zulu.2059.yourfamily_preg
Siphendula imibuzo yakho
Indlela ebheke ekubeni ngumama ingabashayisa ngovalo ibadide asebezoba ngomama ngoba ziningi izeluleko abazitholayo. Nansi eminye imibuzo evame ukubuzwa - sikuphathele nezimpendulo ezingu ngqo
1SENGIZOBELETHA - KUDALWA YINI UKUTHI INGANE YAMI INGANYAKAZI"
Uma sekusondele isikhathi sokubeletha ingane ayinyakazi kakhulu. Uchwepheshe wethu uthi lokho akufanele kukukhathaze. Ngaleso sikhathi ingane isuke isinkulu kakhulu ingasenayo indawo yokunyakaza. Ilala isikhathi eside, nokuyinto eyenza ukuba inganyakazi kakhulu.
Kodwa uma inganyakazi nhlobo ngalesi sikhathi, iya emtholampilo noma kudokotela.
2KUDALWA YINI UKUTHI NGIPHUPHE KABI UMA NGIKHULELWE"
Zimbili izizathu ezingenza ukuba uphuphe kabi ngesikhathi ukhulelwe ngokukaJoy Gumede ongudokotela wengqondo - enye ihambisana nengqondo enye ihambisane nomzimba. Uma ukhulelwe ingane yokuqala, kungenzeka uphuphe kabi ngoba usuke uhlushwa wukuthi uzokumela yini ukuba nengane ngokukaJoy.
Uthi ukuba nalolo valo kujwayelekile.
Ngokomzimba, ukukhulelwa kusho ukuthi ngeke usakwazi ukulala ngendlela ojwayele ukulala ngayo - uzowakhumbula amaphupho akho ngoba uzohlale uphaphama. Yingakho nje kuba sengathi usuphupha kakhulu kunakuqala.
3 NGIKUGWEMA KANJANI UKUVUVUKALA KWEZINYAWO"
Hlala uphakamise izinyawo kathathu noma kane ngosuku ngokukaDkt. Elias Radebe, udokotela osebenza esibhedlela saseThekwini. Uma ulele, phakamisa izinyawo uzibeke emicamelweni; uma uhleli zibeke esigqikini. Ungahlali phansi isikhathi eside, ngokusho kwakhe. Sukuma uhambe imizuzu embalwa njalo ngehora.
Khumbula, izinyawo azivuvukali uma uphuza amanzi kakhulu.
4 UKUBHEMA NOKUPHUZA KUNAMTHELELA MUNI ENGANENI"
Ukuphuza nokubhema kuyayilimaza impilo yengane engakazalwa, kusho ochwepheshe esixhumane nabo. Ukubhema kwenza ingane izalwe inesisindo esiphansi, izalwe isikhathi singakashayi. Ingane yakho ingahlushwa wumkhuhlane, ibe nezilonda esifubeni iphathwe yizindlebe. Utshwala bungathikameza ubuchopho bengane izalwe ikhubazekile.
5 KUDALWA YINI UKUTHI NGIBE NAMABIKA ENZA NGICABANGE UKUTHI SENGIYABELETHA"
"Amabika angenye yezindlela umzimba wakho olungiselela ngayo ukubeletha kanti bonke abesimame abakhulelwe bayaba nawo," kusho umbelethisi waseSoweto esakhuluma naye.
"Kusuke kweluleka imisipha ukuze isibeletho silungele ukusikwa okuzophushela ingane ngaphandle."
6 NGIZOYEKA NINI UKUTHANDISWA UKUDLA OKUTHILE KANTI KUDALWA YINI UKUTHI OKUNYE NGINGAKUTHANDI"
Ukuthandiswa ukudla ukhulelwe kujwayelekile kanti lokho kuphela emva kokubeletha.
Kujwayelekile nokungakuthandi ukudla okuthile ngokochwepheshe abakwiPampers Website.
Buza kudokotela noma emtholampilo ukuthi ngabe ukudla ongakuthandi kubalulekile yini enganeni yakho.
Uma kubalulekile bazokuyalela okunye ukudla okunomsoco okulokho ongakuthandi.
7 KUDALWA YINI UKUTHI ISIKHUMBA SAMI SIBE SIBI"
Uma ukhulelwe ama-hormones ayashintsha isikhumba sizwele sonakale ngokwe-website yaseSA ethi paediatrician.co.za. Ukonakala kwesikhumba akuvamile ukuba yingozi kanti sibuyela esimweni saso emva kokubeletha. Sebenzisa iziswakamisi welashwe uma isikhumba sonakele noma sibaba. [z]
Indaba: Smangele Zuma
UKUKHULELWA
Utshwa-la bunga-thika-meza ubu-chopho benga-ne
IMITHOMBO: www.pampers.co.za; www.paediatrician.co.za; www.babiesonline.co.za; www.curb-food-cravings.com; www.babycentre.co.uk
