zulu.2021.ladysmith
I-Ladysmith Black Mambazo
I-LADYSMITH Black Mambazo eyizingqalabutho emculweni ithole ukuhlonishwa ihlandla leshumi kumaGrammy Awards ayeseNew York ngoFebruary kulo nyaka nokwathi kusenjalo leli qembu lehlelwa yifu elimnyama ngokwedlula emhlabeni kwelungu lalo uJockey Shabalala.
I-CD yabo yakamumva ethi Long Walk To Freedom inezingoma abazishaya nezihlabani zakuleli nezaseMelika.
Badume umhlaba wonke – kodwa ngokukaJoseph Shabalala abaculeli ukuthola imali.
UmfokaMshengu, ozohlanganisa iminyaka engu-65 kulo nyaka, wenza imali ephindaphindwe kathathu kweyenziwa yizingqalabutho ezinjengeSoul Brothers noChicco Twala ngoba uyena obhala izingoma zeBlack Mambazo ezisetshenziswa ezikhangisweni emhlabeni wonkana.
Umculo wabo ubuye uzwakale nakuma-movie aseHollywood, emahlayeni eTV, kuma-show ezingane nakuma-documentary ezemvelo.
U-Geoff Paynter wakwaGallo uthi uJoseph Shabalala ungomunye wababhali bezingoma abadumile.
“Lokho akwenziwa yithalente lakhe kuphela kodwa kudalwa nawukuthi uhlelekile, unolwazi lwento ayenzayo nokuthi umsebenzi wakhe uwenza ngokuzimisela,” kuqhuba uPaynter.
“Kumnandi ukusebenza naye. Ngo-1995, ngesikhathi iMambazo icula iculo elaliyisiqubulo seRugby World Cup kuleli, wayechitha amahora egqoke ijezi leSpringbok ephonsaphonsa ibhola kubathwebuli bezithombe.
“U-Joseph uyithola kufanele imali ayitholayo.”
Amabhendi anesigqi esikahle kwezentengiso angenza imali enhle uma izingoma zawo zisetshenziswa ezikhangisweni zeTV.
I-Ladysmith Black Mambazo ithathwa njengeqembu elimele thina phesheya – kodwa umculo wabo ubungashaywa mkhuba eBritain phezu kokuba bebeba namakhonsathi asezingeni eliphezulu.
Lokho kwaphela ngo-1998. Ingoma yabo ethi Inkanyezi Nezazi yayizwakala ubusuku nemini kwiTV esikhangisweni seHeinz Baked Beans.
I-albhamu yabo ethi Star Of The Wiseman yadayisa amakhophi ayisigidi eLondon nje kuphela kulowo nyaka.
Noma kunjalo, uJoseph uthi impumelelo yabo ayimenzi ukuba abhale izingoma ngenhloso yokuzuza imali.
“Imali ayiyona inkinga kodwa ngikholwa wukuthi abantu okumele ubabhalele kuqala. Yibona ababalulekile,” kusho yena.
Konke akwenzayo emculweni wakufunda kubaba wakhe uMlwane. “Uma ngilalele ama-albhamu eLadysmith Black Mambazo ngiyalizwa izwi lakhe kweminye imicu,” kusho uJoseph.
“Wayecula kahle kodwa engazibhali izingoma – wayecula okwakumfikela engqondweni.
“Kuyena ngafunda ukukhuluma ngomculo.
“Sasibane ngesikhathi ngisungula leli qembu abakwaGallo Records bangikhuthaza ukuba ngifune amanye amalungu.
“Kwakungu-1971 ngaleso sikhathi kanti sesidlondlobele kakhulu manje. Ngisabhala ngendlela engangibhala ngayo sisaqala.”
Leli qembu lithathwa njengelimele iSouth Africa ngomculo emazweni ngamazwe.
U-Joseph wayesenehhovisi lakhe eMelika ngesikhathi oNelson Mandela behlonishwa ngeNobel Peace Prize ngo-1993.
“Samenywa ukuba siyocula ngesikhathi bethola lowo mklomelo eNorway,” kusho yena. “Saqedela konke okwakumele sikwenze sangena endizeni siyohalalisela oMadiba siculela nabantu bakithi.”
I-CD yabo entsha ethi Long Walk To Freedom idla ubhedu kuleli naphesheya kwezilwandle. Kuyona kuboshelwe izingoma leli qembu elazikhipha eminyakeni engu-30 edlule okukhona kuzona nelalizishaya nezihlabani ezinjengoVusi Mahlasela, Hugh Masekela, Bhekumuzi noThandiswa.
Abaculi abake bawina amaGrammy abanjengoMelissa Etheridge oshaya isiginci, Emmy Lou Harris ocula i-country, Sarah McLachlan noNatalie Merchant ocula i-rock bayezwakala nabo becula naleli qembu emicwini ethi Diamonds On The Soles Of Her Shoes nothi Homeless.
U-Joseph akakayicabangi eyokuthatha umhlalaphansi emculweni. “Ukuculela umhlaba wonke kusho ukufezeka kwephupho lami kanti ngisaku-thokozela kakhulu,” kusho yena.
Uyawa-bheka namathalente abaculi abasafufusa. “Baningi abaculi abanga-
hamba ezinyathelweni zethu,” kusho yena. “Njengoba ubaba
angipha lesi sipho,
ngifuna nabanye basilandele ngomculo wethu.” [z]
BONA ZULU – April 2006
KWESOBUNXELE: I-Ladysmith Black Mambazo ngelinye lamaqembu akuleli asezakhele udumo emhlabeni wonkana. (UJockey Shabalala ongasekho, ngowesithathu kusuka kwesokudla.)
Ngenxa yothando lomculo
Badume umhlaba wonke – kodwa abaculeli ukuthola imali…
indaba nguDOUG GORDON
KWESOBUNXELE: UJoseph Shabalala akakakucabangi ukushiya emculweni.
NGENHLA: Ngesikhathi behlabana ngomklomelo weGrammy.
BONA ZULU – April 2006
