zulu.1116.bec feedback
Abakowamanqamu eBusiness Start-up Awards 2007
BONA ZULU – March 2008
September: UVusumuzi Mngcete waseBloemfontein ukhanda adayise izimpahla zikagesi. Usesebenze kule mboni iminyaka engaphezulu kuka-15.
March: UBuyani Mbongwe wavula ibhizinisi lokufuya izinkukhu nelokuphekela imicimbi yomphakathi eSeaview eThekwini. Manje ugxile kakhulu ekukhiqizeni i-toilet paper ayiphakela amabhizinisi amakhulu, amagalaji, amahhotela, izikole nezinye izikhungo eziseThekwini.
June: U-Valerie van Kramberg waseMidrand une-spaza shop. Udayisa amakota ezinkwa ze-bunny chow, ama-chips nezinye izidlo ezidingwa wumphakathi.
April: UYolisa Gatyana une-spaza shop ekhaya eMdantsane e-Eastern Cape. Usefuye nezinkukhu wasungula nohlelo lokubolekisa ngemali.
July: U-Gladys Jonas uliqhamukisa eVosloorus. Wavula i-educare centre ebizwa ngeMpumelelo Phambili Educare Centre ngomhlaka 8 January 1993 emva kokubona ukushoda kwezidingo zomphakathi wangakubo.
October: UBheka Ntsele wasePinetown unenkampani yokuthutha neyokushicilela. UBheka wafundela ukuba nguthisha kodwa lowo msebenzi wawushiya phansi ngo-2005 wavula ibhizinisi lakhe. Wathenga i-truck ngemali ye-provident fund – namuhla unama-truck amane.
November: U-Queen Hodi uliqhamukisa eNaturena kanti inkampani yakhe igxile ekuphekeleni imicimbi, ukuthutha nokuhlanza izindawo zomphakathi. Le nkampani isiza izinhlangano eziningi, kubandakanya nezinkampani ezincane namakhaya. [z]
May: U-Caroline Mabongola uliqhamukisa eMogale City. Unenkampani ephekela imicimbi. Ibhizinisi lakhe waliqala ngo-2004 kanti uphekela imishado namaphathi abolekise ngezitsha nezindwangu zamatafula. Ubuye ahlobise amatafula namatende uma kunemicimbi.
August: U-John Gama uhlala eMogale City kanti uyilungu lethimba elasungula iDesire Tours & Travel. Wavula ibhizinisi lakhe lezokuvakasha ngo-2006 wathenga iToyota Quantum entsha ceke kulowo nyaka.
