zulu.2041.free
Izipho zika-R17 550
ISITHAMBISI ESISHA SEZINGUBO
Abenzi beSta-soft baqhamuke nobuchwepheshe “obungadingi kuhlambulula”. Okufanele ukwenze ukuze kuphume insipho ezingubeni zakho zisale zithambile zinuka kahle wukufaka inkomishi yeSta-soft Rinse-free emanzini ahlanzekile ufake izingubo zakho ezinensipho.
Lo mkhiqizo uthambisa izingubo uzenze zinuke kamnandi.
UBONA uphisana ngamahampa amane abiza R1 300, anesethi yamathawula eGlodina, iwashi elisasiliva eline-alarm ongalibeka edeskini elisebenza ngama-battery nemikhiqizo emibili yeSta-soft.
Thumela igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini nge-postcard kuleli kheli: BONA/Sta-soft Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe STASOFT ku-35919.
UKUNAKEKELWA KWEZINWELE
Yenzelwe ukushiya izinwele zinempilo, zicwebezela ziqinile i-Organic Root Stimulator original Olive Oil relaxer kanti ibalwa ochungeni lokunakekelwa kwezinwele oluthandwa kakhulu.
Kulolu chunge kukhona i-sheen spray eyondla izinwele, i-lotion eswakamisayo enothiswe nge-olive oil, i-neutraliser ye-Olive Oil Creamy Aloe Shampoo, ne-Olive Oil Foam Wrap Set Mousse ekahle uma ufuna ukusetha izinwele ngoba yenza ukuba ziqoqeke kahle. I-New Olive Oil Polish entsha yenza ukuba izinwele zingagoqani.
UBONA unamahampa angu-11 ale mikhiqizo yokunakekelwa kwezinwele abiza R350 iyinye ophisana ngawo. Ukuze uthole eyakho, thumela igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kuleli kheli: BONA/Haircare Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe ROOTSTIMULATOR ku-35919.
I-AEG/Electrolux Electric Pressure Cooker iphephile, kulula ukuyisebenzisa, ukushisa kwayo kungamaphesenti angu-70 kunezinye izindlela zokupheka, kanti ishiya ama-vitamin nama-minerals ekudleni uma sekuphekiwe.
Ine-thermostat enezinombolo ezifundeka kalula, izinkinobho ezicindezelwayo ezisetshenziselwa ukwenza izinto eziningi, i-99-minute timer neLED countdown display, nebhodwe ongaligeza emshinini wokugeza izitsha ne-trivet.
UBONA uphisana ngama-AEG/Electrolux Electric Pressure Cookers amane abiza R999. Thumela nge-postcard igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona ngezikhathi zasemini kuleli kheli: BONA/AEG/Electrolux Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe AEGELECTROLUX ku-35919.
BONA ZULU September 2008
IMITITILIZO
AMA-PRESSURE COOKER
IZIQEDAPHUNGA ZE-DESIGNER NOTES
Inewozawoza, yenza ukuba uqhakambise imizwa yakho yangakobulili yenze kubonakale ukuthi impilo uyayithanda – leyo yiLove To Love, isiqedaphunga esisha sabakwaDesigner Notes. I-Love To Love ifeza zonke izidingo zakho ezihambisana nothando – ibuyise ukuqhakaza!
Ukuze uthole ihampa yeLove To Love eyodwa kwangu-30 ebiza R150 iyinye, bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emhlane we-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Love To Love Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe LOVETOLOVE ku-35919. [z]
Usuku lokuvala ngumhlaka:
30 September 2008
(I-SMS ngayinye ibiza R3.)
