zulu.2058.career_2
Ezemisebenzi
Umsebenzi oba- lulekile
UMSEBENZI womuntu ongu-plumber ngobalulekile kanti ubandakanya ukufakelwa nokulungiswa kwamapayipi, amathange amanzi nokunye okuningi okusiza ekugcineni nasekuphakeleni umphakathi amanzi. Labo abango-plumber bangazithola sebenza imisebenzi efana nokufakela ama-jacuzzi aphambili kuya ekufakeleni amapayipi ezindlu zomphakathi.
Umsebenzi omuhle - wanoma ngubani
Umsebenzi aqala wawukhetha uNomusa Shezi owobuthishela. Emva kokuqeqeshelwa wona, akubanga lula ukuthola isikhala sokufundisa. Izifundo ayegxile kuzo isiNgisi neBiology.
"Zazingekho izikhala zokufundisa kodwa imali ngiyidinga. Ngabona ukuthi kufanele ngizisungulele ibhizinisi lami. Ngaleyo ndlela ngavakashela abezokuthuthukiswa kwamabhizinisi eMkhandlwini weTheku ngiyofuna izeluleko.
"Ngangingafuni ukwenza into eyenziwa abantu bonke, ngaleyo ndlela ngenza ucwaningo ngathola ukuthi kunesidingo esikhulu sabantu abango-plumber - futhi bengekho abesimame abango-plumber.
"Ekhaya ngakhula nodadewethu abathathu nomfowethu oyedwa. Ubaba wayevame ukuthi, 'awukho umsebenzi wabafana nowamantombazana - wonke umuntu kufanele asebenze.'"
"Ngasuka ngaqonda kumuntu ongu-plumber owufundele lo msebenzi ngamcela ukuba angivumele ngimsize ngaphandle kwenkokhelo ukuze ngifunde umsebenzi. Ngempela wangivumela.
"Ngawufunda kwathi emva kwalokho ngahamba ngayoqeqeshwa ekolishi eThekwini. Emva kokuphumelela ngenza i-industry trade test ngakwazi ukusebenza njengo-plumber oqeqeshiwe."
Uzenzela imali
Ngo-2001 uNomusa wasungula ibhizinisi lakhe.
Inkampani yakhe wayiqamba ngokuthi yiMasisizaneni. Ekuqaleni wayesiza umphakathi wangakubo ngemali ephansi ewukhangisa lo msebenzi ngokuba abhale izikhangiso azichome khona emphakathini.
"Abanye abantu, ikakhulu besilisa babemangala ukubona owesimame ongu-plumber," kusho uNomusa ehleka. "Babethi: 'Ngabe uyakwazi ngempela ukwenza lo msebenzi"'"
Ithuba elihle likaNomusa lamqhamukela ngesikhathi ethola umsebenzi wekontileka ngaphansi kwabeMetro Water.
"Kwakudingeka ukuba ngiqashe i-bakkie ukuze ngikwazi ukwenza umsebenzi wami. Ngo-2003 ngathenga eyami iveni." Kumanje useqashe ababili abamsizayo.
Imisebenzi yakhe yehlukahlukene - kusukela ekukhandeni amapayipi ompompi abavuzayo kuye ekufakeleni amamitha nasekumbeni imigwaqo kulungiselelwa ukufaka amapayipi amasha.
"Ngingathanda ukwenza umsebenzi wokuba wu-plumber ngiwenzele uhlelo lomsebenzi olukhulu lokwakhiwa kwezindlu," kusho yena.
Amathuba
"Sikhulu kakhulu isidingo salabo abango-plumber abaqeqeshiwe eSouth Africa," kusho uJohn Mitchell ongumqondisi noyisikhulu se-trade test ngaphansi kwabe-Inala Training And Development eThekwini.
"Umuntu ongu-plumber oqeqeshiwe angazikhethela ukwenza lo msebenzi esiza umphakathi noma awenze ezimbonini zemisebenzi noma abe ngumuntu oqashelwe ukulungisa lapho konakele khona.
"Iningi liqashwa ngokushesha emva kokwenza i-trade test kanti abanye baba nenhlanhla yokuyosebenza phesheya."
Izidingo eziphuthumayo kulo msebenzi, yimoto eyiveni, amathuluzi nomuntu ozokusiza.
Kufanele ube ngumuntu onjani
Kudingeka...
lUkuthokozele ukusebenza ngezandla;
lUngawenqeni umsebenzi onzima njengokumba imisele yamapayipi;
lUngabi nendaba nokungcola, ngisho nokusebenza emathoyilethi imbala;
lUzimisele ngokuhamba uyosebenza ngaphandle, ngaphansi kwanoma esinjani isimo sezulu;
lUbe ngumuntu okwaziyo ukuzicabangela azisungulele izinto;
lUbe nosizo olusezingeni lochwepheshe.
Ongakuhola
Ukuhola kwehlukene. Uma uzobiza ngehora, ungaqala mhlawumbe ku-R12 lapho usawufundela umsebenzi kuya ku-R50 ngokuthola isipiliyoni. O-plumber abaqeqeshwe ngokugcwele abaziqhubela awabo amabhizinisi bangabiza noma yimalini kusukela ku-R150 kuya ngaphezu kuka-R300 ngehora nokuncika endaweni noma embonini abasebenzela kuyona.
Ukuqeqeshwa
Uhlelo lokuqeqeshelwa lo msebenzi lusingathwe ngabe-Construction Industry Education And Training Authority (CETA) kulabo abafuna ukwenza lo msebenzi.
tStage 1. Ukufundela lo msebenzi e-technical college egunyazelwe lo msebenzi ukuze uthole isitifiketi se-N2 kwi-building science and plumbing theory.
tStage 2. Ukuqedela izifundo ze-46 Practical Plumbing Training modules ekolishi eligunyaziwe. Lokhu kungathatha cishe amasonto angu-12.
tStage 3. Isikhathi esisukela ezinyangeni ezingu-18 uwenza lo msebenzi uqeqeshwa.
Konke lokhu yizona zinto eziyisidingo ukuze ukwazi ukwenza i-industry trade test.[z]
BONA ZULU - August 2006
Ukuba ngu-plumber wumsebenzi omuhle hhayi nje wabesilisa kuphela!
indaba nguGRACE KHUZWAYO
izithombe nguBRETT FLORENS
'Institute of Plumbers SA -
fax: 011-477-4520; email: iopsa@iafrica.com; website: www.iopsa.org.za.
'Ukuthola imininingwane ngezindawo ezifanele ezigunyazelwe ukuqeqeshela lo msebenzi, nangezifundo zama-learnership abe-CETA, xhumana noyi-skills development administrator kule nombolo: 031-202-4415 noma 082-220-0074.
BONA ZULU - August 2006
KWESOBUNXELE: Ubani owathi
abesimame ngeke bawenze umsebenzi
wo-plumber"
UNomusa
yiwona
msebenzi
aziphilisa ngawo!
KUDE KWESOBUNXELE: Umsebenzi
wokuba
wu-plumber ukuhambisa izindawo ezehlukene kanti kufanele ulindele noma yiziphi izinselelo.
