zulu.2048.bec recipes-tips
INDLELA YOKUTHENGISA
IMIKHIQIZO yakho iyathengwa uma uzoyikhangisa uyidayise. Njengoba sewunolwazi lokuthi yini okumele uyenze uma uvula ibhizinisi, sekumele ubheke izindlela zokuthengisa okucabangayo.
UKUKHANGISA
Enye yezindlela zokwazisa abantu ngemikhiqizo yakho wukuyikhangisa lapho abantu bezoyibona khona. Ungasebenzisa amapheshana ongawanika abantu erenki yamatekisi nasemphakathini wangakini. Ungacela nosakazela isiteshi sangakini ukuba aphisane ngamakhekhe akho emoyeni abuye abe nengxoxo nawe. Lokho kubizwa nge "traded" advertising.
Uma unesitolo noma enye indawo, izimpahla zakho zibeke ngendlela ezoheha abantu.
Abadayisa emgwaqweni mabanakekele izithelo zabo bachele utamatisi ngamanzi badayise amakhekhe asongwe kahle abekwa emthunzini.
Khumbula ukwendlala indwangu ehlanzekile noma iphepha etafuleni odayisela kulo.
Uma udayisa izingubo, khipha ezimbalwa ngesikhathi ukuze zibonakale kahle kubathengi.
Ukubekwa kwezimpahla kubizwa nge-merchandising ezitolo ezinkulu. Lokho kusho ukuthi isitolo siba nomuntu othenga izimpahla ezithile azibeke endaweni ethile esitolo ukuze zibonakale kahle.
UKUPAKISHA
Goqa izimpahla zakho kahle ukuze zithengwe kakhulu:
lBheka ukuthi izimpahla zipakishwe kanjani ezitolo ezinkulu nokuthi yiziphi ezithengwa kakhulu.
lAmaphakethe ephepha eli-brown abhalwe igama lebhizinisi lakho abiza kancane kanti angalikhangisa ibhizinisi lakho ngisho noma izimpahla sezithengiwe.
lAmaphakethe okudla akhanya ngale avikela ukudla emagciwaneni kanti nomthengi uyakwazi ukubona okukuwo.
lMboza ukudla.
EZINYE IZINDLELA ZOKUDAYISA
lOmama bayazi ukuthi iphunga lokudla lidoba abathengi. Qiniseka ukuthi isitolo sakho sinuka kahle sihlanzekile. Uma udayisa ukudla, fudumeza isinkwa namakhekhe ngesikhathi sokudayisa ukuze abathengi bezwe lelo phunga elimnandi.
lUkuzwisa abathengi okudayisayo kuyindlela enhle yokuzikhangisa. Qoba ikhekhe ofuna ukulidayisa ulizwise abathengi. Bazothenga noma kanjani!
lUma unamagwinya asalile, funa umuntu ozokudayisela wona erenki yamatekisi abantu bawathenge uma sebegoduka.
lThatha ama-oda.
lZazise kubantu okungenzeka bafune ukuthenga kakhulu, njengothishanhloko, imitholampilo noma izitolo ezinkulu.
lDayisa lapho kuholwa khona impesheni ukuze uzakhele imali ngokushesha.
UKUXHUMANA NABATHENGI
Umthengi mphathe kahle ukuze ahlale ethenga kuwena. [z]
Okwabapheki abangosoma-bhizinisi abancane
Uphiko lokupheka lwakwa-Illovo lunochunge lwemikhiqizo yoshukela no-syrup olwenzelwe ukufeza izidingo zabantu abangabapheki nezabafundi bakaBONA abangosomabhizinisi abancane abangabapheki.
Le mikhiqizo ipakishwe ngokucatshangelwa kwabapheki kanti inochunge lwezimpahla ezitholakala ngamanani akahle.
Kulolu chunge kukhona amaphakeshana anamashubhu kashukela, o-syrup, ama-chocolate toppings namaphakeshana kashukela angosayizi abehlukene.
Abanye o-syrup bokupheka:
25kg Golden Syrup
25kg Maple Syrup
3,5kg Golden Syrup
3,5kg Maple Syrup
3,5kg Chocolate Sauce
3,5kg Mint Chocolate Sauce
Ushukela oMhlophe noNsundu:
25kg Bags
Oshukela abahlukile:
25kg Caster Sugar
25kg Icing Sugar
25kg Brown Icing Sugar
I-Black Empowerment iyasebenza kwa-Aranda. Dayisa obhulankethi babo uzakhele igama kwezamabhizinisi.
BONA ZULU - April 2006
Ungahlukani nalo mkhiqizo. Ngeke kusizakale wena nomndeni wakho nje kuphela ngokuwusebenzisa kodwa ungakwazi nokungenela iMAGEU NUMBER 1 SMALL BUSINESS AWARDS. Sibhalele uchaze ngebhizinisi lakho nokuthi imali uyenza kanjani. Lokho kuthumele nemininingwane yakho nezinombolo zakho zocingo ukuze uzibeke ethubeni lokuwina emklomelweni ka-R50 000. Thola ifomu yokungenela kwi-website yethu ethi, www.empowermentclub.co.za, noma ufike kweminye yemicimbi yethu. Ungashayela noWellington ucingo ku-011-883-8829 ngezikhathi zomsebenzi ukuze uthole ikhophi ye-fax. Thenga uBONA wenyanga ezayo ukuze ufunde ngowokuqala owine lo mklomelo.
BONA - August 2005
