziphile kanjani? Zithokozile yini?”
Ngezwa ukuthi lona wesilisa wami, useyisigqila somunye wesimame asethandana naye ongayingeni kwakuyingena eyothando lwakhe lwesikhathi esedlule nokuyinto emenza angasikhokhi isondlo sezingane zakhe.
Ungajabula kanjani kube kukhona omunye umuntu okhalayo? Kubuhlungu ukuhlubuka izingane zakho ngisho ngabe kudalwa yisiphi isimo. Sidinga ukuvikela izingane zethu sizikhulise ngothando ngisho ngabe yibuphi ubunzima esibhekene nabo.
Inhliziyo yami iba buhlungu kakhulu uma ngicabanga izingane zezwe lethu ezihluphekayo…
EE, e-mail
Bhala...
Zwakalisa uvo lwakho:
l bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor, Box 32083, Mobeni, 4060
l i-fax: 031-912-2720 l i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
I-PaperMate yithuluzi elibalulekile esikhathini sanamuhla kanti ngumkhiqizo ofanele abantu beminyaka yonke.
I-PaperMate iyaqhubeka futhi ukusiza ivuselele izimpilo zabantu bakuleli ngohlelo lwayo lokufundisa - i-PaperMate Literacy Project nokuyilapho amaphesenti amathathu okuthengiswa komkhiqizo wabo enikelelwa emnyangweni wezemfundo
ukuze kusizakale abantu
bakwazi ukufunda nokubhala.
Abe-JEL yibo abasabalalisa
umsebenzi wabe-PaperMate.
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
Unobuhlakani!
Ewine ihampa
ka-R1 500
AKUSHO lutho, ngisho ngabe uyi-banker noma umongameli, umuntu ogeza izitsha noma umama wekhaya - unobuhlakani obungaphakathi kuwena.
Uma uzimisele ngokulalela, uzokwazi ukuba nezimpendulo.
Kodwa ngeshwa iningi lethu lihlale limatasa kangangoba alikwazi ukuzinika isikhathi sokuba lilalele ukuze kube khona elikuzwayo.
Abanye baba namandla ngaphezu kwethu uma nathi sikuvumela lokho!
Uma unomqondo ovulelekile, uzinikele ekufundeni - kuzokuba nolukhulu ushintsho empilweni yakho oluzokhombisa ukukhula.
Andrew Noge, Alexandra North
Izifundo zempilo!
Silapha ukuzothokozela
impilo ngokugcwele. Impilo ihlale isiphathele izifundo ezithile sonke - ngenjabulo, ngokwesaba, ngothando, nangokubekezela nokuxolela. Sonke siyadinga ukuzifunda lezi zifundo ngoba yiyona ndlela yokukhula. Ukukhula kusho ukuzazi nokwazi umhlaba.
Ukufunda ngempilo akukona ukuqondisa izindlela zakho - kodwa wukubona impilo ngendlela eyiyo.
TAM, Vosloorus
izincwadi
BONA ZULU – December 2007
u
t
izincwadi
BONA ZULU – December 2007
Masingazithetheleli!
Ngizwa iningi labantu likhalaza lizithethelela ngokuthi kungani lingayitholi imfundo enhle.
Ngiphonsela noma ngubani ocabanga njengami inselelo yokuthi, phezu kwezingqinamba masibhukule siphumelele.
Ukuhlala phansi silokhu sikhalaza ngeke kusisize ngalutho.
Nami ngakhula ngaphansi kwesimo lapho ayengekho khona amathuba. Ugogo wami nguye owangikhulisa emva kokudivosa kwabazali bami.
Ukulambela kwami imfundo kwangikhuthaza ukuba ngingatheneki amandla ngenxa yezinto ezifana nobuphofu nosizi.
Ngezimpelasonto nangamaholidi, ngangenza imisebenzana edolobheni - efana nokugeza izimoto, ukuthwalela abantu amagilosa abo nokunye. Imali engangiyithola ngangiyinika ugogo wami.
Lena yiyona ndlela engakwazi ukukhokhela ngayo imfundo yami.
Nawe-ke akukho okungakuvimba ekwenzeni into efanayo. Ungavumeli ngisho noma yini ime phakathi kwakho nemfundo.
Bongi Mayekiso, Butterworth
Izinto esizidingayo
Yenza noma yini enhle ongayenza ukuze wethembeke empilweni. Kulokho kulunga kwakho, yiba nolwazi, ukwazi ukuzilawula, uKhonze uMdali futhi ube ngumuntu onothando.
