Zulu.1975.career
EHHOVISI
Indlela YOKUSEBENZISANA
UMA umqashi wakho engacabangi ukuthi ungumsebenzi obambisene nabanye, lokho kuchaza ukuthi ungumuntu ohlale ekhalaza nongakwazi ukwenza umsebenzi wakhe kahle. Ngakhoke uma ufuna ukuqhubeka emsebenzini wakho, khombisa abaphathi bakho ukuthi uyakwazi ukubambisana nabanye. Nansi indlela:
1 BAMBISANA NABANYE
Kufanele uzinikele ekubekeni izidingo zabanye ngaphambi kwezakho, usizo lapho kudingeka khona.
2 THUTHUKISA AMAKHONO OKUXHUMANA NABANTU
Lokhu kusho ukulalela ngokucophelela nokunakekela abanye. Lokhu kuzobakhombisa ukuthi uzimisele ngokusiza bese bekwethemba. Ngaso leso sikhathi, uzobona - ozakwenu bazofuna ukukusiza. Lokho yikona kubambisana.
3 YIBA UMXAZULULI WEZINKINGA
Umsebenzi oxazulula izinkinga uthathwa njengokhuthele kunalowo ozidalayo. Kuhle lokho. Uchwepheshe wezemisebenzi uJoel Osteen uthi: "Ungabekeli umqashi wakho izinkinga zakho ngaphandle kwezindlela zokuzixazulula".
4 HLONIPHA ABAPHATHI
Lokhu kusebenza nhlangothi zombili: Uma ufuna ukuhlonishwa, nawe hlonipha abanye. Gwema izingxabano, uziqhelanise nabantu abahlale behleba kabi ngabanye.
5 UNGAGWEGWESI
Uma unenkinga nomunye wozakwenu, yixazululeni nobabili. Ningamfaki umuntu wesithathu. (Isimo siyehluka uma kungukuhlukumeza kwangokocansi noma okunye okucishe kufane nalokho.)
6 SHIYA IZINKINGA ZOMNDENI EKHAYA
Ungafiki emsebenzini udiniwe. Akekho umuntu othanda abantu abahlale bekhala ngezinkinga zabo.
7 BENZE BAKUKHUMBULE.
Lokhu yikho okufanele uzimisele ngakho. Ukubaluleka kwakho makubenze bakukhumbule ngisho useholidini.
Indaba: Thandi Zulu
UMSEBENZI WAKHO
Qini-seka ukuthi uyakhu-njulwa uma unge-kho
5 IZINTO OKUNGAFANELE UZENZE
Ukushiya umsebenzi ngoba uthi abanye bazowenza.
Ukucela abanye bakwenzele usizo njengokubheka into ethile kwi-Internet ekubeni wena uhlale unesikhathi esiningi.
Ungaphazamisi abanye ngokulokhu ukhuluma ocingweni.
Ungalokhu ukhuluma izindaba ubheka abanye ukuthi benzani uhlale ngabo kubaphathi.
Ungahambe utshela abantu ukuthi yini okufanele bayenze.
Ungaba nempumelelo uze uthole nokuhlonishwa abanye uma ufunda ukukhuthaza, ukusebenza nokucobelelana ulwazi nabanye
ZIPHATHE
Owesimame usicebisa ngokuphu-melela
Cishe eminyakeni engu-10 eyedlule u-Ayanda Mbanga wabona isikhala sebhizinisi lakhe - kumanje yena nethimba lakhe bawina imiklomelo
AKEKHO omunye wesimame omnyama owenza lolu hlobo lwebhizinisi lokumaketha izinkampani - lokhu kwashintsha ngesikhathi kuqhamuka u-Ayanda Mbanga kule ndima.
"Esikhundleni qhakambise abafuna umsebenzi ezinkampanini - sisiza izinkampani ukuba zizimakethe kochwepheshe bemisebenzi nabayikhethayo imisebenzi abayenzayo," kuchaza le ntokazi eneminyaka engu-34, okumanje inkampani yayo isiwine imiklomelo engu-6 kwezamabhizinisi.
"Ngesikhathi ngiqala inkampani yami, sasibane kuphela, kodwa ngangithanda ukwenza noma yini - kusukela ekuyeni eposini kuya ekubhaleni izikhangiso nasekuxoxeni namakhasimende.
"Njengamanje sinabasebenzi abangu-34 namahhovisi eGoli, eCape Town naseThekwini."
Izeluleko zika-Ayanda zempumelelo:
Yiba nothando:
"Kuyiqiniso udinga uthando ukuze uphumelele ngoba uma ukuthanda okwenzayo, yikho okukwenza uvuke njalo ekuseni ngisho izinto zinzima."
Zilungiselele:
"Ukuba nebhizinisi lakho kukunika inkululeko ngakwezezimali kodwa kumele uzilungiselele ngokuzinikela".
Sebenzisisa:
"Njengoba emaningi kanjena amabhizinisi ancintisanayo, impumelelo ilele emkhiqizweni wakho oyikhwalithi."
Bekezela:
"Wonke umuntu ucwila avuke - kokunye uye ucwile ucabange ukuthi ngeke usavuka."
Bheka ithuba lakho:
"Isikhala engasibona eminyakeni elishumi eyedlule asisekho, ngakhoke kufanele sihlale sishintshashintsha ukuze sibheke phambili."
Indaba: Patricia McCracken
Isithombe: Peter Whitfield
THOLA LOWO MSEBENZI
ENZA ITOHO LAKHO LIBE WUMSEBENZI
Ungalenza itoho lakho libe ngumsebenzi ngokugcwele uma ungakwazi ukukhombisa inkampani yakho ngesikhathi esifushane ukuthi ubalulekile ngokusho kukaGayleen Baxter wabeKelly:
Zethembe:
Uzovelela kwabanye uma ukhombisa ukuzethemba, ukuzimisela ekwenzeni kangcono.
Thembeka:
Ungajahi isikhathi - sebenza wonke amahora agcwele nangaphezulu. Umphathi wakho mazise uma uthatha ilantshi ubuye kusenesikhathi esisasele.
Ukuvolontiya:
Ukuba yivolontiya lokuqala emisebenzini eqhamukayo kukhombisa ukuzinikela nokuzimisela ekufundeni konke ngomsebenzi - uma ukufunda ngokushesha, uzokuba wusizo olukhulu enkampanini.
Khuluma:
Zwakalisa umbono wakho. Ungawavumeli amathuba aqhamukayo akwedlule.
Ungaxhamazeli:
Ngezikhathi zebhizi khombisa ukuthi usebenza kahle ngaphansi kwesimo sengcindezi.
Zwakalisa izidingo zakho:Tshela umphathi wakho ukuthi ufuna ukusebenza ngokugcwele - kodwa ungalokhu umkhumbuza!
Khombisa ukuthi
udingekile:
Okwenzayo, kwenze ngokuzimisela ukhombise umphathi wakho ukuthi ungumuntu onekhono .
