zulu.2007.katlego
Sixoxisane noKeketso weTV
UKEKETSO umphathe kahle kakhulu uKatlego Danke. UKeketso obegula ngengqondo uyena obe yimbangela yokuthi uKatlego oneminyaka engu-27 abalwe kulezo zihlabani esezisimeme ezweni.
Kodwa ngokwakhe kumphatha kahle ukwazi ukuthi akayiphili le mpilo ephilwa yilesi sitshudeni alingisa indawo yaso.
Lo mlingisi uhlukana noKeketso weBackstage kusihlwa nsuku zonke.
UKatlego iyamthokozisa impilo ayiphilayo. Uphezu komkhankaso wokuthenga umuzi wakhe wokuqala kanti uyavuma ukuthi kuyisifiso sakhe ukuthola umaqondana azoshada naye.
Kodwa lokho akakujahile kanti akathatheki uma ehlangana nabesilisa abami kahle. Uhlukile kulezo zihlabani ezisebenzisa udumo lwazo zihehe abesilisa abanamandla okuchitha izimali ezinhle ngazo.
"Ngingowesimame ongayedwana kodwa angimdingi owesilisa engizoncika ngaye. Angizwani neze nabesilisa abazongiheha ngezimoto abazigibelayo nangemisebenzi abayenzayo.
"Owesilisa engimhloniphayo yilowo okuthi uma ekhuluma nami akubeke eceleni ayikho, angihlekise, enze ngikulangazelele ukuba siphinde sibonane.
"Uma engenazo lezo zinto akakhohlwe ngisho noma ngabe igama lakhe lingahlonishwa kangakanani emhlabeni."
UKatlego uthi kukhona okubuye kufane phakathi kwakhe noKeketso, kodwa hhayi ngakwezothando.
UKeketso uqale kwiBackstage ngo-2002 engumlandeli wesihlabani esinguKaybee ehlanya ngaso ehlala esilandela - wayeyisitshudeni esisesincane esagcina sesithatheke kakhulu yilo mculi saze samthumba samesabisa ngokuthi sizombulala.
"Sasisabisa leso siqephu kanti nezenzo zikaKeketso zaba nomthelela emphakathini. Abantu babedidekile bengazi noma uyisitabani esasifuna ukuthandana noKaybee yini noma umlandeli owayesanganiswe yisihlabani sakhe ejahe ukuzifikela kusona mathupha eVulindlela college," kusho uKatlego.
UKatlego wathola ukuthi abalandeli bangaba yingozi ngesikhathi uKeketso eseyiswa esikhungweni sabagula ngengqondo. Umphakathi wawucabanga ukuthi lo mlingisi usangana ngempela.
"Abantu babengibalekela uma sihlangana ezitolo noma bakhombise ukuzwelana nami," kusho yena.
"Ngabona ngalelo langa ukuthi abantu bayibona ngeso elinjani le ndawo engiyilingisayo kwadingeka ukuba ngibakhiphe kulowo mqondo.
"Ngesikhathi uKeketso eboshwa kwadingeka ukuba ame kwiBackstage ngabamba kwenye i-soap okwesikhashana. Lokho kwafakazela ukuthi ngingumlingisi okwazi ukulingisa izindawo eziningi," kusho yena
Ukubonakala kwakhe kwi7de Laan kuSABC 2 kwafakazela ukuthi uKatlego unekhono elimangalisayo. Ngonyaka odlule wasayina enye inkontileka kwiBackstage uKeketso wabuya eseyisitshudeni esesiluleme ekuguleni ngengqondo sagcina siphase ngamalengiso.
UKatlego unaleli khono i-e-tv ethembele kulona ukuze izizuzele ababukeli kwiTV.
Ziningi izinto ezenzeka kuleli kolishi laseVulindlela.
Kukhona esinye isigilamkhuba esigcina sibulewe, baningi nabalingisi abasha abajoyina lo mdlalo - kanti kukho konke lokho uKatlego akazibekile phansi wenza konke okusemandleni ukuze uKeketso azakhele igama kuleso naleso siqephu.
"Yisigaba esilandelayo lesi odabeni lukaKeketso kanti kuyabonakala ukuthi uyakhula. Unokuzethemba akesabi muntu. Siphila impilo efanayo kanti lokho kwenza kube lula ukuyilingisa le ndawo yakhe.
"Ukulingisa akusiwo umsebenzi ongathembela kuwona. Ngineminyaka emine ngikwiBackstage kodwa yikhathi ngibona manje ukuthi ngingakwazi ukuthenga umuzi," kusho uKatlego.
Imali kaKatlego iphelela kuyena nomndeni wakhe. Uhamba ngemoto yohlobo oluphambili kanti akazwani nemifudumezo. Ukupheka akakuvilapheli kanti kusihlwa umthola ekhaya kunokuthi umthole kuma-night club.
"Ngiya emicimbini yabezindaba ngoba lokho kuyingxenye yomsebenzi wami kodwa kungiphatha kahle ukusheshe ngilale ngizifundele incwadi" kusho yena.
"Emsebenzini ngingena ngo-6.30 ekuseni ngisebenze amahora angu-12.
"Kungangithokozisa ukuthola owesilisa okahle engingashada naye kodwa lokho akulula njengoba ngikwiTV.
"Babili abantu engake ngathandana nabo - ngahlangana noyedwa wabo ngisesenyuvesi eCape Town kanti omunye ngamthola njengoba sengilingisa kwiBackstage.
"Ngakuthola kungenzima ukuba sothandweni ngisaqala. Ukulingisa iziqephu zothando akufani nokuba sothandweni lwangempela. Njalo uma ngihlangana nowesilisa ngiyazibuza ukuthi ngabe ubuka mina yini noma uKeketso." [z]
Angidingi muntu wesilisa ozongilawula
BONA ZULU - November 2005
Ubelingisa indawo yobegula ngengqondo uKatlego Danke kwiTV, kodwa okumele sikwazi ngale ntokazi wukuthi iyayazi into eyifunayo...
indaba nguDOUG GORDON
izithombe nguPETER WHITFIELD; izinwele ne-makeup: FAITH SEUOE; i-styling: MARINA WALSH; ukudidiyela: PATRICIA McCRACKEN
BONA ZULU - November 2005
KWESOBUNXELE: "Umama angathokoza uma ebona indlela engibukeka ngayo," kusho uKatlego. "Uhlala ekhala ngendodakazi yakhe eyi-tomboy!"(I-top: Stuttafords; umgexo namacici: Attitude)
KUDE KWESOBUNXELE: "Ngizithanda zizinde izinwele zami," kusho uKatlego emamatheka. "Uma ziphothekile, ngisuke ngingakwazi ukuzenza engikuthandayo, kodwa manje kulula!" (I-top, i-jean nomgexo: Woolworths; izicathulo: Europa Art)
