zulu.2054.stars
BONA ZULU – May 2008
ARIES
(Mar 21 – Apr 20)
Yisikhathi sokuthatha isinqumo esibalulekile esizokulethela ukuthula nentokozo empilweni.
GEMINI
(May 21 – Jun 21)
Thatha izinqumo eziqondene nezezimali. Osukucabangile ungakungabazi ngoba uzosizakala ekuzakheleni inzuzo.
CANCER
(Jun 22 – Jul 22)
Sebenzisa amathuba azokulethela imbuyiselo ikakhulu uma unothando kwezemfundo noma uzithuthukisa ngokwamakhono. Ungaziqhelanisi nabantu abanobuhlakani.
LEO
(Jul 23 – Aug 23)
Emndenini wakho kwenzeka izinto ezinhle. Ubudlelwane obuhle bukhomba ukubambisana. Amalungu amancane omndeni azokwenza uziqhenye.
VIRGO
(Aug 24 – Sep 22)
Ekuncintisaneni obhekene nakho ngalesi sikhathi, uzophumelela kukho konke. Nasothandweni imbala, izinto zizokuhambela kahle - ngakhoke ungabi namahloni ukwenza isithandwa sakho sibone ukuthi uzizwa unjani.
LIBRA
(Sep 23 – Oct 22)
Sebenzisa wonke amathuba akuvelelayo ukuzithuthukisa emsebenzini ngokuwenza ngokuyikho umsebenzi wakho. Ukwenza izinto ngobuhlakani kuzokwenza uphume phambili kokwenzayo.
SCORPIO
(Oct 23 – Nov 22)
Yisikhathi sokubona ubuhle bokusebenza ngokubambisana. Okubalulekile wukubambisana nabantu abakahle.
SAGITTARIUS
(Nov 23 – Dec 21)
Kuningi okuhle okungakuthokozisa empilweni njengamathuba amaningi ongawasebenzisa ukuthuthukisa impilo yakho - emsebenzini nasemphakathini. uzothola abantu abasha ozoxhumana usebenzisane nabo.
CAPRICORN
(Dec 22 – Jan 20)
Ovame ukukwenza kuzokhombisa enkulu impumelelo kuhambe ngokwezifiso zakho uma nawe uzinikela ekutheni ugxile kukho.
AQUARIUS
(Jan 21 – Feb 19)
Zinike ithemba lokuthi uzophumelela kwezamabhizinisi. Yibekezelele imizamo yakho ezintweni ozimisele ngazo usebenzise wonke amakhono akho.
PISCES
(Feb 20 – Mar 20)
Yisikhathi sokuba matasa nesenjabulo nokuyilapho uzothola khona ithuba lokubonana nabantu abaningi. Sebenzisa leli thuba ukuzakhela ubungani nabantu abaningi.[z]
IZINKANYEZIZAKHO
BULELANI NGCUKA
(May 2, 1964)
TAURUS
(Apr 21 – May 20)
UKUPHATHELENI UNYAKA OZAYO
Usekuqaleni kweminye yeminyaka emihle nenempumelelo kakhulu empilweni yakho. Uzokuba nempumelelo ebonakalayo kwezamabhizinisi kanti kuzokuba nezinguquko ezibalulekile futhi empilweni yakho. Usemathubeni okuqala izinto ezintsha uthole nezindlela zokuzakhela imali, hhayi ngomsebenzi wakho ojwayelekile, kodwa ngezindlela zobuhlakani ekwenzeni imali. Okubalulekile wukukwazi ukuphatha imali ngendlela yobuhlakani ukuze ukwazi ukuphila impilo entofontofo nemnandi. Okufanele uzinikele kukhona wukonga imali uyongela isikhathi eside. Ngenhlanhla ukucabanga kwakho nokuhlela kwakho izinto yikho okuzokuhlahlela indlela yempumelelo uma uthatha izinqumo eziphusile.
