zulu.1980.letters
ZWAKALISA UVO LWAKHO
Bhalela kuleli kheli: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni, 4060
fax: 031-912-2720 e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
Zenzele
Amazwi okugqugquzela omama
abangabodwana
NGINGUMAMA ongayedwana oneminyaka engu-24 kanti ngihlala nogogo, odadewethu ababili abasebancane kanye nendodana yami eneminyaka emithathu. Ngangimthanda ubaba wendodana yami kanti wayengethembise iZulu noMhlaba. Kodwa wayejahe umzimba wami kuphela.
Wangilahla emva kokuzwa ukuthi ngikhulelwe. Lokho akuzange kungimangaze kodwa ngadumala.
Ngazizwa ngilahliwe ngingenabani.
Kodwa kwathi uma ngibheka indodana yami eyayinempilo ngabona ukuthi iyisibusiso.
UNKULUNKULU Wayelokhu Engihola njalo phezu kwezinto ezenzeka phakathi kwami nobaba wengane yami.
Manje amandla ami asebuyile, sengizimele. Yimina engondlayo ekhaya kanti siphila kahle.
Komama abangabodwana abazinhliziyo zabo zibuhlungu ngithanda ukuthi - akuphelile ngani.
Okusempeleni, yisikhathi sokuba nikhule lesi niphucule impilo yenu.
Bhukulani, sukuma ufune umsebenzi. Ngaleyo ndlela bonke abantu besimame bazoziqhenya ngawe!
Wathinta abafazi, wathinta imbokodo.
NT Kwebu, Villiers
Ukuthunyelwa kwezidingo
Ngikhathazwa yizinkulumo zabantu uma bekhala ngokuhluleka kukahulumeni wukuthumela izidingo ebantwini. Namuhla izindawo ezazingenawo ugesi namanzi sezinawo.
Uhulumeni awukwazi ukusiza bonke abantu ngesikhathi esisodwa ngalezi zidingo, abangakabi nazo akufanele bakhale. Mababekezele!
Abantu akufanele bahlale besonge izandla balinde usizo lukahulumeni. Kufanele babe nezinhlelo zokuphucula impilo yomphakathi.
Singalwa nenkinga yokubiza kokudla ngokuba nezivande zokudla emphakathini sitshale ama-veg ethu.
Ngineqiniso lokuthi uhulumeni ungasiza abantu abazama konke okusemandleni ukuze basizakale bangahlali babheke usizo oluzovela kuwona kuphela.
Nosizwe Bhontshi,
Maclear
Ziqhenye!
Kwaphelelaphi ngokuziqhenya, ukuzazisa nokuzikhandla ngomsebenzi wakho? Asibambane sibhekane nalezi zinto kunokukhombana ngeminwe nokudicilela phansi abazabalazela ukuzakhela impilo engcono!
SM, Durban
Incwadi ewine kule nyanga izowina iMotorola W230 music-phone ebiza R700!
IZINCWADI
YIBA MotoSharp-Sharp ngeMotorola entsha eyi-W230 music-phone okwazi ukuba uzikhethele umculo ngayo. Ungarekhoda kusukela kwiFM radio yakho eyakhelwe khona noma ulalele kwi-1GB MP3 player enezingoma ezifika ku-300.
u
UBONA uthi...
Ungalahli ithemba
SISONYAKENI omusha kanti lesi yisikhathi sokufeza amaphupho. Lapha sikhuluma "ngezethembiso" esizenzayo sigcine singazifezanga. Kodwa isethembiso esingazuza ngaso esokuhlalela ethembeni - singahlalela ethembeni ngokwendlela esizibheka ngayo thina noma kwesibheka ngayo umhlaba.
Okusempeleni okufanele sikwenze wukuqala ngalokhu esiqale ngako ngoba uma sizizonda, umhlaba ngeke siwubheke ngeso elihle.
