zulu.1985.wonders
IziManga zoMhlaba
eziNtsha eziyisi- Khombisa!
KWAKUNGESIKHATHI seMiddle Ages lapho kwaqala ukukhishwa ngokusemthethweni uhlu lweziManga eziyisiKhombisa zoMhlaba. Zahlanganiswa ngokuba kubhekwe emibhalweni yesikhathi sasemandulo eGreece, kanti eziningi zalezi “zimanga” ezibaliwe azisekho. Kulezo singabala i-Hanging Gardens Of Babylon kanye nesithixo esingubude obungu-12-metre sikankulunkulu wamaGreek uZeus.
Empeleni okuyisona simanga esakwazi ukusinda kuze kube yizikhathi zamanje yi-Great Pyramid yaseGiza.
Ngalokhu emqondweni, ongusomabhizinisi waseSwitzerland uBernard Webber wethula ivoti lokukhetha izimanga eziyisikhombisa ezintsha ngoSeptember 1999. Ukuze abantu emhlabeni babe yingxenye yalokhu, kwakudingeka ukuba bavote ngosizo lwamakhomphyutha (online) noma ngokushaya ucingo.
NgoJuly 7 kulo nyaka imiphumela yamenyezelwa eLisbon ePortugal. Akumangazi ukuthi kuyo yonke le nqubo, kwakungeke kungabikho okuzokuba yindida.
Izwe laseGibhithe, ukwenza isibonelo, lakhala kakhulu ngeGreat Pyramid ngokuba ikleliswe ohlwini ngesizathu sokuthi yayivele isithathwa njengento “eyisimanga.” Ngakhoke iGreat Pyramid yangena kulolu luhlu ngenxa “yokuhlonishwa” - nokwenza uhlu olusha lube nezimanga eziyisishiyagalombili.
Amazwe amaningi akhuthaza abantu bawo ukuba bavotele izimanga zalawo mazwe - laba linye elaphumelela ukuvotela isimanga ezweni lalo. Lelo kwaba yiBrazil nokuyilapho umkhankaso we “Vote For Christ” wawunama-cellphone service provider anika abantu bakulelo lizwe ithuba lokuba bashaye ucingo mahhala bavote.
Nazoke iziManga eziNtsha eziyisiKhombisa…
nguWALTON GOLIGHTLY
izithombe ngabeGREAT STOCK!
BONA ZULU – September 2007
Ngokusemthethweni! Umhlaba jikelele njengamanje unezibonelo ezintsha eziyisikhombisa ezikhomba ubuhlakani kwabantu…
Great Wall Of China
isuka eShanhai Pass kuya eLop Nur eChina
I-Great Wall yayakhelwe ukuxhumanisa izinqaba ezazikhona zibe wudonga olulodwa olukhulu olude ukuze izizwe ezihlaselayo zingakwazi ukungena. Yakhiwa phakathi kuka-200BC no-220BC kusetshenziswa izigqila. Lolu donga luhamba indawo engu-6 500km nokulenza lube ngolude kunazo zonke izinto ezakhiwa yisandla somuntu emhlabeni.
Imele: ukubekezela nokuzinikela.
Impucuko yamaMayan yayingenye yokuqala eNyakatho naseNingizimu yeMelika ukuthuthukisa uhlelo lokubhala, kanjalo nakwi-maths nasesifundweni sezinkanyezi (astronomy).
Idolobha laseChichén Itzá laliyinkaba yezepolitiki neyomnotho kuleyo mpucuko. I-Pyramid yenzelwa ukuhlonipha isithixo esiyinyoka samaMayan uKukulcan (noma uQuetzalcoatl).
Ngezinye izinsuku onyakeni, ekhoneni layo kuba khona isithunzi esimise okwenyoka ngasohlangothini olunamasitebhisi. Uma ilanga lihamba, lesi sithunzi senyoka sibonakala sihushuzela sehla nge-pyramid.
Imele: ukukhonza nolwazi.
