zulu.1987.arv
Kufana nokuthenga isigwebo sentambo
UZINHLE Mahlaba wambuka ngokukhulu ukungakholwa owesimame owayemi phambi kwakhe. "Ngiyazi ukuthi ufuna lawa maphilisi." Lona wesimame wavele wahleka.
"Ngazizwa ngijabule kakhulu ngoba ngase ngisohlwini labalinde am-ARVs cishe izinyanga ezine njengoba sekuqhamuka umuntu ozonginika usizo lokuba ngiwathenge," kusho kukhumbula uZinhle.
Kodwa ukuvuma ukuthenga kulaba bantu abadayisa lawa maphilisi, kusho ukuthi uthenga into eyebiwe nokuyinto nawe ekufaka ebugebengwini - lena yinto iziguli ze-HIV/AIDS eziphuma ezindaweni ezikude njengase-Eastern Cape naseMpumalanga okubikwa ukuthi ziyayenza.
Zikhokha kuye kufike ku-R200 ukuze zithole le mithi ezethemba ukuthi izozisiza - ekubeni zizidlalela ngempilo yazo ngoba le mithi ayenziwanga ngokuhambisana nezidingo zazo.
Yini ulindeni"
"Ngake ngama ngacabanga ngalokhu. Ngingumama, kusadingeka ukuba ngibhekele indodana yami eneminyaka emihlanu nendodakazi eneminyaka emithathu," kusho uZinhle waseMpumalanga.
"Udadewethu ongumhlengikazi eGoli wayengikhuthaza enginika ithemba. Okwakungisabisa kakhulu wukucabanga ukuthi mina ngiyoke ngiwathole yini njengoba kuthiwa kunabantu abangu-35 000 abasohlwini labalindele ukuthola ama-ARVs.
"Ngiyazi ukuthi abanye bajahile nabo. Sengizwile ukuthi abantu eGraaff-Reinet bahamba amakhulu ngamakhulu amakhilomitha beya ePort Elizabeth beyoqasha imijondolo ngoba befuna ukuba sohlwini lwama-ARVs kuleyo ndawo. Emva kwalokho uzwa oyisekela likangqongqoshe wezempilo ethi lokhu kungukuhlukunyezwa kwamalungelo abantu - manje uvele uxakeke ukuthi yini ayenzayo ukusisiza."
Kubili okwaqinisa uZinhle idolo ngalokhu kulinda.
"Ukube ngazama ukuya eNelspruit ukuze ngithole amaphilisi ngokushesha, ngangingeke ngikwazi ukuba nezingane zami," kusho yena.
Kodwa into eyamenza wacabanga ukuzihlalela ekhaya, wukwexwayiswa wudadewabo.
"Wayeceliwe ukuba kube khona abaphushela phezulu ohlwini lokulinda noma abadayisele amaphilisi. Ngokusho kwakhe uthi uyabazi abantu abathenga amaphilisi kodwa bajike bafa ngenxa yokuthi bawathola, bawasebenzisa ngendlela engeyiyo."
UVuyiseka Dubula wabeTAC naye uyavumelana nalokhu.
"Kufanele ukuba uqeqeshelwe ukusebenzisa ama-ARVs. Awafani nje namaphilisi ozowathatha okwesikhashana - yinto okufanele uyisebenzise impilo yakho yonke.
Ukuqeqeshwa okudingayo akuthathi nje ihora noma usuku. Kudingeka ulokhu ubuyela khona uyoqeqeshwa mhlawumbe amasonto amathathu noma amane," kusho yena.
"Ufunda ngozokuzuza kanjalo nangezinto ezizobeka impilo yakho engcupheni, ubone nokuthi wena akuphatha kanjani nokuthi kunini lapho udinga khona usizo. Umuntu nje okudayisela lawa maphilisi, ngeke akunike lonke lolu lwazi."
Amaphilisi elaphayo
"Uma ungaphansi kohlelo oluhle lomtholampilo, usuke uyingxenye yenhlangano yosizo (support group) nokuyilapho wazi ukuthi ubani okufanele uxhumane naye lapho uhlangabezana nenkinga - ngisho ngabe ubuhlungu bekhanda obungajwayelekile noma ukuhanjiswa yisisu esinganqamuki, noma yini," kusho uDubula.
