zulu.2009.your_letters
Sanibona bangani!
KUKHONA ivesi elimnandi eBhayibhelini (kwabaseKorinte 1, 13: 4) elikhuluma ngezithelo zothando. Kuleli vesi kunendawo ethi uthando luyabekezela, lumnene, alunamhawu noma aluzigabisi futhi aluzikhukhumezi.
Akukho lapho kuthi khona uthando luzwisa ubuhlungu. Ezweni lethu baningi abesimame abahlukunyezwayo - kubona "uthando" lusho ukushaywa, ukuxhashazwa nokuzwiswa ubuhlungu.
UKhanyi Mbau, isihlabani esisekhaveni yethu ubalwa kwabesimame abaningi abahlukunyezwa amadoda abawathandayo. Odabeni olusekhasini 20 usitshela ngesihogo somshado wakhe.
Uzozizwa izizathu athi zaba yimbangela yokubekezela kwakhe. Njengabantu besimame, ngicabanga ukuthi akufanele sibekezeleIe amadoda asiphakamisela isandla asithethise uma ethukuthele.
Ngifisa sengathi singaqonda ukuthi ukuvuma ukuba sihlukunyezwe kubulala UNKULUNKULU Ophila ngaphakathi kithina.
Uthando aluzwisi buhlungu kanti ungathokoza othandweni uthole indoda engesona isiqhwaga - asekhona amadoda anjalo.
Ekhasini 24 uHashi Elimhlophe nonkosikazi wakhe u-Ebony basikhombise ikhaya labo eliphila ngothando. Bayisibonelo esihle sabashadikazi abathandanayo nabanempumelelo.
Ephephabhukwini lakho sikuphathele nefeshini, ezobuhle nokudla kwazo zonke izidingo zakho.
Okungekho kulolu shicilelo yisipho enganithembisa sona ngenyanga edlule - ikamu eliyisipho sakwaBONA niyolithola ngenyanga ezayo. Yobe kuleyo ndawo!
Ngizophetha ngezimnandi zokuwina kwami umklomelo weVodacom Rising Star ka-2009.
Lo mklomelo mkhulu kakhulu kimina kanti kuyangijabulisa ukubongwa ngale ndlela. Uyinkomba yokuthi ukusebenza kanzima kunomvuzo omuhle nokuthi engikuzuzile ngikuzuze ngenxa yethimba engibambisene nalo kanye nani bafundi bethu.
Ngiyanibonga kakhulu.
USbu Mpungose onguMhleli omkhulu kaBONA owine i-2009 Vodacom Rising Star Award. Kusuka kwesobunxele, nguFlo Modikwe ongumsizi woMhleli kwi-Wag the Dog Publishers, Redi Direko osakazela iTalk Radio 702, Dot Field wakwaVodacom noLiesl Pretorius onguMhleli wephephabhuku iThe Media.
IZINCWADI
ZWAKALISA UVO LWAKHO
Bhalela kuleli kheli: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni, 4060
fax: 031-912-2720 e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
I-maid no-madam
Ngafunda nge-Maid no-Madam (BONA, April 2009). Ukuba nobudlelwane obuhle nomuntu okusiza ekhaya yisiBusiso oSabelwa wuNKULUNKULU. Isikhathi eside engake ngasetshenzelwa ngaso umuntu oyedwa ongisizayo endlini kwaba iminyaka emibili. Phatha okusizayo endlini ngendlela nawe ongathanda ukuphathwa ngayo. Ungumuntu futhi naye unamalungelo. Ngemva kokufunda lolu daba, ngashintsha kakhulu.
Kusukela ngo-April 2007 ngisizwa umuntu oyedwa endlini futhi siyezwana.
Thembile Phuthe, Harare
Zenzele wena!
Ngithanda ukugqugquzela amantombazane aseMzansi ukuba asukume azenzele izinto! Ningacekeli phansi izimpilo zenu ngokukhulelwa nisebancane. Cabangani nibe nobuhlakani kwenikwenzayo, ningakuvumeli ukuxhashazwa abesilisa.
Ngamanye amazwi, zihlonipheni! Izikhathi zishintshile, umhlaba ungowenu ukuba niwulawule. Ibani namaphupho ezinto ezinkulu bese niwafeza.
MD, Madinyane
Akulungisiswe
Kulezi zinsuku sizwa izindaba eziningi ngezingane ezishaya noma zibulale othisha bazo. Kumele siqhamuke nezindlela ezintsha zokujezisa izingane zethu njengoba sekwavalwa ukushaywa. Indlela yokuziphatha ilahleke ngisho nasemakhaya ethu.
Sithi lezi zingane ziyikusasa, kodwa kubukeka sengathi sakha isizukulwane esingalungile.
Alice Ntloko, Libode
Indoda ebhedayo
Azoyeka nini amadoda ukuhlukumeza abesifazane" Azoyeka nini ukwenzisa okwabantu basemgedeni abanganqeni ukushaya owesimame ekhanda bamdonsele emgedeni"
Bazobona nini ukuthi abesifazane sebefuna ukwenza okungcono kunokukhulelwa nokupheka" Ukuhlukumeza akusiyo impilo. Kudingeka uqaphelisise uma ungowesimame onemoto ongenalwazi lokukhandwa kwayo ngoba omakhenikha bacabanga ukuthi lokho kubanika ilungelo lokukubiza imali ephindwe kabili badlale ngawe.