Christ Redeemer
eRio de Janeiro, Brazil
Pyramid At Chichén Itzá
eYucatan Peninsula, Mexico
BONA ZULU – September 2007
IsiThombe esiqoshiweyo sikaJesu singu-38m ukuphakama phezu kwentaba iCorcovado kanti sibhekene neRio de Janeiro.
Sadwetshwa nguHeitor da Silva Costa waseBrazil senziwa ngumqophi ongumFrentshi uPaul Landowski. Lesi sithombe esibaziwe sathatha iminyaka emihlanu ukwenziwa kanti sethulwa ngo-October 12, 1931.
Simele: ukwamukela nokuvuleleka.
IziManga zoMhlaba
BONA ZULU – September 2007
Kusukela ngo-1438 kuya ku-1533, ama-Incas yiwo alawula indawo enkulu yaseSouth America kubandakanya nezinye izingxenye zase-Ecuador, Peru, Bolivia, Argentina, Chile naseColombia.
Ngeminyaka ye-15th Century, umbusi wase-Incan uPachacútec wakha idolobha phakathi nezintaba ezaziwa ngokuthi iMachu Picchu (“izintaba ezindala”).
Lesi sakhiwo esingajwayelekile sisemagqumeni ase-Andes Plateau, phakathi ehlathinikazi lase-Amazon ngaphezu komfula i-Urubamba River. Sashiywa phansi ngama-Incas ngenxa yokubheduka kwe-smallpox nangasemva kokuba abantu baseSpain banqoba umbuso wama-Incan - leli dolobha lasala lingenamuntu “lilahlekile” ngaphezu kweminyaka engamakhulu amathathu. Laphinde latholwa ngu-Hiram Bingham ngo-1911.
Limele: umphakathi nokuzinikela.
Petra
ePetra, eJordan
Ngasekupheleni kwe-Arabian Desert, iPetra kwakuyinhloko-dolobha yombuso waseNabataean ngaphansi kwenkosi u-Aretas IV. IPetra yahlala isikhathi esisukela ku-9BC kuya ku-40AD. Yakhiwa ngokugujwa eweni elingu-42-metre ukuphakama phambi kwe-El-Deir Monastery kanti lingezinye zezakhiwo ezinhle ezimangalisayo emhlabeni.
Imele: ubunjiniyela nokuvikela.
Machu Picchu
eMachu Picchu, ePeru
Le ndawo enhle yakhiwa ngokwesicelo sikaShah Jahan ngenhloso yokuhlonipha umkakhe. Yakhiwe ngemabuli emhlophe kanti iphakathi engadini. I-Taj mahal yiyonanto ethathwa njengobukhazikhazi bobuciko bamaSulumane kwelaseNdiya.
Ngeshwa lo mbusi waboshwa, kodwa ekwazi ukubona ngefasitela lesitokisi sakhe iTaj Mahal.
Imele: uthando.
The Taj Mahal
e-Agra, e-India
The Roman Colosseum
eRome, e-Italy
BONA ZULU – September 2007
I-Great Pyramid of Giza, yafakwa yaba ngeyesishiyagalombili ngaphansi kwezimanga ngenxa “yokuhlonishwa” kanti yiyo kuphela esekhona kulezo zakudala eziyisikhombisa.[z]
Le-amphitheatre enkulu yakhiwa ngenhloso yokugubha ubukhulu bombuso waseRoma - nokwathi nasemva kweminyaka engu-2000, kodwa noma yiziphi izinkundla zemidlalo ezakhiwayo, zisefana nokubukeka kokuhlotshiswa kweColosseum.
Izinto zokuzithokozisa kwezikaqedisizungu ngaleso sikhathi zazibandakanya izimpi zokulwa kweziqhwaga nokuyilapho kwakuye kuphume ngisho isidumbu, nokuba kubukelwe abangamaKhrestu bedliwa amabhubesi.
Imele: injabulo nosizi.
