zulu.1999.Walter
Uneqembu lakhe lebhola
Uyashisa, uyintandokazi
Kusukela avotelwa njengowesilisa osesitayeleni kwiTV, uWalter Mokoena ongumethuli wezemidlalo akasakutholi ukuphumula ngenxa yezingcingo eziphuma kubalandeli bakhe besimame...
U-WALTER Mokoena insizwa engumethuli wezemidlalo kwiTV useshintshe inombolo yakhe yocingo kaningana. "Ngihlushwa abesimame abangishayela ucingo njalo," kusho yena enikina ikhanda. Abesilisa abangakashadi kungabajabulisa lokho kodwa uWalter uthi yena akumphathi kahle.
"Konke lokhu kwaqala ngesikhathi ngivotelwa njengomethuli wezemidlalo osesitayeleni kwiTV," kusho yena.
Wawina kufanele. "Ngiyazithanda izimpahla zokugqoka," kusho yena. "Ngizithenga kuzo zonke izindawo engizihambelayo," - wake waya eGreece, eNgilandi naseHolland.
Ukuba yintandokazi kwakhe kwaba mandla kakhulu ngesikhathi ephuma kwiTop Billing kwiTV. Abesimame abazifelayo ngaye babemfuna ngapha nangapha.
U-Walter uthi iyamsabisa leyo nto. "Abanye abantu bacabanga ukuthi unemali uma ungumuntu osemehlweni omphakathi kanti bangenza noma yini ukuze bathole leyo mali."
Sekuphele iminyaka emihlanu uWalter ethula ezemidlalo kwiTV. "Ngaqala njengomethuli webhola. Emva kwalokho ngashayela iBlow By Blow."
Ngaleso sikhathi udumo lwakhe lwaludlondlobala. "Ngingumuntu onamahloni," kusho kuvuma uWalter. "Ungakhohliswa yilobu buso obubona kwiTV. KwiTV ngisuke ngenza okufana nokwenziwa olingisa kwi-soapie."
Ukusebenza kwiTV kudinga ukuzinikela nokuziphatha kahle. "Ngichitha cishe usuku lonke estudiyo kanti ngisuke sengikhathele uma ngifika ekhaya."
Okusho ukuthi akanasikhathi samaphathi uma kunjalo.
U-Walter uthi akafuni kuzwakale sengathi akanandaba nabalandeli bakhe. "Imiyalezo yabo engikhuthazayo isho lukhulu kimina," kusho yena.
Izingcingo ezimthusayo yilezo ezivela kwabathi bafuna umzimba wakhe.
Ayilutholanga kalula udumo le nsizwa eyazalelwa eCarolina eMpumalanga.
"Ngangineminyaka engu-19 ngesikhathi ngihamba ekhaya abazali bami bengafuni, ngihlose ukuyofuna udumo nemali eCape," kusho yena.
"Zimbili izinto engangizihlosile: ukudlala ibhola nokusakaza. Ngaya kuma-trials eCape Town Spurs kwangalunga ngagcina sengigxile ekuthuleni ezemidlalo.
"Nganginethikithi lokuya eCape Town ngingenalo elokubuya."
Impilo yayinzima kuWalter owayesanda kuphasa u-matric engasebenzi. "Ngagcina sengiqashe eKhayelitsha sihlala singu-11 endlini eyodwa.
"Ukuthembela kwami kuNkulunkulu kwangiqinisa. Ngangazi ukuthi ngeke Angidumaze ngezikhathi ezinzima."
Ekugcineni wawuthola umsebenzi. "Ngahlolwa iminyaka emine ngaphambi kokuba nginikwe umdlalo wami wokuqala kwiTV ngo-2000," kuqhuba yena.
"Ngesikhathi ngiseCape Town, ngangiya eGoli ngebhasi ukuze ngifeze izifiso zami zokuba ngumethuli wezinhlelo zeTV.
"Angizange ngililahle ithemba. Ngazama kwaze kwalunga."
Manje uWalter uneqembu lakhe lebhola - iWalter Stars edlala kuVodacom League. Leli qembu selikhiqize izihlabani ezincane ezinjengoSmangaliso Magagula (okwiDynamos manje) noMandla Masango (okwiSilver Stars).
Okwamanje ukushada akukabi sezinhlelweni zakhe.
"Ngiyoshada uma isikhathi sesifikile," kusho yena.
Ukhona owesimame azwana naye. "Engingakusho ngaye wukuthi uyamangalisa," kusho yena.[z]
BONA ZULU - December 2005
indaba nguFORCE KHASHANE
isithombe nguROBERT TLAPU
NGENHLA: U-Walter nabashana bakhe uTobi noNjabulo kanye nomama wakhe uBetty. (Isithombe sithathwe kwi-albhamu kaWalter)
KWESOBUNXELE: Uzilungiselela ukuyokwenza umsebenzi wakhe!
BONA ZULU - December 2005
NGENHLA: "Ngachitha iminyaka emine ngihlolwa ngaphambi kokuba ngithole umsebenzi wokuqala kwiTV ngo-2000. Angikaze ngililahle ithemba," kusho uWalter.
NGEZANSI: U-Walter esebenza...
