zulu.2030.yourstories_crime
EZOBUGEBENGU
Yena nomkakhe behlukana, esefuna ukushada kabusha - kodwa ngenxa yezikweletu, idivosi wayengayicabangi. Ukube wayefa unkosikazi wakhe, yena wayezothola imali yemishwalense yakhe. Lokhu kwamenza wakha itulo lokumbulala
UMSHAYELI wezimoto ezidonsa ezinye ezimweni ezibucayi uJeff Lamb wasePalm Beach eFlorida wabiza amaphoyisa ezowatshela ukuthi umkakhe ufile.
Uthi ngomhlaka 15 June 2004 wathi efika ekhaya wathola umkakhe uCathy ebulewe.
Kwakukhona igazi yonke indawo - ezindongeni naku-ceiling. Emzimbeni kaCathy alikho ithambo elalingaphukile - kodwa kuyacaca ukuthi umbulali wayegxile ekhanda njengoba lalifahlakile lithambile wena owabona ibhola eliphantshile.
Izinja ezimbili zalaba bashadikazi kwezintathu, nazo zazishayiwe zilimele kakhulu kwaze kwadingeka ukuba ziqedelwe. Inja yesithathu yatholakala ekameleni elalikhiyiwe, ingalimele.
Lena yiyona into yokuqala eyaphamba amaphoyisa.
Kwakungenzeka kanjani ukuba kubekhona umuntu ogqekezile ekubeni kukhona izinja ezintathu? Kwakunezinto futhi ezazingajwayelekile ngalobu bugebengu ngokusho kukaKim Bradley umseshi owayephenya leli cala.
Ongumyeni uJeff watshela amaphoyisa ukuthi kuntshontshwe amacici egolide kaCathy.
Amaphoyisa kwawacacela ukuthi kukhona obezama ukwenza sengathi bekukhona ozama ukugqekeza waphazamiseka. Lokho kwenza futhi uJeff kube nguyena umsolwa wokuqala.
Uchwepheshe wezokwelapha owahlola isidumbu sikaCathy uthi cishe wabulawa phakathi kuka-4.30 no-5 ntambama ngalolo suku.
Abaseshi baqala bathungatha abasolwa. Owokuqala abaqonda kuye nguJoey Steidel intombi kaJeff eyafika endaweni yesigameko emva kwamaphoyisa.
"Akujwayelekile ukubona umyeni obhekene nosizi lokulila eduduzwa yintombi yakhe endaweni yesigameko," kusho umseshi uBradley.
Wayekuphi yena (uJoey) ngesikhathi uCathy ebulawa? Amaphoyisa athola ukuthi wayesebenza njengoweta e-restaurant eseduze nokuyilapho amakhasimende amaningi ambona.
Ngesikhathi amaphoyisa ecwaninga i-cellphone kaJeff athola omunye umsolwa wesithathu.
Kwakungomunye wesimame owakhuluma noJeff ocingweni ngaleyo ntambama.
Kancane emva kokubulawa kukaCathy ngo-5 ngayo leyo ntambama, uJeff washayela ucingo omunye wesimame ogama lakhe nguLisa - okwatholakala ukuthi ungumakhelwane wentombi kaJeff.
ULisa ushadile unezingane ezimbili, wavuma ukuthi wayethandana noJeff Lamb ngesikhathi amaphoyisa emphonsa imibuzo.
Empeleni umyeni wakhe wababamba bendawonye emasontweni ambalwa ngaphambi kokubulawa kukaCathy Lamb.
Umyeni kaLisa uRay watshela amaphoyisa ukuthi: "Ngamshiyela umyalezo kwi-cellphone yakhe wokuthi uma ngike ngaphinda ngambona eduze komuzi wami noma emndenini wami ngiyombulala.
"Ngiyokwenza konke okusemandleni ami ukuvikela umndeni wami, ngakhoke angimfuni eduze kwawo."
Ngalawa mazwi, uRay wazenza umsolwa wesine.
Abaseshi basheshe bathola ukuthi bobabili uRay nomkakhe uLisa baba nokuthandana okumangalisayo ngesikhathi sokufa kukaCathy nokuyinto eyabenza abasolwa.
Kodwake, lokho kushaya kwakhe ucingo uJeff yikho okwamfaka enkingeni.
Ngokukhalipha kwamaphoyisa, asesha i-cellphone yakhe athola ukuthi ngesikhathi eshaya ucingo wayeseduze kwendlu uCathy abulawela kuyona.