Nazi izinto eziyisikhombisa ezilula okufanele uzitshele zona uma kuba nzima ezinyangeni ezizayo...
Ngingazikhulula kokwedlule. Xola ukhohlwe okwedlule. Ukubambelela kokwedlule kuzolimaza wena!
Ngifanelwe okuhle. Ungazisoli - noma usole abanye. Kungadingeka ukuba usebenze kanzima ukuze wenze izinto onamandla okuzenza kodwa kusemandleni akho ukuthokozela impilo emnandi.
Izinkinga zikunika ithuba lokufunda. Ayikho inkinga engaxazululeki kanti izinkinga ziyakuqinisa zikunike ithuba lokufunda.
Ngeke ngikhubazwe abanye abantu. Gwema abantu abakudonsela phansi. Bajahe ukukubona uwa. Ungavumi ukubuswa wukukungabaza kwabo. Bakhombise ukuthi abakucabanga ngawe kuyiphutha.
Ungazisoli. Osekwenzekile kwenzekile. Ukubheka umuntu ozombeka icala ngeke kukusize ngalutho. Khumbula ukuthi abantu benza okungangamandla abo.
Ngivuna engikutshalayo. Uma ukhonze ukugxeka, ungamangali uma nawe ugxekwa. Yiba nothando nozwelo ukuze mawe uthole leyo mpatho.
Okokugcina, izikhathi "ezimbi" esihlangabezana nazo zidalwa yimicabango yethu emibi.
Asibheke imidlinzo yethu sikhumbule ukuthi kunomehluko phakathi kwesimo izinto eziyisona nesimo esicabanga ukuthi ziyisona!
Amaqhawe esesiwakhohliwe
Imigwaqo yaseSA iqanjwa ngosopolitiki. Kodwa sithini "ngamaqhawe esesiwakhohliwe"? Sithini ngabantu abahlale belwela uguquko?
Kwenziwa yini imigwaqo iqanjwe ngabantu abangasekho? Sithini ngamadoda nabesimame abanakekela abantu abagulayo, abadala, abahlukunyezwayo nabadinga usizo?
Abanye basuke bengamavolontiya akhetha ukwenza uguquko emphakathini ngaphandle kokuthola inzuzo.
LM, Tembisa
Kwabesimame baseSA
Odadewethu, omama, ogogo nabanye abantu besimame kumele bazihloniphe.
Sibalulekile kanti sibahle. Yithina esenza umhlaba ube yigugu, kodwa kumele siyeke ukubukelana phansi.
Ngaleyo ndlela amadoda azofunda kithina abone ukuthi sifuna ukuphathwa kanjani.
Bheka okuhle okwenziwa omunye umuntu wesimame kunokunaka okubi akwenzayo. Thola isifundo kuyena uziqhenye ngokuthi ungowesimame waseSA.
Ngaleyo ndlela abesilisa ngeke balithole ithuba lokusihlukumeza, angisayiphathike eyokungasihloniphi.
Tsidi Nchabeleng,
e-mail
Sinenkinga ngama-ambhulensi
Ngihlala eKroonstad kanti nginenkinga ngokusebenza kwama-ambhulensi. Ulinda amahora amathathu ngaphambi kokuba afike. Ngicela uhulumeni usisize.
Sandile Khompela,
Kroonstad
Lezi zinto ziyadlula
Ubuhlungu, usizi nokudangala... kuningi okubi okusehlelayo empilweni. Kungenzeka sikhohliswe abangani, silahlekelwe abathandiweyo bethu, siphelelwe umsebenzi - kuningi okungasehlela.
Sidlula ezikhathini ezinzima ezenza sikhale zize zome. Ezikhathini ezisizwisa ubuhlungu kuphela lapho imithwalo yethu ibukeka isinda khona.
Kuyenzeka sicabange nokuzibulala.
Kodwa kufanele sikhumbule ukuthi ukufa kungunaphakade, ekubeni izinkinga nezinhlungu ziyadlula.
