zulu.2035.career
Baphephisa abantu
Leli lizwe lidinga abazosiza ezimweni eziphuthumayo abaqeqeshiwe
Ezemisebenzi
indaba nguGRACE KHUZWAYO
isithombe nguBRETT FLORENS
BONA ZULU - July 2007
ABASIZA ezimweni eziphuthumayo bafika kuqala uma kukhona odinga usizo lokwelashwa. Laba bantu baqeqeshiwe kulo msebenzi kanti ngaphandle kwabo, isibalo sabantu abafa ezingozini singakhula kakhulu kunalokhu esiyikho manje.
Kukhona enye intokazi esencane ewenza ngendlela egculisayo lo msebenzi. UNokubonga Krwentela nguye kuphela umuntu wesimame onsundu kuleli lizwe oneziqu zeBachelor Of Technology kwi-Emergency Medical Care...
lWawukhethelani lo msebenzi"
Ngangifuna ukuba ngudokotela kodwa ngangathola imiphumela ekahle. Kwakunoluhlu lwemisebenzi eyayikhona emkhakheni wezokwelapha engangingakhetha kuyona ngabona kungcono ukuba ngikhethe lona.
ElaseSouth Africa linesibalo esikhulu sabalimala ezingozini zomgwaqo nezodlame. Kukuphatha kanjani ukubona abasuke belimele uma kudingeka ukuba ubasize" Ekuqaleni ngangiphatheka kabi. Ngangineminyaka engu-17 ngesikhathi kudingeka ukuba ngiyosiza engozini yemoto kanti ngangisafunda. Owalimala lapho washona lokho kwawuphula kakhulu umoya wami!
Ngaleso sikhathi ngangithi lo msebenzi uzongihlukumeza kodwa kusukela lapho sengifunde ukuthi akufanele ngivumele ukuphuka komoya uma kudingeka usizo lwami ngoba ngiyawadinga amandla okusiza omunye umuntu. Kulo msebenzi asitholi kwelulekwa kanti lokho kuyadabukisa ngoba kungenza omkhulu umehluko kwabawenzayo njengoba siwuthatha ngezindlela ezingafani.
Yini enhle ngawo" Kuyangijabulisa ukwazi ukuthi ngihlome ngolwazi lokuphephisa abantu. Ngisiza abalengela ekufeni nababelethayo.
Okuhlosile ngalo msebenzi" Ngisafuna ukuba ngudokotela. Ngisazozama ukufeza leso sifiso sami.
OKUDINGEKA KUMUNTU
Yehlisa umoya ubekezele, mela izinqumo ozithathayo, kuthande ukusebenza nabantu, yiba namandla okusebenza ngaphansi kwengcindezi, phila kahle ngokomqondo nangokomzimba.
AMATHUBA OMSEBENZI
Abandakanya: ukusebenza kuma-ambulensi azimele nakahulumeni, usebenze olwandle (ezizindeni zikawoyela) ezindizeni, uqeqeshe ufundise abanye. Ungakwazi nokugcina usuyimenenja.
IMIHOLO
Kuya ngokuthi usebenza kuhulumeni noma embonini ezimele yini. Ingasuka ku-R6 000 ngenyanga, kuye ku-R12 000 nangaphezulu uma uyimenenja.
IZINDAWO ZOKUWUFUNDELA
I-National Diploma (NDip EMC) kwi-Emergency Medical Care
ungayithola: eCape Peninsula University Of Technology, Durban University Of Technology, University Of Johannesburg, Central University Of Technology (Free State).
Amanye amanyuvesi aneziqu zeBTech EMC kuye kwezeMasters.
Isitifiketi sika-matric masibe ne-maths, physical science noma i-biology. Kudingeka nokuba uhlolwe ukuthi uphila kanjani. [z]
