zulu.2060.beauty africa
BONA ZULU – October 2005
UBONA
emcimbini weBeauty Africa
UMBUKISO walo nyaka, njengokujwayelekile, wathatha izinsuku ezintathu.
Amakhulu ngamakhulu abantu bafika kwi-stand sakwaBONA bezothenga izikhwama ezazigcwele imikhiqizo yobuso nezinwele, amasethi amapensela, i-notebook, iziphaqulo namaphephabhuku. Sibonga kakhulu kubo bonke abazinika isikhathi sokuvakashela esitodlwaneni sethu.
Abafundi bethu ababili uLindiwe Makhoba noLusanda Jara, babebahle beshaye imvunulo enokubomvu nokumnyama eyayihambisana kahle kakhulu nobucwebe bakwaDivinity Accessorised. Ababedlula babebancoma, ikakhulu abesilisa abasebasha.
Kuzo zonke lezi zinsuku ezintathu kwakunomoya wenjabulo kukhona nababesithokozisa ngomculo kubandakanya uLebo Mathosa, TK nabadlali be-Umoja abashiya ababevakashele kulo mbukiso beshaya izandla bedansa benanele umculo wesintu. Kwakucwalwa izinwele, izinzipho kukhona ngisho umncintiswano wokupendwa kwemizimba nokuyizinto ezazenziwa emahholo womabili kanti konke lokhu kwakwesekwe kakhulu ngamasaluni akulo lonke elaseSouth Africa. UBONA uzimisele futhi ukuba nangonyaka ozayo ube khona kulo mbukiso.
Sibonga laba baxhasi abalandelayo abagcwalisa imikhiqizo yabo ehlukene ezikhwameni zakwaBONA, eyayithengiselwa ababehambela i-stand sethu embukisweni weBeauty Africa:
DISCOM
UDiscom unezitolo ezingaphezu kuka-182 ezweni lonkana nokuyizitolo ezithengisa imikhiqizo ehlukene.
UDiscom uziqhenya kakhulu ngochunge olubanzi lokunakekelwa kwezinwele zabangama-Africa kanti banemikhiqizo ehambisana nesikhathi sanamuhla nesebenza ngogesi ekucwaleni izinwele.
BLUE MAGIC
I-Bergamot Hair & Scalp Conditioner ivikela ukoma kwezinwele, ukuluma kwekhanda, kanti isiza ekulawuleni inkwethu isize nasesimweni sezulu.
I-Blue Magic Conditioner’s Hair Dress igcina izinwele kungezemvelo izenze zihlale zibukeka kahle.
INECTO
I-Inecto wuchunge oluhamba phambili lwemikhiqizo yezinwele emibalabala ethengiswa kulo lonke elase-Africa.
Eminyakeni emihlanu eyedlule i-Inecto yethula uchunge lwemibala kubandakanya i-Hot Chocolate, Rich Copper, Cherry Red, Fiery Sunset, Super Auburn neSuper Brown. Maduze nje basanda kwethula uchunge lweColour Care ukuqiniseka ukuthi izinwele ezinombala zinakekelwe kahle.
CLERE
Zinakekele ngemikhiqizo yezandla nokhilimu yakwaClere enoVitamin A noB kanti inothiswe nge-glycerine.
I-Clere itholakala ngeziqholo zamakha amnandi afana neCocoa Butter, Rich Musk, Lanolin And Glycerine neCoconut ukuswakamisa isikhumba sakho.[z]
UBONA uphinde waba ne-stand kwiBeauty Africa expo esanda kubanjelwa eSandton Convention Centre eGoli
KWESOBUNXELE: Umculi uTK, ekanye noLindiwe Makhoba kwi-stand sakwaBONA.
NGEZANSI: ULindiwe Makhoba ekanye noLebo Mathosa kwiBeauty Africa Show
