ZULU.2056.legalmay
Uthini Umthetho
Lolu sizo nilwethulelwa uBONA naboPhiko loFezela
Ingozi yemali eshisiwe
Kwathi lapho ngibuya kothenga esitolo ngathola ukuthi endaweni ephakeme kuqhamuke imoto eyayingenamuntu yashayisa imoto yami engangiyipakile endaweni efanele. Umnini waleyo moto wathi imoto yakhe yehle ngengozi. Ngamsola kakhulu ngokungayidonsi i-handbrake, kodwa yena waphika wathi kube yiphutha - wathi akulula ukuba ngimbeke icala njengoba babengekho ofakazi.
Ukukhandwa kwemoto yami kuzoba ngu-R6 275 nokuyimali okungafanele ikhokhwe yimi ngoba akubanga yiphutha lami.
Elizabeth Nkosi, Durban
lZimbili izinhlobo zokwenza okubi kwenziwa omunye umuntu komunye: icala noma ukulwa - nokuyilapho kuphetha ngokulimala komunye kodwa futhi okungesilona icala ngokwenqubo yeCommon Law noma - iCriminal Procedure Act noma eminye imithetho.
Uma kubekhona ukulwa ngenxa yobudedengu, loyo olimele noma olahlekelwe kufanele athole amademeshe nokuyinto ekhishwa ngumuntu owonile.
Ukuze kutholakale amademeshe, umuntu okunguye ofake icala lokuthola amademeshe (i-plaintiff) kumele akhiphe ubufakazi bokuthi owalimaza (kulokhu oyi-defendant) wayebudedengu. Ukwenza lokhu, kumele kube khona ubufakazi obukhombisayo ukuthi kwabakhona ubudedengu.
Kungumsebenzi wanoma yimuphi umuntu ukunakekela omunye. Ukwenza isibonelo, umuntu opaka imoto yakhe endaweni ephakeme, kungumsebenzi wakhe ukunakekela abanye ngokuba agweme imoto yakhe ingehli ilimaze impahla.
Kulokhu kufanele umnini wemoto noma umshayeli aqikelele ukuthi amabhuleki ayasebenza.
Kulolu daba lwakho kukhona izinto okufanele zibhekwe, (njengesenzo noma inqubo yokuphawula lapho umuntu ethatha izinqumo ezisusela kokwenzeka.)
Okokuqala, kubukeka sengathi i-handbrake yayingasebenzi noma akazange ayidonse ngendlela efanele.
Inkinga ngalolu daba lwakho wukuthi akekho owabona ehluleka wukudonsa i-handbrake umshayeli, nawe imbala awuzange umbone.
Kodwa ngenhlanhla umthetho uzokusiza.
Kunesigatshana somthetho esithi uma umuntu enobufakazi bokuba budedengu (lobo bufakazi yibo obuku "khulumelayo".)
Kulolu daba uyasola ukuthi umnini wemoto eyalimaza eyakho wayeyipake endaweni ephakeme kungekho muntu kuyona yehla yashayisa eyakho yayilimaza.
Ngenxa yokuthi wehluleka ukudonsa i-handbrake, kukhomba ngokusobala ukuthi waba budedengu. [z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele: Ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060. AbeScorpion bazonika wonke umuntu obhalele le ngosi yomthetho 'Uthini Umthetho' ivawusha yamahhala yemizuzu engu-30 yokubonana nommeli wabo kwelinye lamahhovisi abo noma baxoxisane ngocingo.