"Uma omunye umuntu ekudayisela amaphilisi, ngeke lowo muntu umthole ndawo lapho usudinga usizo.
"Kuthi lapho ubuyela emumva emtholampilo ukuyolanda amanye uzofike uhlolwe ukuthi kuhamba kanjani nokuthi amaphilisi owasebenzisayo kudinga ukuba ashintshwe noma cha.
"Umuntu ofuna ukuzakhela imali ngeke akulandelele ukukubona ukuthi akuphatha kanjani ekubeni kungenza umehluko ukubona ukuthi ama-ARVs owasebenzisayo ayakusebenzela yini noma cha."
"Uma abantu bene-CD-count ephansi egazini, lokho kusho ukuthi amasosha abo omzimba awasasebenzi," kusho uDkt Gillian Tarr wabe-AIDS Care, Training & Support Community Clinic, eWhite River okumanje ukhathazekile ngokuthenga nokudayiswa kwama-ARVs.
"Ukuqala ama-ARVs kwenza amasosha akho omzimba asebenze kulwe nezifo okungenzeka zikhona egazini njengeTB nesifo se-herpes. Kungakhoke kubalulekile ukuba iziguli ezisebenzisa ama-ARVs zihlale zilandelwa njalo - ngoba siyadinga ukuzelapha lezi zifo.
"Uma uwathole ngokwemiyalelo yodokotela wawasebenzisa ngendlela eyiyo, ama-ARVs angenza i-AIDS ilawuleke njengezifo ezifana noshukela."
Ngeshwa akukho okufanele bonke abantu, ngokusho kukaVuyiseka. Kufanele uhlolwe ngabezempilo babone ukuthi yikuphi wena okukufanele.
Amaphilisi abulalayo
Okwesabisayo wukuba mhlawumbe iTB idale izidakamizwa ze-HIV zingabe zisezwela. "Kungakhoke futhi kungafanele uyeke ukusebenzisa ama-ARVs ngisho ngabe usuku olulodwa ngoba uzophatheka kabi ucanuzelelwe yinhliziyo," kusho uVuyiseka.
Ukuphelelwa amaphilisi ngoba mhlawumbe lapho uwathatha khona akukho eduze, kuzokwenza uphatheke ngendlela efanayo." kusho yena.
"Ukuvumela igciwane lidale isimo sokuba amaphilisi angazweli - kungakudalela ukuba ufe."
Ngesikhathi lapho wena ubona ukuthi ukhathele wukulinda bese ugijima uyothenga awakho - ekugcineni uzobona ukuthi ubuyothenga isigwebo sentambo - ube yingxenye yabantu abangaphezu kwezigidi ezimbili bakuleli asebebulewe yisifo se-AIDS.
Ingxenye yale nkinga wukuthi eSouth Africa okwamanje sinezinto ezimbili ezinkulu esingakhetha kuzona uma sikhuluma ngama-ARVs, okumele zigunyazwe abemitholampilo. Lokhu kwaziwa ngokuthi yi-Line 1 treatment ne-Line 2, nokuyizona oshintshela kuzo lapho engasazweli.
"Sisalwela ukuba kutholakale u-Line 3. Kungakho sizama ukugcina abantu ku-Line 1 isikhathi eside - ukuze sibabeke emathubeni amakhulu okukhetha."
Konke lokho kuzodinga ukuba sisebenze ngokubambisana - kusukela ekungavumini ukuthenga le mishanguzo kubantu kuya ezindleni zokwelapha - ukuze lokhu kube yimpumelelo.[z]
UZinhle asimdalulanga ngenhloso yokuvikela isithunzi sakhe kule ndaba. Usanda kuqala ukusebenzisa uhlelo lwama-ARVs emva kokulinda izinyanga ezinhlanu.
