zulu.1979.parenting
Unyaka wokuqala wengane yakho
EZABAZALI
Kusukela uphuma nayo esibhedlela okokuqala seniya ekhaya kuze kuba wusuku lwayo lokuqala lokuzalwa, uzomangazwa yizigaba zayo zokukhula...
ZONKE izingane zikhula ngendlela yazo, ngakhoke ungaphatheki kabi uma ingane yakho uyibona sengathi ayikhuli ngendlela efanele. Ezinye ziyashesha kanti ezinye azisheshi. Kodwa lokhu uma kukukhathaza, kungcono ingane yakho uyise emtholampilo oseduze ukuba iyohlolwa.
Nanku umhlahlandlela wokufanele ukulindele onyakeni wokuqala wengane yakho...
EZINYANGENI EZINTATHU...
Ingane yakho ibicinekile ihleli esiswini sakho izinyanga ezingu-9, ngakhoke emasontweni ambalwa okuqala isingaphandle izolokhu ihleli ngendlela ebilokhu ihleli ngayo esiswini lapho uyisonge ngobhulankethi.
Kancane kancane, isizoqala yeluleke, ize ikhahlele, izelule.
Ekupheleni kwenyanga yokuqala ingane ingakwazi ukuphakamisa ikhanda layo kancane imizuzwana embalwa uma ilele ngesisu sayo. Izandla zayo zizovuleka zivaleke, iziyise ngasemlonyeni ibambe nezinto.
Izokwenza nemisindo ehlukile ithimule ikhale.
Uzohleka lapho ezwa izwi lakho, aphendule ikhanda lakhe abheke ngalapho kuqhamuka khona umsindo. Uzokhala lapho eshiywe yedwa, akhale ngezindlela ezahlukene zezidingo ezehlukene. Uzoqala futhi ahleke - lena yindlela axhumana ngayo nawe.
Ekubonayo: Ingane yakho izobuka ubuso ibuthi njo, amehlo ayo alandele izinto ezihambayo ibuke ngokumangala ukukhanya nobumnyama. Izokwazi ukuqaphela izinto ezijwayele nabantu abaqhele ngo-30cm. Kulapho izokwazi ukuqala ukusebenzisa izandla namehlo ngokuhambisana.
EZINYANGENI EZINE NEZINGU-7...
Ingane njengamanje isiyakwazi ukubamba izinto, izisuse kwesinye isandla iziyise kwesinye. Iyathanda ukwazi kabanzi ngezinto izandla zayo ezifinyelela kuzona... ngokuzifaka emlonyeni.
Iyazabalaza ukufinyelela ezintweni ezikude - ukwenza isibonelo njengokukhahlela ibhola libaleke lisuke eduze kwayo.
Useyakwazi ukudlala nokuzilalela ngomhlane abambe izinyawo zakhe nezinzwane akulethe emlonyeni.
Ingane yakho izoqala izigingqikele ezinhlangothini zonke lapho ilele ngesisu. Lokhu ekuqaleni kungamangaza ingane nomzali, nokuyisona sizathu okufanele ingane ingasali yodwa ingabhekwe muntu lapho isendaweni ephakeme.
Isisindo sekhanda le ngane yiso esisebenzayo lapho ingane izigingqikela kuze kube iyakwazi ukukhasa.
Njengamanje ingane yakho isiyalizwa igama layo noma uthi Cha! Iphimbo layo seliqalile ukuzwakala ekukhipheni o- "d," "b" no-"m."
Uzobe efunda lukhulu ngokusebenzisa izwi lakhe ekwenzeni imisindo ehlukene ukuze nawe umnake nokuyindlela yokuxhumana nawe.
Noma kunini kusukela ezinyangeni eziyisithupha, uzoqala aqhumise. Ngenhla nangenzansi emlonyeni ngaphambili kuqhuma amabili kuqala. Ngalesi sikhathi ingane yakho izokuba nokungazinzi, ikhale noma kwenzeke ibe nezilonda, izinsini ezibomvu. Izozwa ukweluma kwezinsini idinge ukuhlafuna noma yini.
Ezinyangeni eziyisithupha izobe isikwazi ukudla okuthambile kanjalo nokukugwinya. Ezinyangeni ezingu-7 izobe isidla kahle.
Ingane yakho ikhula ngokushesha isiqala nokukhombisa imizwa enjengokujabula, ukukhathazeka, ukudinwa, ukwesaba nokumangala.
Ekubonayo: Izokwazi ukwehlukanisa phakathi kwemibala eyehlukene ikwazi nokubona izinto ezikude. Isiyakwazi futhi ukulandela izinto ezihambayo ngamehlo.
PHAKATHI KWEZINYANGA EZINGU-8 NO-12...
Ngalesi sikhathi, ingane yakho izokwazi ukwehlukanisa "ukuphuma" "nokungena" iqale futhi ukuhlanganisa izinto ngokwengqondo namazwi nezithombe.
Kulesi sigaba ukuqonda kwayo amagama nolimi kubalulekile. Ibilokhu izama imisindo enzima. Izokwazi futhi ukuqonda amagama ajwayelekile afana no "dada'" no "gogo."
