zulu.1963.hippo
Isilwane esimangalisayo
SIKWETHULELA uJessica imvubu ethanda ikhofi elinoshukela, inezinja ezingu-9 zohlobo lwama-bull terrier ezingabangani bayo kanti uma ilala embhedeni osesitubhini imbatha ubhulankethi o-pink.
UJessica eseyiwundlu watholakala osebeni lweSelati River eHoedspruit emva kwezikhukhula zango-2000.
Waphephiswa wanakekelwa nguTonie Joubert osebenza esiqiwini sezinyamazane ohlala eduze kwalo mfula. Uthi ekuqaleni wayecabanga ukuthi uJessica yingulube ngoba waye-pink enomlomo onwebekile. Wamthola inkaba yakhe isenomzanyana kanti isisindo sakhe sasingu-16kg.
Namuhla isisindo sikaJessica singu-900kg kanti ngosuku udla ukudla okungu-90kg.
"Ukhonze ukudla kwezinja namakinati. Uwukhonzile noletisi, ubhatata nommbila kanti uphuza ikhofi kabili ngosuku.
"Udlala emfuleni nezingane nezinja," kusho uJoubert.
Uma uJessica elambile akanqeni ukuvula isicabha ngomlomo angene endlini.
Emva kwalokho uya ekhishini afune ukudla kuShirley unkosikazi kaTonie.
Isibhunu
U-Jessica ubezwa kahle abakwaJoubert. Bakhuluma naye isiBhunu kanti uma uShirley ethi "bek, bek" (okusho umlomo), uJessica uvula umlomo wakhe adle.
Izinja zakwaJoubert ezingu-9 zizidlalela noJessica.
Uma kudingeka ukuba abakwaJoubert bahambe ekhaya, bafuna umuntu ozomgada.
Uma bebuya, uJessica uyafa yinjabulo kanti uvame ukuma ngaphandle efasiteleni legumbi labo lokulala ekuseni amemeze efuna ukuba bavuke.
Abasamlalisi endlini ngoba ugibela emibhedeni ayiphule.
Unogazi
U-Jessica unogazi kangangoba uJean Mortlock ongumthwebuli wezithombe zakwaBONA wehluleka wukuzibamba wangena naye emfuleni wamqabula.
"Uyathandeka. Unomlomo omkhulu kanti isikhumba sakhe siqinile sibushelelezi," kusho uMortlock.
Wathatheka kakhulu ngesikhathi uJessica emamathekela ukuthwetshulwa isithombe.AbakwaJoubert bamphathisa okwengane yabo uJessica kanti bambiza nge "ndodakazi" yabo.
"Siyazithanda izilwane. U-Jessica akasafani nezilwane zasendle, ufana nezingane zethu," kusho uTonie.
"Unabangani abangamaduna abathathu abahlale bemvakashela nsuku zonke edamini. Ngiyasola ukuthi sizohlala manje isisu kuyena," kusho uTonie.
Abavakashi sebeyazi ngoJessica kanti uma bevakashile bacelwa ukuba bakhiphe umnikelo ka-R50 umuntu emunye ngoba kuyabiza ukumondla uJessica.
U-Jessica uneWebsite yakhe ethi www.jessicahippo.com kanti uma emitha, abakwaJoubert bayokuqopha lokho bakufake kwiWebsite.[z]
African Eye News Service
BONA ZULU - September 2007
Igama layo nguJessica kanti le mvubu ayiziphathisi okwesilwane!
Ngisizeni bo! Kukhona imvubu
ekhaya lami!
NGENHLA: Ake ubheke amazinyo! AbakwaJoubert bathi uJessica ubathathisa okwabangani bakhe abantu!
ESIKHULU:U-Tonie ephuzisa uJessica ikhofi - isiphuzo asikhonzile!
KWESOBUNXELE: Eqabula ku "mama".
BONA ZULU - September 2007
NGENHLA: U-Jessica noShirley Joubert behleli lapho kulala khona le mvubu.
indaba nguTHABISILE KHOZA/AENS
izithombe nguJEAN MORTLOCK
u
t
BONA ZULU - September 2007
UTHI UBUWAZI"
Izimvubu zithathwa njengezilwane eziyingozi kakhulu e-Africa ngenxa yesibalo sabantu ababulawa yizo minyaka yonke!
Izimvubu zidla imifino kanti abantu azibabulaleli ukubadla. Zihlasela uma kukhona okuzithusayo, njengokuvinjwa wumuntu ezimbona uma zifuna ukuya emfuleni noma uma zifuna ukuphephisa amawundlu azo.
Kodwa njengoba uJessica ekhuliswe abantu, ucabanga ukuthi bangabangani bakhe.
"Izingane ziyamthanda kanti zihlale zifuna ukudlala naye uma zivakashile. U-Jessica akakaze alimaze muntu," kusho uTonie Joubert "ubaba" wakhe oziqhenyayo ngaye.
NGENHLA: Aaah! Kumnandi ukuphila!
KWESO-BUNXELE:Imvubu ezifelayo ngokudla - idla amakinati nokudla kwezinja.
538/539
541
544
454
U-Jessica nabangani bakhe.
461
472
U-Jessica udla ukudla okungu-90kg ngosuku.
474/560
490
550
"Abazali" abaziqhenyayo, uShirley noTonie Joubert.