BONA ZULU - July 2007
Kunini lapho kufanele uthi cha kuma-ARVs
Imishanguzo ye-HIV/AIDS ingayishintsha impilo yakho, kodwa kunesikhathi lapho kufanele uthi cha - lapho abantu abayidayisayo bengayenza ikubeke engozini yokufa njengoba ifana ne-heroin, crack noma i-cocaine
indaba nguPATRICIA McCRACKEN
izithombe ngabeGREAT STOCK!
esithombeni kulingisiwe
Uma kudingeka ukuba ukhethe phakathi kokulinda nokukhulekela ama-ARV's noma ukhokhele lawo angekho emthethweni, yini ongayenza"
BONA ZULU - July 2007
u
Bayawabhema
Uma ukuntshontshwa kwama-ARVs ezibhedlela zikahulumeni nokuwadayisa kwakungesiyo into embi - sekube nemibiko yokuthi ezinye iziguli ziyagcwelezwa ngoba befuna ama-ARVs azo - ukuze lezo zigebengu ziwabheme.
"Sikholwa wukuthi bayazi ukuthi ezinye zezinto ezenzekayo emva kokuwabhema wukubona izinto ezithile emqondweni," kusho uPhillip Mokoena ongumdidiyeli wabeTAC eKZN okumanje ucubungula amacala afana nalawa kulesi sifunda.
"Uma abantu besebenzisa imithi ngendlela ebudedengu njengalena, kukubona," kusho uDkt Gillian Tarr wabomtholampilo we-ACTS. "Kodwa laba bantu kufanele bakhumbule babeka impilo yabo engcupheni ngoba lezi zidakamizwa zokwelapha kungenzeka zingabasebenzeli.
"Ubani owaziyo ukuthi bazosizakala njengokwamathemba abo noma cha" Ukuthi abantu abaphatha kanjani kuncike kumuntu ngomuntu.
"Okubi kakhulu wukuthi bahlukumeza abantu abagulayo babeke nezindlela zokwelapheka kwabo engcupheni nokuyinto engaxoleleki nakancane."
t
Ukusebenzisa ama-ARV's ngaphandle kwendlela eyiyo kungakwenza ukuba angakusebenzeli
BONA ZULU - July 2007
' Ngemibuzo ngama-ARVs xhumana nalaba:
National AIDS Helpline, inombolo yamahhala enosizo lwezilimi eziningi: 0800-012-322.
Treatment Action Campaign - ngegatsha labe-TAC eliseduze nawe: 021-788-3507.
Kuzobhekwana kanjani nabadayisa amaphilisi
"Ukuntshontsha ama-ARVs nokuwadayisa yicala elibomvu," kusho u-Adila Hassim oyinhloko yokuqhutshwa kwemisebenzi yezomthetho ngaphansi kwabe-AIDS Law Project eGoli.
Njengayo yonke imisebenzi, nawo lo mkhuba ukhuthazwa wukungatholakali kwawo kalula. Ukukhishwa kwama-ARVs kwaqala kancane kakhulu ngo-2004. Ukholwa wukuthi futhi lolu hlelo lomsebenzi olusha luka-2007-2011 lukhombisa intuthuko nokukhulu ukusebenza nanokuthi luzosiza abaguliswa yi-AIDS eSA - isibalo sesicishe saziphinda safinyelela ku-700 000 kusukela ngo-2000 kanti kulindeleke siphindeke futhi ngo-2010.
"Ukugunyazwa kwezindawo eziningi, iyona ndlela yokuqeda ukuntshontshwa nokudayiswa kwama-ARVs. Ngisho ngabe izinhloso zinhle kodwa lokho wubugebengu," kusho u-Adila.
"Noma kunini, uma uthenga imithi komunye umuntu ongaqeqeshelwe ukukhipha imithi, kunengozi elengela impilo yakho. Lokhu kuzodala ukuthi leyo mithi ingabe isezwela emzimbeni bese negciwane liqhubekela phambili ngokukhulu ukushesha - lokhu kuyingozi enkulu.
"Uma kukhona umsebenzi wezempilo omaziyo okutshela ngalo mkhuba wokudayiswa kwama-ARVs, bikela abomtholampilo wakhe noma isibhedlela sakhe. Uma lowo muntu kungumuntu ongamazi, iya emaphoyiseni. Lokhu kuyingozi ezimpilweni zabantu, akufanele nakancane sikuyeke kuqhubeke."
