ZULU.1958.muthi
EMVA kokushaya amathambo nokuchaza ukuthi asho ukuthini, inyanga yamemeza yathi "Vumani bo"" Abantu baphendula bathi "Siyavuma!"
Okushiwo amathambo kuba yisifuba esambulelwa lowo obhulelwayo kuphela. Akufanele lokho okuphume emhlahlweni kusetshenziselwe ukusabisa abanye abantu.
Ngako kusuke kuhloswe ukuthi obhulelwayo abe nolwazi ngokwenzeka empilweni yakhe nokuthi angasilungisa kanjani isimo. Lokho kusiza nowelaphayo ukuze azi ukuthi yini okumele amsize ngayo ambhulelayo.
Ngabe abafuna usizo lokubhulelwa bayakwazi ukukugcina kuyisifuba abakuzwe ngenyanga" Impendulo kulowo mbuzo ithi CHA!
Uma izinto zingahambi kahle empilweni sivame ukukhomba abanye abantu sithi yibona abayimbangela yalezo zinkinga.
Sisheshe sibanuke abantu uzwe umuntu ekhala ngokuthi "ungithakathile".
Umuntu usuke ekuthathaphi lokho" Usuke ekuzwe ngenyanga noma isangoma.
Kokunye abantu abanuka abanye ngalolu hlobo basuke bengazange balubhade nakuleyo nyanga. Basuke bezama ukuhlupha lowo muntu abahilizisane naye.
Ngabe kuyiqiniso ukuthi uma izinto zingasihambeli kahle noma kukhona ogulayo bese sikhala ngokuthi sithakathiwe"
Kulula ukunuka abanye abantu. Abantu abaqondi ukuthi izinkinga ziyohlale zikhona empilweni.
Okudabukisayo wukuthi yize noma umbuso wentando yeningi udlale indima emqoka ngokusinika amalungelo ethu, kusekhona labo abawasebenzisela ukufeza izinjongo zabo.
Ngesikhathi izinyanya zethu zizitika ngentando yeningi ezayinikwa nguMdali bengakafiki abasentshonalanga, umuntu wayengahambi enuka abanye.
Kwakuba yinkantolo yesizwe eyayixazulula lawo macala kubizwe ofakazi kuphoqwe nalowo ovule icala ukuba abe nobufakazi obuphathekayo. Izinyanga nazo zazazi ukuthi kumele zenze ubulungiswa uma zinika ababhulelwayo incazelo abayidingayo ngoba nazo zazibizwa ukuba ziyoziphendulela kulezo zinkantolo.
Namuhla abantu abakhohlakele bazithathela isinqumo ngokwabo.
Enye intokazi eneminyaka engu-23 yathi yaphelelwa umsebenzi wokufundisa emva kokunukwa ngokuthi iyathakatha.
"Lawo mahlebezi afafazwa umuntu oyedwa. Lokho kwangiphatha kabi ngoba angazi lutho ngokuthakatha. Ngakhishwa inyumbazana, ngahlekwa abangani bami bahleba ngami," kusho yona.
"Ngabona kungcono ukuba ngiyeke ukusebenza.
"Angizange ngisikhohlwe leso sigameko esangihlukumeza kakhulu empilweni. Ngathola ukwelulekwa ngelashelwa nokukhandleka kwengqondo."
Le ntokazi yayifundisa ekolishi. Omunye kwababengabangani bayo wayibona ingaphakathi ekolishi. "Watshela udadewabo owayefunda kulelo kolishi ukuthi ngiyathakatha. Udadewabo wafafaza lawo mahlebezi."
Ngenhlanhla, baba khona abamkholwa bameseka.
"Ukunukwa ngokuthi ngiyathakatha sekwehlukanise nomndeni wami," kubhala omunye wesimame.
"Uma kukhona ophethwe yizinyo noma umkhuhlane kunukwa mina.
"Ngisho nomama ongizalayo uhlangene nezitha zami.
"Ngineminyaka engu-24 kanti angikaze ngiye enyangeni noma esangomeni futhi angazi nokuthi utikoloshe noma impundulu kubukeka kanjani."
Abanye abantu bayabulawa ngenxa yamahlebezi anjengalawa.
ELimpopo kusanda kushiswa abantu abangenacala beboshelwe ezingodweni. Babebekwe icala lokuthumela umphezulu komunye umuzi okwasha abantu kuwona emva kokushaywa yizulu.
E-Northwest Province owesimame wasatshiswa wahlukunyezwa emva kokuba indodana yakhe ifike ekhaya nenkawu eyayizozifuyela yona.
Kwathiwa lowo wesimame usebenzisa leyo nkawu uma ethakatha komakhelwane bakhe!
Ngabe uyakholelwa kubathakathi" Uma kunjalo, khumbula ukuthi abathakathi bangamaqili. Bheka labo abanuka abanye ngokuthakatha. Yini ebenza babe nalezo zinsolo" Iyini imfihlo yabo"
Ungabakholwa labo bantu! Kungenzeka ukuthi awumthandi onukwayo kodwa bhasobha, kuzonukwa wena kusasa. [z]
40 BONA ZULU - February 2006
Ezemithi yesintu
nguFORCE KHASHANE
Ngabe ungumthakathi"
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
