zulu.1967.lettersaug_2
Ewine
Sonke
siyathinteka
I-HIV/AIDS iyingxenye yempilo yethu. Siyezwa ngayo kwiTV emisaka-zweni nasema-phepheni. Abanye bethu sibathinta kakhulu lesi sifo. Usizi oludalwa yisona lubhalwe ebusweni kubangani nabemindeni.
Abanye bayazifihla bangaphumeli obala ngaso.
Kuyethusa ukuthola ukuthi uHIV-positive, kodwa khumbula ukuthi lokho akusho ukuthi sekuphelile ngawe. Uma uzinakekela ungaphila isikhathi eside.
Thola ukwelulekwa ukuze wazi ukuthi yini ongayenza ukuze uphile kahle.
Njengoba sengike ngasho, sonke siyathinteka uma kukhulunywa ngeHIV/AIDS. Asingakukhohlwa lokho. Asingazikhohlisi ngokuthi lesi sifo asisoze sasithinta.
Asibanakekele sibasize abanaso.
DE Kau, Madikwe
u-R100
Bakwenzelani lokhu"
Amantombazane ashiya amakhaya awo ebusuku aye ema-tavern nasemashibhini ayophuza utshwala. Emva kwalokho adlala abafana abawathatha bahambe nawo.
Ngosuku olulandelayo avuka abe namahloni. Ayahamba aye esiteshini samaphoyisa athi adlwenguliwe. Abafana bayaboshwa emva kwalokho bagqunywe emajele.
Ngibhala le ncwadi ngoba abazali bami abasekho kanti ngondla umfowethu nomzala wami. Umzala wami lona wathi wadlwengulwa.
Ngafuna ummeli ngemadlana enganginayo kwavulwa icala kodwa umzala wami wathi akasafuni ukuya enkantolo.
Ngazenzela olwami uphenyo ngalithola iqiniso kubangani bakhe...
Abesilisa abavame ukuthweswa icala esimweni esinjengalesi!
MM Banda, Sundowner
UThola Umngani
Uma kukhulunywa ngodaba lweziboshwa ezifuna ukuthola abangani ephephabhukwini, ngicabanga ukuthi isiboshwa kumele sicacise ukuthi sifunani.
Ngabe sisuke sifuna uthando, noma sifuna abantu esizoxhumana nabo abangaphandle kwejele.
Angikholwa ukuthi ungamthanda umuntu ongakwazi ukumbona. Ungakhuluma nomuntu isikhathi eside ocingweni kodwa uma ungakaze umbone lowo muntu wachitha isikhathi naye, ngeke uthi uyamthanda.
Abantu abanabangani abayiziboshwa kumele babasize babakhuthaze ukuba bashintshe uma sebephumile ejele.
Luvo Makopo, Ugie
neziboshwa
Izincwadi
BONA ZULU - June 2006
Funda ukusebenza!
Impilo yayinzima emva kokuba ngiqede u-matric wami ngo-2003. Kwadingeka ukuba ngisebenze epulazini engangihola kulona u-R500 ngenyanga.
Ngazikhandla ngasebenzela ukusimamisa impilo yami. Ngazitshela ukuthi kulo mhlaba sinamathuba amahle okumele siwasebenzise.
Manje angisasebenzi epulazini kodwa ngicula umculo woKholo.
Nawe ungayiguqula impilo yakho!
TT, Gauteng
Sekwanele!
Yini abantu bangabi nozwelo. Busuke sebuyephi ubuntu uma amadoda ayisikhombisa ethumba abuye ashaye ingane eneminyaka engu-12 ngoba nakhu enye yawo ifuna ukushada naleyo ngane"
Masisigxeke kakhulu lesi senzo sikhumbule amasiko ethu.
Kuyophela nini lokhu kuhlukunyezwa kwezingane" Sekwanele! Izingane zethu ziyikusasa lethu kodwa zidlala abantu abanonya abazicabangela bodwa!
Uphi unembeza kulawa madoda" Izilwane zingcono kabi kunathi ngoba zinothando.
NM, Ledig
Zwakalisa uvo lwakho:
bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor,
Box 32083, Mobeni,
4060, South Africa
i-fax: 031-912-2720
i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
u
t
Kubo bonke omama abangabodwana
NGESIKHATHI ubaba wendodana yami engishiya ngikhulelwe ngaphelelwa amandla kodwa ngasukuma ngazimela.
