zulu.2042.disabled
Ngesikhathi izingane eziningi ziphindela esikoleni, izingane ezikhubazekile zisuke zingazi ukuthi ikusasa liziphatheleni...
Badinga
USIZO
UMAMA uNosizwe Ziwele oneminyaka engu-58 ungumzali ongayedwana onendodakazi ekhubazekile kanti uyazi ukuthi kunzima kangakanani ukukhulisa ingane ekhubazekile elokishini.
UXolelwa, igama lendodakazi yakhe wazalwa enengalo nomlenze okhubazekile kanti akakwazi ukuhamba, ukuzifunza noma ukuzigeza. Bahlala eKhayelitsha eCape Town endlini enamagumbi amabili kanti akatholi xhaso ngokukhubazeka kwakhe.
Umama uNosizwe uthi uXolelwa akakwazanga ukufunda isikhathi eside esikoleni sabakhubazekile ngoba kwakubiza kakhulu. Akayedwa kule nkinga ngoba baningi abazali abangenawo amandla noma abangakwazi ukunika izingane zabo ezikhubazekile imfundo engcono.
Ngokwezibalo zikahulumeni, zingaphezulu kuka-260 000 izingane ezikhubazekile ezweni lonke ezingafundi. Ziyethusa lezi zibalo uma ubheka ukuthi izingane zinelungelo lokufunda.
Kodwa ngabe yini eyenziwayo ukusiza izingane ezinjengoXolelwa?
Impendulo kulowo mbuzo ayilula njengoba sicabanga.
Ekuqaleni kuka-2007, uhulumeni wenza izinhlelo zokufaka izingane ezingakhubazekile kakhulu "ezikoleni ezijwayelekile". Lezo zikole kwakufanele zibe nendawo yokuhamba ama-wheelchair ukwenza isibonelo.
Uhulumeni wabuye wathembisa ukuthi uzokwakha izikole "ezinezidingo" zezingane ezikhubazeke kakhulu ezweni lonke.
Kwakuhloswe ukuthi zibe ngu-30 izikole ezinjalo kodwa ngenxa yokuntuleka kwezimali, isibalo sazo sehliswa saba ngu-12 ngokukaMoses Simelane woMnyango wezeMfundo.
Kodwa inkinga enkulu wukuthi iningi lalezi zikole alinakho okudingekayo ukuze zisebenze kahle.
Okukhulu kunakho konke wukuthi bambalwa othisha abaqeqeshelwe ukufundisa izingane ezikhubazekile ngokukaSimmi Pillay ongumdidiyeli kwezokukhubazeka kwiSouth African Human Rights Commission (SAHRC).
U-Dave Balt, umongameli weNational Professional Teachers Organisation Of South Africa (Naptosa) uthi bakhala kuhulumeni ngokushoda kothisha.
I-Naptosa ithi isibalo sezingane okumele zifundiswe singaphezulu kwesothisha.
U-Balt uthi inhlangano yabo isalinde impendulo kuhulumeni.
U-Sandra Ambrose weDisabled Children's Action Group ukholwa wukuthi umgomo kahulumeni ubuye ungazikhathaleli izingane ezikhubazekile ezivalelwa emakhaya zihlukunyezwe.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo uLunga Ngqengelele uthi uhulumeni wenza okwanele ukusiza izingane ezikhubazekile ukuze zifunde.
Ukhala ngabazali abangazilethi izingane ezikoleni, noma abangaxhumani nosonhlalakahle ukuze babasize.
Ngokwalo mnyango, kunezinhlelo zokwakha izikole ezinazo zonke izidingo zabakhubazekile ukuze izingane zifunde ezikoleni ezakhelene nazo kunokuthi zifunde kude.
UNosipho Franse onguthishanhloko eTembaletu Special School eGugulethu, eCape Town ungomunye wabasiza izingane ezikhubazekile.
Lesi sikole sinabafundi abangu-185, bangu-166 abaxhaswe nguhulumeni ngemali.
Kodwa lesi sikole sisenenkinga yokuntula imali yokunikeza abafundi baso imfundo ekahle bathole nezidingo ezingaphezulu kokufunda. Phakathi kwezinkinga ababhekene nazo, kubalwa nenkinga yokungakwazi ukukhokhela abantu abazolungisa isikole noma ukuthenga ukudla nezinto zokuthutha abafundi ezanele ngokukaNosipho.
Ngeshwa, abazali abayingeni eyokuxhasa lesi sikole. "U-80% wabazali abanezingane ezikulesi sikole awusebenzi awunawo amandla okukhokha imali yesikole," kuqhuba yena.
I-SAHRC ikholwa wukuthi mukhulu umsebenzi okusafanele wenziwe, kusukela ekwaziseni abazali ngezindlela abangazisebenzisa ekukhuliseni izingane ezikhubazekile. "Iminyango yezemfundo kufanele isebenze ngokubambisana - kwenziwe izinguquko ngokushesha," kusho yena.
Okwamanje izingane ezikhubazekile zisancishwe imfundo nekusasa eliqhakazile.[z]
Indaba nezithombe: Brenda Nkuna/West Cape News
IMPILO
Zingu-260 000 izingane ezikhu-bazeki-le ezinga-fundi
Abafundi abathokozile. Nakuba kuntuleka izimali, izikole zabakhubazekile ziyazama ukubasiza.
Umama uZiwele efunza uXolelwa. Uthi wahluleka wukufundisa indodakazi yakhe ngoba kwakubiza.
UNosizwe Ziwele edlala nendodakazi yakhe uXolelwa ekhaya labo e-Khayelitsha.