Lezi yizona zinto sonke esizidingayo, uma singaba nazo zibe ziningi, singaphila impilo ende!
Enos Bopape, Pretoria Central Prison
Okwani ukuphuza kangaka!
Namuhla abesimame abaphuzi nje kuphela kodwa kubukeka sengathi sebeqophisana nabesilisa ngokudakwa. Lokhu kubeka izimpilo zabo ezingozini zokufa nokudlwengulwa.
Kukhona nalabo abaya ocansini ngaphandle kokuzivikela lapho sebedakiwe. Masifundeni bantu bakithi ukuzikalela kwesikwenzayo nokuba siziphathe kahle.
AN, Joburg
Ukulwa nobugebengu wumsebenzi wethu sonke
Sibeke icala kuhulumeni?
NGIKHATHELE wubugebengu baseSouth Africa. Uhulumeni yiwo engiwusola kakhulu ngokwenyuka kwezinga lobugebengu. Sekuze kubukeke sengathi izigebengu neziboshwa yibona bantu abanamalungelo kunabanye abantu. Kungani thina sihlupheka buthule!
RR, Alexandria
Yini esingayenza?
UBUGEBENGU busithinta sonke ngezindlela ezehlukene. Ngeke silokhu sigxeka uhulumeni ngabo noma sithembele ekutheni nguye ozobuqeda.
Empeleni kuyisibopho sikahulumeni ukuqhamuka namaqhinga okulwa nobugebengu - kodwa thina njengezakhamuzi eziwuhloniphayo umthetho singaba negalelo ekunqandeni ubugebengu.
Kanjani na? Masingakhuthazi ubugebengu ngokuthenga izinto ezebiwe. Kufanele ubike emaphoyiseni noma yiluphi uhlobo lobugebengu ozwayo ukuthi luyahlelwa.
Masibambaneni ngezandla sixosheni lezi zigebengu ezimpilweni zethu
Michael Dube, Umlazi
l Yini ocabanga ukuthi abantu bakuleli bangayenza ukulwa nobugebengu? Sibhalele uzwakalise uvo lwakho…
ITHIMBA LABABHALI
BONA WEBSITE
www.bona.co.za
IHHOVISI ELIKHULU (DURBAN)
19-21 Joyner Road, Prospecton
Box 32083, Mobeni, 4060
Ucingo: 031-910-5745; Fax: 031-912-2720
E-mail: bona@dbn.caxton.co.za
UMhleli Owengamele: Lorna King
Umsizi woMhleli: Patricia McCracken
UMhleli wesiZulu: Manqoba Dlamini;
Zanele Mbatha
UMhleli wesiSuthu: Lerato Zulu;
Moeketsi Letsohla
UMhleli wesiXhosa: Dumisani Ntshentshe;
Ntombikhona Kwebulana
UMhleli Ohluzayo: Marie Gurr
Umqondisi wezobuciko: Jozia Lorek
Abahlela izithombe: Jenny Weideman;
Clive Thompson; Kyle Young
UNobhala: Ellen Gumede
Business Development Manager
Christine Marot Tel: 031-910-5723
JOHANNESBURG
Caxton House, 368 Jan Smuts Ave,
Craighall, Johannesburg, 2001
Ucingo: 011-889-0600
UMhleli: Force Khashane
INtatheli: Teddy Gomba
IZINKINGA EKUKHANGISENI
JOHANNESBURG
368 Jan Smuts Avenue, Craighall, 2196
Ucingo: 011-293-6000 Fax: 011-789-9656
DURBAN
19-21 Joyner Rd, Prospecton, 4110
Ucingo: 031-910-5700 Fax: 031-902-8829
CAPE TOWN
36 Old Mill Rd, Ndabeni, 7405
Ucingo: 021-530-8600 Fax: 021-531-3795
CLASSIFIEDS
Tel: 011-293-6076 E-mail: logang@caxton.co.za
IZINKINGA EKUTHOLENI IBHUKU
Paul Smith
Ucingo: 011-248-3500 Fax: 086-627-8591
E-mail: mags@rnad.co.za
IZINKINGA ZOKUTHUNYELELWA IBHUKU NGEPOSI
Box 725, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-473-8700 Fax: 011-474-5479
UKUTHUNYELWA KWEZINDABA
Indaba ungasithumelela nge-e-mail ethi: bona@dbn.caxton.co.za noma uyithumele kuleli kheli: BONA Submissions, Box 32083, Mobeni, 4060
NGEMINCINTISWANO NEMITITILIZO
Xhumanani noChristine Marot kule nombolo: 031-910-5723; e-mail: christinem@dbn.caxton.co.za