Ngiyayithanda indodana yami. Iyisipho esingajabulisa noma yimuphi umama! Ungangamthanda kanjani umuntu omkhulelwe izinyanga eziyisishiyagalolunye"
Uma ucabanga ngengane yakho ukhohlwa nawubuhlungu owabuzwa mhla ulahlwa wuyise.
Ungayilahli ingane yakho!
Omama abafunde ukunakekela izingane zabo, bakhohlwe amasoka abo!
Nginalo isoka elifana 'nobaba' endodaneni yami kodwa nakhu engikwaziyo...
Amasoka ayasilahla, kodwa ingane yakho ayisoze yakulahla. Yinakekele uyinike uthando!
KK, Osizweni
ezidakamizweni
Izwe lethu libhekene nenkinga yezidakamizwa. Abazishushumbisayo sebethole ikhaya ezweni lethu kanti bacekela phansi isizwe.
Yintsha esengozini kakhulu ngoba izinguquko ebhekana nazo zenza kungabi lula ukuxazulula izinkinga. Ibona kuyizidakamizwa ezizoyisiza.
Ivuma nokukhohliswa abanye abayicindezela ngokuthi ayizisebenzise.
Izidakamizwa ngeke zikusize kodwa zizokufaka kwenkulu inkinga.
JT, Lynnville
BONA ZULU - June 2006
Ithi cha
Imfundisoze
ngeziboshwa
Uvo lwesiboshwa...
NGICELA unginike ithuba lokucacisela umphakathi ngemfundisoze onayo ngeziboshwa. Sezadlula lezo zinsuku lapho iziboshwa zazingayingeni eyokwakhiwa kwezimilo. Iziboshwa eziningi ziyazifuna izinhlelo zalolu hlobo. Siyalibonga ithuba lokufundiswa ngokuthi singaphila kanjani uma sesiphumile ejele. Angazi ukuthi iziboshwa zisuke zisagqunyelwani emajele uma sezifundiswe amaKhono okuziPhilisa, Ukulawula Ulaka nokunye. Ezinye azisayingeni eyezidakamizwa kanti ziyazi nangengozi yeHIV/AIDS.
Ezinye ziyizifundiswa kodwa zihleli emajele. Kusiza ngani ukugquma ejele umuntu owaboshwa engafundile kodwa ngenxa yokuziphatha kahle nokubekezela wazikhandla ngemfundo waze waphumelela"
Ngabe leso siboshwa asikakulungeli ukuphuma ejele" Ziningi iziboshwa ezenze konke okusemandleni azo zakhombisa ukuthi zikulungele ukunikwa elinye ithuba.
Amajele awamahle neze. Abantu bathi "siphila kamnandi," kodwa akunjalo. Iqiniso lithi, angikhululekile. Angikwazi ukuya lapho ngithanda khona noma ukudla engikuthandayo ngesikhathi engisithandayo.
Angikwazi nokuchitha isikhathi nabantu abanjengomndeni wami.
Akukho okumnandi uma uyisiboshwa. Ijele yindawo embi, uze ungakukhohlwa lokho.
Kudalwa yini ukuthi iziboshwa zingasheshi zidedelwe" Amabhodi anika iziboshwa ushwele makabheke ukuziphatha kwaleso naleso siboshwa. Phakathi kwethu kukhona abazimisele ngokuhlukana nemikhuba emibi.
Sifuna ukushintsha indlela esiziphatha ngayo sibe yizakhamizi eziwusizo. Ukugquma umuntu ejele isikhathi eside kudala izinkinga eziningi!
Uyayijezisa ingane yakho uma yonile. Kodwa kuyadlula. Isijeziso oyinika sona asithathi iminyaka. Nathi kumele sithole leyo mpatho. Sijeziseni kodwa nikhumbule ukuthi singabantu.
Yini uhulumeni angayilindela kubantu abaphuma ejele beneminyaka engu-50 noma 60" Ngeke aqhubeke nokuba ngumthwalo kahulumeni lowo muntu"
Angisho ukuthi iziboshwa akufanele zijeziswe. Asijeziswe kodwa sinikwe elinye ithuba - kuningi okuhle umphakathi ongakubona ngasohlangothini lweziboshwa okungawumangaza.
S Ntuli, Mangaung Maximum Security Prison [z]
Izincwadi
Ungasebenzisa
igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo yokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