ZB, Springs
Hlakanipha ngasezimalini
Akusona yini manje isikhathi sokuqala ukuqikelela ngasezimalini" Ngiyazi kunzima, kodwa ukufunda ukuthi "cha" ezinganeni zakho kuyisiqalo esihle. Ngaleyo ndlela nazo uzobe uzifundisa ukuphatha kahle imali. Ungalindela kanjani ukuba zazi ukuthi izikhathi zinzima uma zithola konke ezikucelayo" Ukuzithengela amathoyizi abizayo akusho ukuthi ungumzali omuhle. Umzali omuhle wenza isiqiniseko sokuthi kukhona ukudla nendawo yokuhlala.
AN. Durban
Hlala ubagadile
Ukhetho seluphelile, manje asiqinisekise ukuthi osopolitiki esibakhethile bayazigcina izethembiso abazenzayo.
CS, Jouberton
Incwadi ewinile
PHEZU kwemikhankaso eminingi yokuqeda udlame neyokusabalalisa umoya wobuntu, sisabona inzondo nokungabekezelelani kwezinhlanga eMzansi. Okunye kwezinto esazilwela phambilini yilungelo lokuthathwa njengabantu baseSA hhayi njengamalungu esizwe esithile.
Kuyadumaza ukuthola ukuthi emva kweminyaka engu-15 sisembusweni wentando yeningi
kodwa kusekhona abantu abasadla ngoludala.
Uma kukhulunywa ngezinkinga ezihlupha umphakathi, asiyeke ukubandlululana ngokobuzwe sicabange njengabantu baseSA.
Sinomthwalo wokwakha isizwe esithandanayo nesihloniphanayo.
Asiziqhenye ngobuzwe bethu, kodwa lokho akusho ukuthi asibukele phansi abanye. Lokho kwenzekile esikhathini esedlule kanti sonke siyazi ukuthi kwaba namuphi umthelela.
Asikhohlwe yizinto ezingabalulekile siziqhenye ngokuba ngabaseMzansi. Masibumbaneni.
Matome Kubu, Menlo Park
Awucabange ukhombisa imizwa yakho yonke ngosizo lweSamsung M620. I-Nashua Mobile iyakuxhumanisa ngezinhlobo eziningi zama-cellular ongakhetha kuzona nemikhiqizo yama-data nangosizo lomsebenzi. Ngeminye imininingwane shayela: 0861-531-531 noma uvakashele: www.nashuamobile.co.za
Kungani singabeki ubuhlanga eceleni sizithathe njengabantu baseSA
Uhambo olude olubheke ebuntwini
Yiba ngowinile ngo
Ungapheli amandla
Udaba olubhalwe ngomunye umfundi wethu olunika ithemba
NGITHANDA ukutshela abafundi bakaBONA ukuthi ngikhule kanjani. Nginethemba lokuthi lolu daba luzobakhuthaza lubanike ithemba ngempilo kunoma yibuphi ubunzima ababhekene nabo.
Ubaba wayehamba ngomsebenzi afike ekhaya emva kwezinyanga ezimbalwa. Ekhaya ngangisala nomama owayephuza utshwala angihlukumeze. Ngezinye izikhathi wayengixosha endlini ngilale ehhokweni lezinkukhu.
Ubaba wayengazi ukuthi ngithwele kanzima ekhaya. Ngamtshela sengikhulile bagcina bexabene nomama. Emva kwalokho umama wathengela ubaba ababulali. Kwenzeka intando kamama ubaba wabulawa umama wagwetshwa iminyaka emibili kuphela ngalelo cala.
Ngesikhathi esaboshiwe, ngangihlala nomkhulu nokuyilapho ngathola khona uthando nokunakekelwa okokuqala ngqa empilweni yami.
Umama washona emva kokuphuma ejele. Ngangineminyaka engu-11 ngaleso sikhathi ngakhuliswa wugogo nomkhulu.
Kwakunzima ngaleso sikhathi - kanti ngisakhala namanje uma ngicabanga abazali bami - kodwa okwangikhanyela wukuthi kumqoka ukuhlalela ethembeni ngoba isimo sigcina singcono.
Mtunzi Xolisa, Cala
HALALA kulo mfundi obe nenhlanhla waziwinela ubusuku obune babantu abayisithupha emncintiswaneni we-Alpine Heath Resort owawukhishwe kuBONA kaJune 2009. Lowo nguDan K. Masimong waseBrits. Siyethemba uzokuba nesikhathi esimnandi ezintabeni.
Halala nakulaba abangu-25 abawina iCD kaBenjamin Dube kwiBlock Puzzle No 92 eyaphuma kuBONA kaJune 2009. Labo ngoPhindiwe Leshoeli, Vanderbijlpark; Pearl Mbambo, Zakariya Park; Nonkosi Portia Nyathela, Wesley; Lutendo L. Ramabulana, Sinthumule; A.M. Norman, Ixopo; Moyagabo Agnes Mmadi, Witbank; Thobekile Masinga, PMB; Rorisang Pule, Batlharos; David Nkabinde, Villiers; Nomonde Mahlanza, Butterworth; Daniel Mabasa, Komatipoort; Maria Madihlaba, Groblersdal; Regina Maleka, Motula; P.D. Nkomo, Bloemfontein; Abraham Makanzela, Vredefort; Veliswa Mlomzamo, Peddie; Quinton Zwane, Carltonville; Jacob Shikaya, Kabokweni; Martha Maabane, Middelburg; Mkangeli Mpego, Matatiele; Constance Pshwene, Garankuwa; Nandiswa Qogadashe, Ashton; Sibusisiwe Shoke, Olifantsfontein; Nomsa Makhanya, Badplaas noSibongile Nduli, Winklespruit. Siyathemba nizowuthakasela umculo wenu!
Impendulo: Meshack Mavuso [z]
Obhale le ncwadi ewinile kule nyanga uzozitholela
iSamsung M620 yakwaNashua Mobile ebiza
R1 200
