zulu.1120.legal
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legal Advice, Box 32083, Mobeni, 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Senze yonke imizamo ukuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Kungenzeka uxoshwe uma kuntshontshe abanye
INKINGA
Ngangisebenza emnyangweni wemithi yokuxubha enkampanini enkulu. Kwakuthi lapho kukhona umshini owodwa ofile, amakhathoni emithi yokuxubha ayeshushumbiswa ayiswe kuma-changerooms bese ephonswa ngaphesheya kocingo. Angikaze ngibe nesandla kulokhu, kodwa ngingomunye wabaningi ababenolwazi lokuthi lokhu kuyenzeka.
Emva kokuntshontsha kwakamumva, kwafika inkampani yonogada izosesha ngokwenzekile. Sonke thina basebenzi sanikwa umshini ohlolela amanga (lie detector). Ngatshelwa ukuthi umshini uthola ukuthi nakuba ngangingantshontshi kodwa ngangazi ngalokhu.
Inkampani yangiphoqa ukuba ngikhiphe labo abantshontshayo yangesabisa ngokuthi izongithathela izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe uma ngenqaba. Yini engangingayenza? Ukube ngangidalula abantshontshayo kwakuzothiwa ngiyimpimpi nempilo yami ibe sengcupheni.
Ekungeneni kwecala lokuqondiswa kwezigwegwe ngatholakala nginecala lokungaziphathi kahle ngaxoshwa. Njengamanje umndeni wami uyalamba kanti futhi nomsebenzi angiwutholi. Ngabe ikhona into engingayenza ngilwisane nendlela engaphathwa ngayo?
ISELULEKO SOFEZELA
Ngokomthetho neLabour Relations Act, bonke abasebenzi kufanele bathembeke kubaqashi babo.
Lokho kuchaza ukuthi umsebenzi kudingeka ukuba asebenze ngokulandela iziyalelo zomqashi wakhe zikhathi zonke.
Ukwenza isibonelo...
Akufanele ukuba aqophisane nomqashi wakhe ngokusungula ibhizinisi elifanayo ngesikhathi esasebenza lapho.
Ngeke asebenzise izimfihlo zokuhweba zomqashi wakhe ukuze aqophisane naye.
Kufanele avikele igama elihle nesithunzi somqashi wakhe.
Kufanele avikele impahla yomqashi wakhe.
Le misebenzi iyingxenye yomthetho waseSA. Nakuba ungayintshontshanga impahla yomqashi wakho wena siqu sakho, ukuziphatha kwakho, kusazocutshungulwa kubhekwe ukuthi ngabe umsebenzi wakho wawenza ngokwethembeka yini.
Uma umqashi wakho ephelelwa wukukwethemba, kungenzeka akuxoshe emva kwesigcawu sokuqondiswa kwezigwegwe.
Umsebenzi obebuka kwenzeka lezi zigameko zokuntshontsha enqaba ukudalula akubonile, ukuziphatha kwakhe kuthathwa njengokuba budedengu ngokwenhloso.
Ngonyaka ka-1994 iLabour Courts yathi lokhu kungaholela ekuxoshweni.
I-Labour Appeal Court yagcizelela nayo ukuthi "isenzo esinjalo singaholela ekubizelweni esigcawini sokuqondiswa kwezigwegwe."
Kuyakhanya ukuthi wabekeka esimweni esinzima nesiyingozi, kodwa kwakufanele ufake isicelo kubaqashi bakho ukuba bakuvikele.
Abophiko loFezela bakholwa wukuthi ngosizo lommeli ungenza incwadi efungelwe lapho ukhipha wonke amaqiniso nokwesaba owaba nakho ngaleso sikhathi, uxolise ngokuziphatha kwakho. Inkampani mhlawumbe ingakwazi ukubukeza isinqumo sayo.[z]
Kwakufanele ucele usizo
lokuvikelwa
BAXOSHWA BONKE
Ecaleni lika-1998 inkampani yehluleka ukuthola ukuthi ubani owayenza ubugebengu ezimotweni zayo kangangoba yabhalela abasebenzi bayo incwadi eyayithi kunoma yisiphi isenzo sokwenza ubugebengu kunoma iyiphi imoto yenkampani ngisho bengamazi umenzi wobubi, kuyophetha ngokuxoshwa kwabo.
Kwaphinda kwenzeka ubugebengu, umqashi wanika abasebenzi bakhe imizuzu engu-20 ukuba badalule amagama abantu okuyibo abenza lokhu. Benqaba base bexoshwa bonke.
Leli cala laqulwa kwiLabour Court emva kwalokho ladlulela kwiLabour Appeal Court. I-Labour Appeal Court yathi "abasebenzi bonke banolwazi ukuthi ngubani owenze lokhu kodwa bakhetha ukuzibandakanya naye ngokuba bathule."
Abaphathi ababekwanga cala ngokuthatha lesi sinqumo.
UTHINI UMTHETHO
BONA ZULU January 2009
ESITHOMBENI KULINGISIWE
