zulu.111.motoring
UKAPTENI Scott Oltman nesikhulu esiphezulu uDillon Shepley beGO yezokundiza eHawaii cishe bayazisola ngokuthi babengahambi ngemoto entsha iMercedes-Benz A noma i-B class ngesikhathi bendiza bedlula isikhumulo sezindiza okwakufanele bahlale kuso ngasekupheleni kukaSeptember kulo nyaka.
Bobabili baxoshwa kwamiswa amalayisensi abo okwesikhashana.
Kodwa kufanele bazithathe njengabantu abanenhlanhla ngoba isimo asibanga sibi kakhulu njengoba bobabili babelele baphuthelwa izingcingo zemizuzu engu-17 ziphuma kulabo ababelawula ukuhamba kwezindiza emoyeni.
Ongumshayeli we-passenger jet nguye owabalawula, ngeshwa iFlight 1002 yandiza yedlula endaweni okwakufanele ihlale kuyona ngoba umshayeli wayo wayengayisethanga ukuba
ihlale nokuyinto eyayizokwenzeka kalula.
Ngakolunye uhlangothi iMercedes eyi-class A noma B kulula ukuba isheshe ime.
Uma ifakwe okwenza ukuba izipake okubiza R4 000, okudingeka ukuba ukwenze wukuyihambisa kancane idlule indawo yokupaka engenalutho, ushaye i-indicator yokujikela kuyona ukuze ikubuze ukuthi ufuna ukungena kuyona yini.
Uma ufuna ukupaka umisa imoto ebangeni elingange-metre noma amabili bese ufaka igiya lasemumva, ususe izandla kwi-steering wheel ulinde…
I-power steering esebenza ngogesi nama-bumper-distance sensors yikho okuzokwenza umsebenzi. Iyazihlehlela ize izingenele endaweni yokupaka.
Ama-sensors yiwo azokutshela ukuthi ukude noma useduze kangakanani emotweni engemumva nengaphambili bese izingenele ngokwayo egiyeni lokuqala.
Konke okudingayo wukususa unyawo kwi-gas pedal, ufake u-neutral lapho i-system isikutshela ukuba wenze njalo bese iyazipaka.
Kwabaningi bethu lokhu kuzozwakala njengento eyenzeka kwi-movie yesayensi ekubeni izimoto ezizipakayo sekuyiminyaka zikhona.
AbakwaBosch okuyibo abafakela lokhu kulabo abangabenzi bezimoto bathi kumanje sebakha i-system engeke idinge usizo lomshayeli.
Ngalolo hlobo ungakwazi ukuba uzehlele emotweni, ucindezele inkinobho kwi-remote bese uyibuka izipaka…
BONA ZULU December 2008
IMOTO EZIPAKAYO
EZEZIMOTO
Ama-Sensors aphendula amasondo
I-Mercedes entsha inokuningi okuhle okwengeziwe. Ubani owaziyo ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba ezinye izimoto zibe nazo lezi zinto zikanokusho…
I-Mercedes-Benz A noB Class ezingama-hatchbacks
Kusanda kwethulwa uhlobo lweMercedes-Benz A neB Class olungama-hatchbags enziwe ngcono kakhulu, nokwenza lezi zimoto kube ngeziphambili kunazo zonke.
Phakathi kwalokhu singabala ama-brake lights kanjalo nalawo malambu asebenza lapho kwenzeka ingozi axhumene nama-hazard nawo wonke amalambu angaphakathi asebenzisana nama-airbags.
Amanani alawa mamodeli womathathu ochunge lwama-class ngokwahlukana asukela ku-R212 000 kwi-A170 kuya ku-R308 000 nge-B200 CDI turbo-diesel.
Zonke lezi zinhlobo zifika nama-ABS brakes, umsakazo, amafasitela kagesi, air-conditioning nokunye.
Kuningi ongakukhetha ukuba kufakwe, nemali ithi xaxa – okokulawula umsindo, i-navigation system, ESP traction control ekwazi ukumisa imoto ingakwazi ukuzehlela endaweni eyehlelayo lapho ususa unyawo lwakho kumabhuleki, ne-sunroof.
AmaMercedes-Benz amancane angama-hatchbacks abiza kahle uma uqhathanisa nendlela ayiyo. Aphephile, akheke kahle kanti asebenza kahle - kanti okubalulekile - ahamba izihlabani. [z]
Indaba: Gavin Foster
OKUSHA ONGAKUMELA…
I-bakkie entsha yeNissan inkulu, iphephile futhi inamandla
Yethulwa ngoSeptember - kanti isebenzisa injini eyi-1,6 litre, ekubeni ama-half tonners asochungeni olufanayo ngokwenani, engu-1,3 noma 1,4-litre – i-NP200 yi-bakkie engcono kakhulu kunaleyo engaphambi kwayo - ngisho nangemali imbala. Le moto entsha yinkulu, iphephile yinhle kanti ithwala cishe 800kg okungumthwalo ongaphezu kwalowo wendala engu-1400 cishe ngo-33%.
Injini yayo ingeyesithathu kwezinamandla ngokwedlulele kanti indawo yokuthwala idlulele ngo-300mm ubude, 89mm ububanzi kube ngu-221mm ukudepha kunaleyo endala. I-warranty njengamanje iyiminyaka engu-3/100 000km - ekubeni endala i-bakkie ngunyaka owodwa ebangeni elingakalelwe.
Okuhle wukuthi inani layo alikho phezulu. Ingu-R88 900 i-NP200 (nokuyiyona modeli ekhona) ekuqhathanisweni no-R84 800 yeNissan 1400 engasenziwa noma R88 500 weyohlobo lweChamp kodwa engenayo i-aircon, ABS, amafasitela asebenza ngogesi noma ama-airbags.
I-Nissan NP200 okwamanje singayifanisa ne-1400 endala enamandla amangalisayo futhi ebukeka kahle. Ngaphakathi
futhi yinhle. Ayinawo umsakazo kanjalo nezinto esizibalile
ngenhla. Ezibiza kakhulu kunalezi zizofika lapha ngo-April ngonyaka ozayo.
GAVIN FOSTER
