zulu.196.boss
Owokufundisa izilimi
Ziqashe
indaba nguGRACE KHUZWAYO
izithombe nguBRETT FLORENS
EMVA kokusebenza njengothisha isikhathi esingaphezu kweminyaka elishumi, uMyma Ngwenya wabona kungcono ukuba agxile ekufundiseni isiZulu.
"Kwathi uma ngibuya elivini ngo-2002 ngabona ukuthi sekuyisikhathi sokuba ngivule ibhizinisi lami. Kwakungangihluphi ukuthatha kwami lesi sinyathelo ngoba ngangikholwa wukuthi siyohlala sikhona isikhala sothisha abaqeqeshiwe."
U-Myma waqamba ibhizinisi lakhe ngokuthi yiMuhle Training And Development wagcina esenohlu lwezinkampani neminyango kahulumeni eyayifuna ukuba afundise abasebenzi bayo ulimi lwesiZulu namasiko.
Njengamanje ufundisa abasebenzi base-EduOptions nabeKZN Business Training Centre. Kubafundi bakhe kwande abasebenzi abamhlophe namaNdiya kodwa kukhona nomfundi omnyama oliqhamukisa eMelika amfundisayo.
Uma ungena ekilasini efundisa uzwa abafundi bakhe behleka kuxoxwa ngesifundo. "Ngenza isiqiniseko sokuthi abafundi bami bathokozile uma kufundwa," kusho uMyma. "Kubalulekile ukuba nizwane nabafundi, nixoxe nangolimu obafundisa lona. Izindlela ezintsha zokufundisa zigxile kakhulu kubafundi kunakothisha.
"Kudingeka ukuba uchithe amahora amaningi uhlela isifundo sakho ngoba kufanele sizwakale kahle kubafundi. Izifundo zesiZulu zithatha amahora amabili ngesonto amasonto ayisishiyagalombili. Siqala ngokufunda ngezinto ezenzeka nsuku zonke, izinto ezenzeka emakhaya, ukusebenzisa ucingo nokunye."
U-Myma usanda kucelwa yiKZN Business Training Centre ukuba afundise abasebenzi bayo indlela ekahle yokusebenzisa amaholo abo. "Ziningi izinkampani esezithole ukuthi abasebenzi bazo banenkinga yokuphatha imali - kuthi kusaphele usuku umuntu eholile, acele ukubolekwa imali esesebenzise wonke umholo wakhe. Bagcina sebecwile ezikweletini komashonisa"
UKUQALA
Yiba nesitifiketi sokufundisa noma ulwazi lokufundisa.
Zethembe ube sesimweni sokufundisa abadala - kusukela kubasebenzi kuye kubaqondisi bezinkampani!
Yiba nolwazi ngekhomphyutha ube neyakho. Lokhu kuzokusiza uma uhlela izifundo zakho noma usuzethula.
Kungakusiza nokwazi isiNgisi nezinye izilimi ofuna ukuzifundisa, ukubekezela, ukwazi ngezinkampani, ukuba namancoko nokuthanda izifundo ozifundisayo.
Ukufundisa kudinga ukuzikhandla nokuzinikela. Udinga ukuchitha amahora amaningi uhlela izifundo zakho uqinisekise nokuthi awuphelelwa yimibono.
ONGABAFUNDISA
"Siyabadinga abantu abaqeqeshelwe ukufundisa abasebenzi bezinkampani izilimi," kusho kuvuma uNicky Lillywhite noJenny McGrath abangabanikazi beKZN Business Training Centre. "Othisha abafundisa abasebenzi bethu banamabhizinisi abo. Ngale ndlela akudingeki ukuba bagxile ekufundiseni abasebenzi benkampani eyodwa kanti bangazifunela izinkampani eziningi abangazisiza. Indlela enhle yokuzikhangisa eyokuzethula kuma-training centres angakini. Lungisa iCV yakho uchaze nokuthi yiluphi ulimi ozolufundisa bese uxhumana nezinkampani ngokuzishayela ucingo."
IMIHOLO
Akulula ukwazi ngoba kuya ngesibalo sezinkampani ezingamakhasimende akho, isifundo osifundisayo nokuthi usifundisa kangaki. Uma imali oyifunayo uyibala ngehora, kungenzeka uthole phakathi kuka-R150 no-R200 (nangaphezulu).
Ngezeluleko nokuxhaswa mayelana nokuvula ibhizinisi lakho, xhumana nabeSEDA (Small Business Development Agency - banamagatsha kulo lonke elaseSouth Africa) ku-0860-103-703 noma 012-441-1000, noma uye kwi-Website yabo ethi: www.seda.org.za [z]
Bayadingeka abantu abazofundisa izilimi zezinye izizwe, amasiko nesiNgisi ezinkampanini ukuze kusizakale abasebenzi...
NGENHLA: Ukufundisa kudinga ukuzinikela, uchithe amahora amaningi uzilungiselela - kusho uMyma.
KWESOKUDLA: "Ngenza isiqiniseko sokuthi abafundi bami bathokozile uma ngifundisa," kusho uMyma.
