zulu.1989.yourworld_entertainment
Ongazijabulisa ngako
Izindawo ongazikhiphela kuzona udle, ugeze imoto yakho uDumise uNKULUNKULU
I-Shadows Tavern
Le yindawo eyikhaya le-jazz ne-fusion elungele intsha ephethe isitayela nabantu abathanda ubumnandi. Uma ubalwa kulabo bantu, iya Kwadabeka, eClermont. Sabuye savakashela ne-car wash yabo egalaji lwakwa-Engen eWema. (Tel: 083-553-7898.)
I-Grace Bible Church
Uma ufuna indawo ekahle yokukhonza uNKULUNKULU uthole nethuba lokuhlangana nosaziwayo bakho obathandayo, vakashela eGrace Bible Church ePimville, eSoweto. Inkonzo yokuqala ingena ngo-7am, kulandele eka-9am okubuthana kuyona abantu abangu- 5 000. Usalindeni? Woza nawe! (Tel: 011-938-3133.)
U-top 5 wezingoma zokudansa
1. DJ Cleo –
ES Khaleni Unit5
U-DJ Cleo uphinde wakufakazela ukuthi kungani engomunye woDJ beHouse abahlonishwayo eSA. Ingoma ongayilalela ethi Hands Up, eyintandokazi kakhulu.
2. DJ Fresh – Fresh goes electro.
Lalela ethi: Silence.
3. Rythmic Elements – The Offering.
Lalela ethi: 2 By 2.
4. LVOVO – The Fabulous.
Lalela ethi: Way’ Dedela.
5. DJ Cndo – Finest Lady of House Vol 2. Lalela ethi: Seducer.
■ Ngabe ufuna sibhale nge-restaurant, i-tavern, i-carwash noma ibandla lakho? Thumela i-e-mail ku-bona@dbn.caxton.co.za. Sitshele kafishane ngaleyo ndawo usisize ufake nenombolo yocingo kanye nezithombe.
Umculo
FUNDA, UBUKELE, UPHUMULE
IGondwana Café
Zikhiphele kule ndawo enhle esethwe ngokwelase-Africa uphuze ikhofi elimnandi uzibukele nobuhle bolwandle emini. Ebusuku ungadansa uziphuzele ama-cocktails amnandi. Yindawo okufanele ube kuyona le ePE. (Tel: 041-585-0990.)
Abadidiyeli: Slash Luthando noSmangele Zuma
Ongakufunda
INCWADI YALE NYANGA
I-Run Your Own Business And Make Lots of Money, eka-Eric Parker noKurt Illetschko (Frontrunner)
Njalo ngosuku, babalelwa ezigidini eziyisishiyagalombili abantu abagcwala izitaladi eSA befuna umsebenzi. Ukuba ngusomabhizinisi kungaba yimpendulo kule nkinga – le ncwadi ingakuhlahlela indlela.
Inamacebo ngezabhizinisi amancane. Ingakunika izeluleko ngezimali, ukudwetshwa kwepulani nokukhangisa ngebhizinisi noma ngomkhiqizo.
Patricia McCracken
UShisa Nyama
Zibhrayele inyama ngeSonto ntambama kuShisa Nyama oseGoli eMidrand. Obhuti bamaBEE bafika behamba ngezimoto zabo ezinhle kanti nosisi basuke bekhona. Umculo wakhona umnandi, kanti nenyama yehla esiphundu. (Tel: 082-908-0054.)
AmaDVD
Max Payne
Umqondisi: John Moore
Abadlali: Mark Wahlberg, Mila Kunis, Beau Bridges, Ludacris. ■ U-Wahlberg (osedlale kwiThe Italian Job neShooter) uyinhloli eqanjelwe amanga kwathiwa ibulele enye inhloli kanti ufuna ukuziphindiselela ngokubulawa komkakhe nengane yabo. Uzozithanda iziqephu zokulwa yize noma ingemnandi.
Pinnocchio
(Platinum Edition)
Umqondisi: Ben Sharpsteen
Abadlali (amaphimbo alaba): Dickie Jones, Cliff Edwards, Christian Rub.
■ Kuvuselelwa ifilimu yeWalt Disney yopopayi ekhuluma ngomfana owenziwe ngokhuni ophilayo. Igxile ezintweni ezithinta isibindi, nokwethembana kanti umndeni wonke ungayithokozela.
High School Musical 3:
Senior Year
Umqondisi: Kenny Ortega
Abadlali: Zac Efron, Vanessa Hudgens.
■ Izithandani oZac noVanessa bahlukaniswa wukufunda emakholiji ehlukene. Umphumela walokho wumculo okhuluma ngezigameko abadlule kuzona, amathemba abo novalo lwabo ngekusasa. Le imayelana nokuzicabangela wena uthathe izinqumo ezinhle ngempilo.
Mr Bones 2:
Back From The Past
Umqondisi: Gray Hofmeyr
Abadlali: Leon Schuster, Tongayi Chirisa.
■ “Iinyanga” yasebukho-sini ivikela inkosi esiqalekisweni ngokubuyisela itshe lenhlanhla endaweni yalo. Lapha umlungu uzipende ngopende omnyama.
OKWENTSHA
OKOMNDENI
WONKE
OKWABADALA
OKWEZINGANE
