zulu.1984.ppt
okwenzeka ezweni
Happy birthday, YFM!
Uma abazali ‘bemnandi’, ingane egubha usuku lokuzalwa iqeda iminyaka engu-10 ingalindela ikhekhe elikhulu, i-jumping castle kanjalo ne-clown. Nayoke iYFM ibungaze ukuqeda iminyaka elishumi emcimbini ophambili obubanjelwe e-Emperor’s Palace eKempton Park.
UHlelo Masina, Bulelwa Mtsi noCwaita Mtose.
ABANGANI ABAKHULU!
UHuang Yang edlala nomkhomo wohlobo lwe-beluga uXiao Xin eQingdao Ocean World eChina. UHuang Yang oneminyaka emine waqala ukuthanda ukubhukuda eseyingane kakhulu wathanda lo mkhomo emva kokuba ewubone wenza izinto zawo emanzini.
GETTY IMAGES
Usadlala namanje!
Isihlabani somdlalo wethenisi uBoris Becker usanda kuvakashela eThekwini - kodwake ezodlala i-basketball emqhudelwaneni owawuhlelwe ngabePeacePlayers International. Inhloso yalo mqhudelwano wukuhlanganisa izingane eziphuma emakhaya ehlukene ukuze zakhe ukuxhumana ngosizo lwezemidlalo.
BONA ZULU – January 2008
UPhelisiwe Ndala, Lerato Hlophe noThabitha Khubela.
Ngabe ukulungele yini ukudliwa?
Lesi sithombe esibunjiwe sika-Elton John esisashokoledi sathatha amahora angaphezu kwangu-1 000 ukwakhiwa kanti sinesisindo esingaphezu kuka-126kg.
Ngaso kuhlonishwa lo mculi odume umhlaba wonke. Ngaphezu kwalokho, ngaphandle kwezibuko zakhe ezinkulu nezingubo zikanokusho ezibizayo azigqoka esteji, kuningi eningakwazi ngalo mculi.
Phenya EKHASINI 38 ukuze ubone ukuthi sichazani…
UThembani Sibiya noBokamoso Phokela.
okwenzeka ezweni
Umculo ophambili e-Africa
Imiklomelo yaminyaka yonke iChannel O Music Awards isanda kuba khona eJoburg City Hall nokuyilapho kwakuhlangene bonke abaculi bakulo lonke elase-Africa…
U-Arthur Mafokate, Chomee noSpeedy Matlhaku.
Impilo enjani!
EMINYAKENI engu-25, uMfundisi Robert Shields waseDayton eWashington wagcina i-diary, wayeka ukubhala ngezinto azenzile kuyo yonke imizuzu emihlanu. Umphumela walokhu kwaba ngukuthi abhale amagama angu-37 million ephepheni elingagcwala amabhokisi angu-91.
UShields osanda kwedlula emhlabeni eseneminyaka engu-89, umsebenzi wakhe wawuchaza “njengomkhululayo” futhi “ongamphoqeleli”
Ngeshwa lokhu akusilo iqiniso. Esikhundleni salokho, akubhalile yizinto ezingasho lutho. Ukwenza isibonelo, okwabhalwa ngo-8.45am ngo-August 13, 1995, kufundeka kanje: Ngashefa kabili ngensingo yeGillette Sensor ngishefa umqala nangemva kwamadlebe womabili nasezidlathini.
Okwabhalwa ngoJuly 25, 1993, 7am: Ngageza ngahlikihla izinyawo zami ngezinzipho ukususa izikhokho zesikhumba esifile. Ngo-7.05am: Ngazikhulula, ngachama umchamo ongangephayinti. Ngasebenzisa amashidi amaphepha angu-5.
BONA ZULU – January 2008
Isitayela sase-Africa
NGO-November 13, 2007 iThe Lion King yaba ngumdlalo wasesteji ka-9 ukudlala i-show ende eBroadway. Lo mdlalo ukhombise enkulu impumelelo nalapha eSA kangangoba amathikithi athengisa aphela eTeatro eMontecasino eGoli. Njengamanje isikhathi sawo seseluliwe kuze kube nguJanuary.
OMUNYE umdlalo okhombisa enkulu impumelelo wu-Umoja, nokungumdlalo otuswe kakhulu emhlabeni jikelele ngesigqi somculo walapha ekhaya.
Immbongi nomculi uNtsiki Mazwai.
Babonakale eSoweto
ULindiwe Mabuza oyi-high commissioner yakuleli eLondon, Yvonne Chaka Chaka, Ursula Stapelfeldt noyiSekela likamongameli wezwe uPhumzile Mlambo-Ngcuka ngesikhathi kuvulwa iHoliday Inn eSoweto.[z]
Umculi uKunle no-Ephraim Modingoane.
Ungalokothi ukuzame ekhaya lokhu!
Indoda igijima iphethe umphongolo wokhuni ovuthayo ocwiliswe etiyeleni emcimbini waminyaka yonke e-Ottery St Mary, eDevon, eningizimu-ntshonalanga eNgilandi.
Okufanele bawungenele lo mqhudelwano yilabo abangabokuzalwa kule ndawo. Bagijima nemiphongolo evuthayo esemiqaleni nasemakhanda kuze kube ngukuthi umlilo awusabekezeleki noma kuze kucishe umphongolo. Kuthiwa lolu siko lwaqala ngesikhathi se-17th Century.
GETTY IMAGES
