zulu.1956.beauty
Ezobuhle
KUSEMQOKA ukuthi owesimame azicwale ukuze abukeke emusha enempilo. Sebenzisa lo mhlahlandlela ukuze uthole ukuthi yini okumele uyazi nokumele uyenze.
Yazi isikhumba sakho
Ngabe somile noma asinamanzi"
Iningi lethu aliwazi umehluko phakathi kwesikhumba esingenamanzi nesomile.
Isikhumba esomile sishoda ngowoyela kanti siyeluma, asiphefumuli uma singaswakeme. Isikhumba esingenamanzi sisheshe sibe ngcono ngoba sisuke sishoda ngomswakama ngenxa yesimo sezulu esingesihle, ukudla okungenamsoco, ukugula noma ukwenza okungafanele esikhumbeni. Nesikhumba esinowoyela singabukeka singenamanzi.
Ukuze uthole ukuthi isikhumba asishodi yini ngamanzi, beka umunwe ngaphezulu komhlathi ucindezele isihlathi kahle. Uma kushwabana ngenhla kwalapho ucindezele khona, kusho ukuthi isikhumba sakho asinawo amanzi.
Ngabe sinowoyela noma sonakele"
Isikhumba esinowoyela sivame ukuba neziqu zoboya ezinkulu, sibukeke sicwebezela emini ngenxa yokukhiqizeka kukawoyela. Izindaba ezimnandi kubantu abanalolu hlobo lwesikhumba wukuthi asisheshi ukushwabana, kanti ezimbi wukuthi siba namabala kalula.
Uma isikhumba sakho sinowoyela namabala kodwa iziqu zoboya zingavulekile, kungenzeka ukuthi lokho kudalwa yi-stress. Uguquko olubonakala ngokushesha esikhumbeni kungenzeka kube wukuthi ludalwa wukungahleleki kahle kwama-hormone, yi-stress nokusetshenziswa kwemikhiqizo yobuhle ngendlela engafanele.
Ngabe siyazwela"
Uma unesikhumba esizwelayo bheka imikhiqizo yabanesikhumba esizwelayo.
Isikhumba singazwela uma isimo sezulu sisibi noma uma usebenzisa imikhiqizo engacolisekile. Isikhumba sakho singaba namabala abomvu sishoshozele uma usigcoba.
Ngabe sixubile"
Isikhumba esixubile siba nowoyela esiphongweni, ekhaleni nasesilevini kome nasezidlathini. Kukhona imikhiqizo esiza esikhumbeni esomiswe yi-air-conditioner, umswakama, izinguquko kuma-hormone noma yi-stress, ngakhoke thola izeluleko kuchwepheshe wezobuhle.
Qala ngalokhu
Sihlanze, usithambise usiswakamise isikhumba.
Okokusihlanza
Uma ufuna ukuba nesikhumba esinempilo esiqhakazile, kubalulekile ukusihlanza. Geza ukuze kusuke i-make-up nokungcola. Uhlobo lwesihlanzi osisebenzisayo luzoya ngohlobo lwesikhumba sakho. Izihlanzi eziwukhilimu zilungele isikhumba esomile esizwelayo, izihlanzi eziyi-gel zikahle esikhumbeni esomile nesixubile, isikhumba esinowoyela sizwana nezihlanzi ezinamagwebu.
Ungabugezi ubuso ngensipho ngoba isusa okuvikela isikhumba kanti ishiya nensila esikhumbeni. Uma ugeza ubuso, bugeze ngezihlanzi zobuso ezi-pH-balanced. Uma ubuso busala buqinile bomile emva kokubugeza, bugeze ngokusakhilimu.
Okokuthambisa isikhumba
Kunenkulumo-mpikiswano mayelana nokuthi ngabe izithambisi zisemqoka yini nokuthi ngabe "ziyazivala yini iziqu zoboya." Kodwa ziyakususa ukungcola okusala emva kokusihlanza zenze ukuba isikhumba silungele isiswakamisi.
Isizathu esenza kube kuhle ukusebenzisa izithambisi wukuthi zisiphatha kahle isikhumba.
Iziswakamisi
Isikhumba sakho siyawugcina umswakama kanti isiswakamisi senzelwe ukuvikela lokho.
Iziswakamisi zenza okungaphezu kokugcina isikhumba simanzi, ngakhoke khetha ezizozwana nawe.
Izithako ezisemqoka yilezo ezidambisa ukushwabana kwesikhumba (bheka u-vitamin A, C no-E, okukhishwe kwi-green tea nakwi-grape seed). Izithako ezitholakala ku-vitamin A zisewusizo.
Okokuvikela isikhumba elangeni kusemqoka - ilanga liyasona isikhumba. Isikhumba esimnyama asikuzweli ukushisa kodwa siyonakala. Isiswakamisi esinjengeSPF15 siyatuseka. Ungasisebenzisa nasebusika.
BONA ZULU - December 2006
Isikhumba sakho ngeke sibe sihle uma ungathokozile. Yazi uhlobo lwesikhumba sakho nokuthi ungasilungisa kanjani
Ubuso obuhle, nesikhumba
esihle
Izeluleko eziwusizo
n Khumbula ungasebenzisi imikhiqizo eminingi esikhumbeni.
n Amehlo. Amehlo adinga ukunakekelwa ukuze isikhumba singashwabani. Isikhumba esisemehlweni siyazwela kanti sinezindlala ezinowoyela ezincane ezimbalwa. Kuhle usebenzise ukhilimu noma i-gel kule ndawo ngoba isiswakamisi sinamandla kakhulu. Ikhona imikhiqizo engakusiza uma ufuna ukufihla ukudumba kwesikhumba nokushwabana isikhumba siqine kahle.
n Ukhilimu wasebusuku. Ngokunakekela isikhumba emini usuke usivikela kodwa sidinga ukuvuseleleka. Ama-cells asebenza ngamandla isikhumba sibe nezinguquko ezibandakanya ukuphela kwamanzi.
Okhilimu basebusuku babhekana nalezo zinguquko kanti basiza ngokulungiselela isikhumba ukuze sibhekane nosuku olulandelayo.
n Ama-mask nokwesikhumba esixebukayo. Ukusebenzisa i-scrub kanye ngesonto kungasiza ngoba isikhumba siyaxebuka emva kwezinsuku ezingu-28.
Ngokusebenzisa i-scrub, kusuka isikhumba esonakele ibala lakho ligqame kahle.
Ama-mask asihlanza kahle isikhumba kanti ungayithola engaxazulula inkinga yakho. Kulawo angakusiza kukhona i-clay ne-hydrating mask. [z]
BONA ZULU - December 2006
nguCHRISTINE HAMMANN
isithombe nguPETER HOOPER
umkhangisi nguNOXOLO wakwa-Ice
i-make-up nguCATHERINE wakwaMuse
