zulu.1991.protect
GREAT STOCK!
BONA - August 2005
UMA ushodelwa yimali, ikakhulu uma uphelelwe wumsebenzi ubheka izindlela zokwehlisa izindleko zakho - kodwa kufanele ubheke izinto ezibalulekile zesikhashana noma zesikhathi eside ukuze ungabi nenkinga, manje nangokuzayo.
Abanye abantu basheshe bayeke ukukhokhela ama-policy abo. Kodwa lokho kungabalimaza ngasemalini kunokuthi kubongele yona.
Impilo ngeke uyiqagele ngisho noma ungayihlelela ngokucophelela kangakanani, ngokusho kukaJanine Greeff oyimenenja yezokuxhumana kwiMetropolitan Retail.
Uma uhlangabezana nezinkinga, thola izeluleko zabantu abazokusiza ukuze uvikele imali yakho.
"Ukuhluleka kwakho kanye ukukhokhela i-policy yakho kukwakhela igama elibi emalini yakho oyitshalile," kuxwayisa uJanine.
Nazi izinkinga okungakudalela zona:
t I-policy yakho ingavalwa.
t Uma uyeka ukukhokha isikhathi singakafiki ungahlawuliswa uthole imali encane kunobuyilindele.
t Uma amandla emali ephansi singakafiki nesikhathi sokuvuthwa kwe-policy yakho, uthola imali encane kanti ama-policy aneziqinisekiso zokubuyiselwa imali ayalahlekelwa uma engasakhokhelwa.
Ukwehluleka wukukhokha akusho ukuthi sekuphelile nge-policy yakho ngoba usengakwazi ukunikwa ithuba lokuqhubeka ukhokhe uma imithetho yayo ikuvumela.
Pho usithathelani isinqumo sokuvala i-policy yakho kube kukhona okunye ongakwenza ukuze uyivikele"
U-Janine uthi abathengi abanenkinga yemali kufanele babheke izindlela abangazisebenzisa noma baxhumane nomeluleki wezezimali noma neMetropolitan Life Contact Centre ukuze bathole usizo.
"Kungcono uchithe isikhathi ucabange ngozokwenza ngama-policy onawo wenze owakwenza usacabanga ngawo ungakawathathi. Ukuthathela izinto phezulu akusizi," kusho yena.[z]
NGEMINYE IMINININGWANE: Shayela iMetropolitan Life Contact Centre kule nombolo: 0860-724-724.
Indlela yokuvikela ama-policy akho ngezikhathi ezinzima
Mamatheka noma kunzima
Udaba olukhokhelwe
BONA ZULU - July 2007
Vikela i-policy yakho!
Uma unenkinga yemali, ungayivikela imali yakho oyitshalile noma uyisebenzise ukuze ikusize - kusho uJanine Greeff weMetropolitan Retail.
Khokha imali ephelele:
Uma uyikhokhele imali ephelele i-policy yakho, kusho ukuthi asisekho isidingo sokuba ukhokhe kanti uyayivikela imali yakho oyitshalile.
Bonisanani ngemali ozoyikhokha:
Uma i-policy yakho ihlanganisa i-risk ne-investment ungakwazi ukukhokha imali encane - buza umeluleki wakho wezezimali ukuze akukhanyisele kahle ngalokhu.
Usizo lwemali:
NgokukaJanine ungakwazi ukuboleka imali uma une-endowment policy. Le-policy ungakwazi ukuyidayisa. Lokhu kuyakusiza uma udinga usizo lwemali ngokushesha.
Kodwa ngisho noma ngabe imali uyidinga kangakanani, kungcono uboleke imali ethile kwi-policy yakho ungayivali ukuze uqhubeke nokukhokhela imali oyitshalile.