Uzozama futhi ukulingisa amagama aphinde akhombise ukuwezwa ngokuba asabele.
Kuze kube yimanje, ingane yakho isebenzisa isandla sayo sonke ukuze icoshe izinto - manje isizozama ukucosha izinto isebenzisa isithupha nocikicane.
Izoqala futhi ukuba ithinte izinto ngomunwe wayo ophakathi, ishayisane izinto ezimbili ndawonye, ikhiphe amathoyizi iwathululele phansi, ithathazele abantu.
Kusukela ezinyangeni ezingu-9, izoqala ukuthokozela ukudla ngeminwe, ifunde futhi nokuphuza enkomishini.
Kusukela ngalesi sikhathi, isiyakwazi ukuzilungiselela ukuma ngokubambelela ezintweni. Ezinye izingane kungenzeka zigaqe kusukela zinezinyanga ezingu-9 zikwazi futhi nokuhlala zingasekelwe.
Ezinye zikhonze ngisho ukushushuluza ngezinqe zisebenzisa izinyawo ukuze zidonseke.
Ekubonayo: Ingane yakho manje isizokwazi ukubona izinto ezincane (ngisho nemvuthu kukhaphethi), futhi yazi umehluko phakathi "kwaphezulu" "naphansi", "phakathi" "naphandle".
Onyakeni wokuqala, ingqondo yengane yakho izophindeka ibe nguhhafu kasayizi ophelele
BATHOKOZISE ngaphandle kwemali!
OKWAMAHHALA!
IMIKHIQIZO yakwaJOHNSON'S® Baby yenzelwe ukuba ingabi yingozi ezinganeni. Zonke izithako zihlolwa ngokwasemtholampilo ukuqiniseka ukuthi ayibabi, ivikela isikhumba isishiye sithambile, sibushelelezi siswakeme.
Uma usebenzisa le mikhiqizo enganeni yakho, ungaba nesiqiniseko sokuthi izonakekela isikhumba sengane yakho ngendlela engesiyo ingozi.
Ukuze uzibeke ethubeni lokuthola eyodwa yamahampa akwa JOHNSON'S® Baby angu-16 abiza R250 iyinye - nge-postcard thumela igama lakho, ikheli nenombolo yocingo yasemini: BONA/JOHNSON'S® Baby Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe JOHNSONS ku-35919.
(I-SMS ngayinye ibiza R3.)
Njengoba bonke abazali bazi, izingane zidinga ukukhuthazwa kusukela ekuphumeni kwelanga liye liyoshona. Kodwa kunganzima ukuthokozisa ingane yakho ngemali ekalelwe. Nakhu okuthokozisayo okungabizi ongakwenza nengane yakho...
Ukufutha amabhamuza: Izingane ezincane ziyathanda ukujaha nokubamba zifuthe amagwebu. Udinga uketshezi lwensipho yokuwasha, amanzi, ukuxukuze zizidlalele nengane yakho.
Izitembu zezambane: Sika izambane libe wuhhafu bese ulikopolota wenze umhlobiso olula kulona. Yeka ingane yakho ilifake kupende bese ilicindezela ephepheni noma nizenzele ikhadi.
Yisikhathi sezindaba: Ukufunda ngenye yezinto ezilula ongathokozisa ngayo ingane yakho. Ungakwenza ikuthokozele lokhu ngokuba uyifundele ushintshe amazwi. Vakashela umtapo wezincwadi oseduze uyothatha izincwadi ezintsha ukuze usabalalise ukucabanga kwengane yakho.
Hlanganisa uxube: Bheka ekhabetheni lakho lasekhishini izinto ezimbalwa ongafaka kuzona njengamabhodlela kapulasitiki noma ojeke. Khipha izivalo umyeke abone ukuthi yikuphi okuhambisanayo.
Ibhokisi: Thatha ibhokisi lama-tissue elingenalutho ufake kulo amathoyizi amancane, i-facecloth, imbali nokunye. Cela ingane yakho ifake isandla izwe bese ivala amehlo ayo izame ukuqagela ukuthi yini eyibambile.
Fundani ngendlela yokuwasha: Thokozelani umsebenzi wasendlini. Mkhombise ukuthi uyihlela kanjani imibala. Mcele akusize ekufakeni izimpahla eziyimibala ehlukene emshinini wokuwasha.
Izitsha zezimbali: Tshela ingane yakho ifake inhlabathi esitsheni sezimbali, itshale imbewu bese ichelela. Lokhu kuzomenza abe nesibopho. Kuzothi lapho sekuqhakaza, naye akhombise injabulo.
Khempani ndawonye: Sebenzisani ubhulankethi omkhulu noma ishidi nezihlalo ezine noma itafula nakhe itende. Faka imicamelo, amathoyizi akhe ambalwa bese niyakhempa. Ngaphandle kokuthokozela lo mdlalo, uzomfundisa futhi ukusebenza.
Dansani: Awukho umdlalo olula odlula ukuzidansela nengane yakho. Faka umculo omnandi bese umbuka edansa. Mcele ashaye izandla noma ashaye izinyawo ndawonye. Mnike into azoyishaya ihambisane nomculo ukuze athokoze.
Nandini Naidoo [z]