Ukwamukela leli qiniso kuzosinika isibindi esisidingayo ukuze sibhekane nezinkinga zethu kalula - sizixazulule!
Uma kunzima empilweni yakho kubukeka sengathi ubuhlungu obhekene nabo ngeke busadlula, zitshele ukuthi buzodlula!
Aaron Tlou,
Tweefontein
Okuyingozi empilweni
Iningi lamasuphamakethe libhaka izinkwa nama-rolls likushiye kobhasikidi abangamboziwe.
Ngabe lokhu akusiyo ingozi empilweni? Cabanga nje ukuthi bangaki abantu abathinta lezi zinto befuna ukuzwa ukuthi zifreshi kangakanani. Sithini ngala bantu abaya endlini encane bangazigezi izandla?
Akuqinisekiswe ukuthi lezi zinto zibekwa kahle ukuze singawatholi amagciwane.
Lazarus Makgafela,
Tembisa
Akuphele ngayo
Ngithi akuphele ngebheyili ikakhulu uma umuntu ebulele. Izigebengu zenza amacala zazi ukuthi uma ziboshwa zizophuma ngebheyili. Abanye babheyila ngemali abayintshontshile. Izinkantolo mazingavumi ukuba izigebengu zibheyile.
Thoto Bereng,
Bloemfontein
Mabangabandlululwa!
Ngicasulwa yindlela imiphakathi ecwasa ngayo abantu abaphila neHIV/AIDS. Lokhu kwenza ukuba lesi sifo esibulalayo sibe nomthelela omubi kakhulu kubazwise ubuhlungu abaphila naso.
Ukuba HIV positive akusho ukuthi umuntu akasafani nabanye abantu. Ningakukhohlwa lokho!
Nelson Khumalo,
Tembisa
Lokhu kuliqiniso
Owesilisa ongawahloniphi amalungelo owesimame akasiyo indoda.
Uma owesimame ethi "Cha" usuke engadlali. Uma uzama ukumehlisa isithunzi usuke uzehlisa wena isithunzi.
Andrew Noge, Alexandra North
Kuyanakekelwana othandweni
Uma nisanda kuthandana uthando luvutha amalangabi kuyilowo nayilowo efuna ukukhombisa omunye ukuthi umthanda kangakanani. Kodwa kubuye konakalephi?
Nenza iphutha ngokuhlala ndawonye kuphele ngokunakekelana. Niyaxabana kunokuthi nisizane. Ukuqala kothando akusho lutho - okubalulekile yindlela eniphathana ngayo emva kweminyaka nithandana!
Matome Kubu,
Menlo Park
Asisebenze ngokubambisana
Njengabantu baseSA, kufanele sisebenze ngokubambisana siguqule izwe lethu. Akuthathi isikhathi eside ukulungisa izinto kanti kumosha isikhathi ukubeka izaba ngokube yimbangela yokuthi izinto zingahambi kahle.
Uma sishintsha ukucabanga kwethu, singashintsha nokwenza kwethu.
Kufanele sibheke ikhambi lokulwa nezinkinga kunokukhala ngazo.
CS, Jouberton [z]
Sithini ngezingane?
Ngikhathazwa wukubona izinga lokulahleka kwezingane. Ngike ngibone izingane ezineminyaka elinganiselwa kwemihlanu zizulazula ezitaladini ngo-7 kusihlwa. Ezinye zisuke zithunywe abazali bazo ezitolo ngaleso sikhathi.
Ngesikhathi sibuka amaTV ethu izingane ziyalahleka noma zizithole zisengozini.
Ezinye ziyabulawa zicwiywe ukuze kwenziwe imithi.
Sihlala sifunda noma sizwa ngalezi zinto kodwa akukho esikwenzayo ukuze sivikele izingane zethu. Akukho futhi esikwenzayo uma sibona izingane zabanye ziluvanzi.
Masisukume sivikele izingane zethu!
Thabo Moja, Pimville