Lokho kwakusho ukuthi wayewakhohlisa amaphoyisa uma ethi akazange aye eduze kwasendlini kwaze kwaba uthola isidumbu sikaCathy ngo-7 ebusuku.
Ezinye izingxenye zendaba yakhe zaqala zangahlangana.
Watshela amaphoyisa ukuthi inja yakhe uBandit wayekhiyelwe ekameleni ngesikhathi sokufa kukaCathy.
Yangena kanjani inja ekameleni?
Kungani inja okungeyakhe uJeff kube yiyo kuphela eyayingalimele ekubeni lezi ezimbili okungezikaCathy zazilinyazwe kangangoba kwadingeka udokotela wazo aziqedele?
Ngokuzama ukusesha ikamumva likaJeff, amaphoyisa athola ukuthi enye yezinhloso zokubulala - kwakuyimali.
Eminyakeni embalwa eyedlule, umqashi kaJeff wasola uJeff ngokuntshontsha imali engu-R200 000. Wayibuyisa imali wavuma ukuthi u-R60 000 oyinhlawulo uzowukhokha ngezikhawu zazinyanga zonke.
Kodwa ukukhokha le mali kwaba yinto enzima.
Amaphoyisa aphinde athola ukuthi umshwalense kaCathy wawuzokhokhela uJeff imali engu-R60 000 uma kwenzeka eshona.
"Kwakuyimali yomshwalense encane kakhulu kodwa engicabanga ukuthi yayizokuba yimpendulo kwayeyidinga uJeff ngisho ngabe wayeyithola kanjani," kusho umseshi uBradley.
Amachaphazelo egazi likaCathy atholakala ezimpahleni uJeff ayezigqokile ngalelo langa. Kwathi lapho umseshi ebheka i-jean kaJeff, wathola icici elilodwa uJeff ayethi antshontshiwe.
Ezinyangeni ezimbili emva kokubulawa kukaCathy, indoda eyayisebenza yathola induku yensimbi phezulu ophahleni lwehhovisi lapho uJeff ayesebenza khona. Kwacaca ukuthi yiyo eyaba yisikhali sokubulala.
UJeff Lamb waboshwa wabekwa icala lokubulala.
Amaphoyisa akholwa wukuthi uJeff wayesefuna ukushiya phansi kulo mshado. Laba bashadikazi behlukana iminyaka embalwa, emva kwalokho babuyelana futhi. Ayikho into eyashintsha, uJeff waqhubeka nokuzijolela.
UCathy wakubekezelela lokhu kodwa akazange akuthande.
Wambulalelani pho? Akamdivosanga ngani okungcono?
Pho Imali, ayiluthezi olunenkume. UJeff wayekhokha isikweletu senhlawulo ka-R60 000 ayegwetshwe wona ngenxa yokukhwabanisa, ekubeni nedivosi yayizomshiya nemali encane angakwazi ukukhokha.
Amaphoyisa akholwa wukuthi uJeff wayehlele ukusebenzisa imali yemishwalensi kaCathy ukuze aqale impilo entsha.
Ngentambama yosuku lokubulala, wayesemsebenzini. Ngokozakwabo emsebenzini uJeff bathi wayeyofaka uphethiloli emotweni ayeyikhanda, wahamba cishe phakathi kuka-4:30 no-5 ntambama.
Wahamba waya lapho ezomlindela khona uCathy ukuba abuye emsebenzini nokwathi lapho efika wamshaya ngenduku eyinsimbi wambulala.
Emva kwalokho wazama ukwenza kubukeke sengathi uCathy waphazamisa isigebengu sigqekeza. Ukushaya izinja zikaCathy zombili, kodwa hhayi eyakhe ngelinye lamaphutha alenza njengoba sibonile.
NgoSeptember 2006 uJeffrey Lamb wagwetshwa udilikajele.[z]
Indaba: Marissa Charles/Splash News
Wayesezikweletini wabulala umkakhe
UCathy noJeff Lamb ngezinsuku besathokozile.
Umbhede onegazi lapho isidumbu sikaCathy silele khona.
Isikhali sokubulala. Satholakala ophahleni lwehhovisi lasemsebenzini kaJeff
Umyeni uJeff wathi kwantshontshwa amacici kaCathy - emva kwesikhathi, elilodwa latholakala ephaketheni lakhe.
Amakhabethe uJeff awashiya evulekile ukuze enze sengathi uCathy wabulawa owayegqekeza.
Izinja ezingakwesobunxele kwakungezikaCathy, nazo zalinyazwa kanzima kangangoba kwadingeka ukuba zibulawe. Engakwesokudla kwakungekaJeff yona engazange ithintwe.
