zulu.2003.new pep
BONA - August 2007
Qinisa umzimba wakho!
Thola amandla owadinga nsuku zonke
INTWASAHLOBO isifikile kanti umhlaba wonke wamukela lesi sikhathi ngenhlokomo! Sidinga umdlandla ukuze sithokoze kahle. Kodwa uma uhlushwa yi-stress, ungalali kahle, ungadli ngendlela efanele, noma ugula, kungenzeka ukuthi umzimba wakho udinga okuzowuvuselela ukuze ungene kahle kwintwasahlobo.
Uma uhlushwa yilezi zinto esizibalile kungenzeka ukuthi amasosha akho omzimba - okufanele akuvikele ezifweni - awasebenzi kahle. Uyakhathala kanti awukuthandi ukusebenza noma ukudlala.
Uma uphethwe yisifo esingelapheki, khumbula ukuthi impilo yakho idinga ukunakekelwa ngokwedlulele. Sonke siyasizakala ngokudla ukudla okunempilo, sizivocavoce, silale ngokwanele, sehlise ophuzweni oludakayo nakugwayi ukuze siphile kahle.
Kodwa kungenzeka ukuthi uyasibona isidingo sokuthola okuthe xaxa kanti yingakho nje abakwaPEP bethule izakhamzimba zeMixture Of Life eziluchunge lwemikhiqizo yeHealth & Wellness:
n I-Instafood, iyizidlo zephalishi elinomsoco ezingu-10, ibiza R18,99;
n I-Aloe-X, iluketshezi oluvuselela amasosha omzimba kanti ihlambulula nesisu, ine-Aloe Ferox nezinye izakhamzimba, ibiza R45,99;
n I-Herbal Immune Booster, ingamaphilisi noma uketshezi kanti isiza uma ukhathala, ungadli noma unezimpawu zesifo esingelapheki njengezindlala ezidumbile, ibiza R14,99;
n I-5 Rounds, yenzelwe abesilisa kanti ibanika umdlandla ibakhuthaze uma beya ocansini, ibiza R59,99.
Imikhiqizo yeMixture Of Life itholakala ezitolo zakwaPEP. Pho awuyinakekeli ngani impilo yakho ukuze wamukele intwasahlobo ngegiya eliphezulu- [z]
udaba oluxhasiwe
BONA ZULU - September 2007
