zulu.2010.yourceleb_athome
Uzwana NOKUPHEKA
IKHAYA engakhulela kulona yilo elangikhuthaza lenza ngathanda ukupheka - kwakuhlale kunokudla okushisayo okuconsisa amathe - lokho namanje kusabaluleke kakhulu kimina. Isoka lami liyazi ukuthi uma lingivakashele lizokuthola noma kanjani ukudla okuconsisa amathe.
Ngithanda ukuchitha isikhathi sami ekhishini kanti futhi ngilithanda ngoba livulekile ngiyakwazi ukukhuluma nabangivakashele ngibe ngipheka.
Kuyisifiso sami ukuba nekhishi elikhulu eline-counter enesitofu segesi phakathi nendawo.
Sekuphele iminyaka emithathu ngihlala la futhi ngiyayithanda le ndawo ngoba iyisimanjemanje. Inamagumbi okulala amabili, okusho ukuthi nginendawo yokubeka izicathulo nezingubo zami.
Phezu kwalokho, iyilokho engizwana nako. Abantu abangontanga yami (abaneminyaka eyevile ku-40!) bazwana nefenisha yakudala kodwa mina 'angimdala'!
Kule minyaka edlule bengiqoqa ifenisha yesimanjemanje efanele le ndawo. Kodwa efenisheni enginayo eningi bengiyenzelwa abantu kubandakanya netafula lase-dining room ne-coffee table. Zonke izimpahla ozibona kule ndlu zakhethwa yimina.
Ukuhlala la kuyangijabulisa kodwa kukhona umuntu osanda kuntshontsha isipele sokhiye bami wabakhipha ngewindi, wavula ngabo wantshontsha ikhomphyutha ne-phone. Ngenhlanhla ngangingekho ekhaya! Yilokho okuba yinkinga uma uhlala wedwa kanti nomsebenzi engiwenzayo uyangihambisa. Isoka lami livakasha kathathu ngesonto kanti ngethemba ukuthi lo nyaka ngowokugcina ngihlala ngedwa - lokho kusezinhlelweni zami!
Njengamanje ngidlala emidlalweni yeshashalazi emibili edlala eMarco Polo Theatre eSandton.
Ngijwayele ukubuka iTV ngibe ngisebenza kwi-laptop yami. Ayisali ingilazi yewayini uma ngiziphumulele.
Njengamanje ngibhala incwadi enamaresiphi ami esengike ngawazama. Kungenzeka isihloko sayo sithi There's A Diva In Your Kitchen kodwa angikathathi sinqumo.
I-couch engaphambi kwe-coffee table inezincwadi namaphephabhuku okupheka angikhuthazayo. Ngihlala kuyona uma ngibhala izingoma ze-albhamu yami ye-jazz engizoyikhipha. Angikaze nganeliswe wukwenza into eyodwa.
Ngifisa ukuba nekhaya elinama-bathroom owabona kuma-movie, alingana nekamelo lonke! Kodwa engikufisa kakhulu wukuba nendawo ezohlala izicathulo zami kuphela. Ngihlulwa nawukusho ukuthi nginamapheya amangaki yingakho nje ngifisa ukuba nayo. [z]
Indaba: Ntokozo Maseko
Izithombe: Andrea Caldwell
EKHAYA NOBONA
U-Lucia Mthiyane ukhonze ukupheka uma esekhaya lakhe eliseBryanston
1. U-Lucia ukhuthazwa yizincwadi zakhe zokupheka njengoba epheka kahle.
2. Yisikhathi sokuphumula ehlise ukudla akupheke ekhaya ngengilazi yewayini.
3. Nakuba indawo yokuphumula iminyene, inezinto ezikhomba ukuthi uLucia uzwana nezinto ezinhle.
4. Itafula lase-dining room lenzelwa uLucia kanti lihambisana nemihlobiso yakhe.
5. I-bedroom kaLucia izothile kanti kuyabonakala ukuthi ngeyomuntu wesimame.
