zulu.1.A and A
Ezalapha Nalaphaya
USanah uwine R100 000
SINETHULELA uSanah Ramabula owine R100 000 emncintiswaneni kaBONA oxhaswe ngabakwa-Eskom bebambisene nabakwaLohuis.
Ngesikhathi beqala bemtshela ngocingo ukuthi uwinile, uSanah akazange akuthande kahle lokho ngoba engazwanga kahle ecabanga ukuthi uwine R100.
Kwathi lapho ethola incwadi yesiqinisekiso, wacishe waquleka wukwethuka.
Izithombe nguMUSA HLABANE
Kusukela kwesobunxele nguGerard Pillay waseLohuis, uMhleli kaBONA uForce Khashane, Sanah Ramabula owawina R100 000 noTsholo Matlala wakwa-Eskom.
NGENHLA: UBaby Jake Matlala nomkakhe uMapule.
BONA ZULU – April 2006
Badansela udumo
Izicukuthwane emcimbini wabeSABC eGoli…
NGENHLA KWESOKUDLA: UFlorence Masebe noKagiso Ntseane.
KWESOKUDLA: UShane Maja wodumo lweTV noPeter Kwele.
NGENHLA: USelane Mokete noDesmond Kole.
Siyokukhumbula njalo Zodwa
NJENGABO bonke abesimame abazibandakanye ne-Orlando Pirates, uNtombizodwa Nomvula Khoza wayengomunye wabaphathi bebhola abanothando lwalo mdlalo.
Le ngqalabutho ebiyi-brand manager kwiPirates nedlule ngenxa yokugula okusondelene ne-AIDS akulula ukuba ilibaleke kwabaningi.
Izithombe nguMOLEFI SEBATIE noMAC MOGOROSI
NGENHLA: Usizi lubhalwe ebusweni ku-Irvin Khoza onguyise kaZodwa (kwesokudla) esimbona enoPutco Mafani.
NGENHLA: Umzuzu wosizi kubadlali beBucs u“Tso” Vilakazi, Sailor Tshabalala noGift Leremi.
KWESOBUNXELE: Indodakazi kaZodwa uThando ebeka imbali ethuneni.
NGENHLA: UZodwa Khoza ongasekho.
NGENHLA: Abalandeli bePirates nabeChiefs babuthana bezohlonipha uZodwa okokugcina.
BONA – August 2005
