zulu.2037.BEC feedback
Bafike qathatha…
BONA ZULU – September 2006
I-SEVENTEEN East yisizinda esisha esisanda kungenisa kwezokusikwa kwengqephu esiphethwe nguNhlanhla Thobakgale noThembi Sikhosana. Bagxile kakhulu ekusikeni ingqephu yasebusuku neyemishado. Kumanje basezinhlelweni zokusika eyabesilisa.
AbeSeventeen East basebenzisa ikakhulu amakhono abakhubazekile ngenhloso yokubavulela amathuba omsebenzi.
NGENHLA: UConnie Mashaba oyiCEO yabeBlack Like Me yamthatha kakhulu ingubo eyenziwa nguNhlanhla Thobakgale weSeventeen East, (phakathi nendawo kwesobunxele) kangangoba waze wamcela ukuba enzele uMiss Black Like Me omusha, nokukhomba ngokusobala ukuthi ukusebenzisana ezinhlakeni zeBona Empowerment kunezithelo ezinhle!
NGENHLA: Isiphalaphala somkhangisi osemncane ekhangisa ngomsiko wabeSeventeen East owathatha amehlo abaningi.
Taste the Soul of Africa… Taste Success with Mageu Number 1
IMIKLOMELO iMageu Number 1 Small Business Awards yenzelwe ukukhuthaza abafundi bakaBONA kwezamabhizinisi.
Lo mncintiswano waqala ngo-October nyakenye kanti uzophela ngo-October kulo nyaka. Abaphumelele zinyanga zonke, bazovela kuBONA.
Abawinile bayomenyezelwa emcimbini ophambili oyoba seGoli ngoNovember kulo nyaka . Ungakhohlwa wukuchwaneka i-barcode emngenelweni wakho ngamunye ufake nayo yonke imininingwane yakho. Sazise futhi ngebhizinisi lakho - njengezinto ezifana nosayizi walo, indawo oliqhubela kuyona, nokuthi lenzani. Udayisa ukudla, une-spaza, nanoma yini oyenzayo?
Amafomu okungenela neminye imininingwane ngale miklomelo kungatholakala kule
Website yethu:
www.empowermentclub.co.za
Ukuze uthole ikhophi ethunyelwe nge-fax, shayela uWellington kule nombolo
011-883-8829 (ngezikhathi zomsebenzi) [z]
…ezengqephu
BONA ZULU – September 2006
